Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 3/1 kk. 30-31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Ukuqonda Esiyikho’—Ngesikhathi Sesikhumbuzo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • ‘Yenzani Lokhu Ukuze Ningikhumbule’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Kungani Kufanele Sigubhe ISidlo SeNkosi Sakusihlwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • “Ezinye Izimvu” NeSidlo SeNkosi Sakusihlwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 3/1 kk. 30-31

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Yini okumelwe isetshenziselwe izifanekiselo emkhosini weSidlo SeNkosi Sakusihlwa, futhi lezizifanekiselo kumelwe ziphathwe kanjani?

Ukugujwa kwesidlo SeNkosi Sakusihlwa (iSikhumbuzo) okuba kanye ngonyaka yiwona mkhosi kuphela amaKristu ayalwe ngokomBhalo ukuba awugcine. UJesu wawumisa ngobusuku bukaNisan 14, 33 C.E., ngemva kokugubha iPhasika lamaJuda. Phambi kwakhe kwakunokudla okuhlukahlukene okwakusetshenziswa esidlweni sePhasika. Indaba ekuLuka ithi:

“[UJesu] wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule. Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”—Luka 22:19, 20.

UNkulunkulu wayala amaJuda ukuba asebenzise “isinkwa esingenamvubelo” phakathi nePhasika. (Eksodusi 12:8) Kanjalo ‘izinkwa’ ezaziphambi kukaJesu zazingenamvubelo. Zazenziwe ngofulawa kakolo ongafakwe sawoti noma ezinye izinongo, ngoba zazimelela “isinkwa senhlupheko.”—Duteronomi 16:3.

OFakazi BakaJehova namuhla basebenzisa “isinkwa” esifanayo. Kwezinye izimo isinkwa samaJuda esingenamvubelo sasithengwa futhi sisetshenziswe, kunakekelwa ukuba kutholakale isinkwa esingafakwanga lutho, njengoanyanisi, imvubelo noma amaqanda. Isinkwa esiyisicaba, nesomile, esinganongiwe siyafaneleka. Noma kungenziwa isinkwa esingenamvubelo. Isilinganiso esincane sikafulawaa kakolo singahlanganiswa namanzi amancane. Inhlama emanzi kancane iyacabaywa bese ibhakwa ngocwecwe oluyisicaba (olufakwe amafutha kancane) kuze kube yilapho isinkwa sesomile futhi sikhumuzela.

Kuthiwani ngesinye isifanekiselo? Ekhulwini lokuqala C.E. amaJuda ayesemukele ukusetshenziswa kwewayini esidlweni sePhasika. UJesu wakhuluma ngo“kwesithelo somvini” okwakusetshenziswa kulowomkhosi. (Luka 22:18) Abanye abantu bathi uJesu wayengakhulumi ngewayini kodwa wayekhuluma ngoketshezi olungenambiliso lwamagilebhisi. Nokho, uketshezi lwamagilebhisi olungafakwe lutho lwalungenakuhlala lungabili kusukela esivunweni sasekwindla kuze kube ngePhasika entwasahlobo, ngakho uJesu kumelwe ukuba wayesho iwayini. Iwayini elibomvu lamagilebhisi laliyolimelela ngokufanele igazi likaJesu. Njengoba “igazi elinqabileyo” likaKristu lalilingene ngokugcwele, eSikhumbuzweni kungaba okungafanelekile ukusebenzisa iwayini elifakwe noma elixutshwe nebrandy, njengesherry, i“port” ne“mascatel,” noma ezinye izinhlobo zamawayini “ezimnandi.” (1 Petru 1:19) Futhi kungaba okungafanelekile ukusebenzisa iwayini elinezinongo noma elinezelwe amakhambi, njenge“vermouth” ne“Dubonnet,” noma amanye ama“appetizer” noma amawayini “okuvula inhliziyo” ngaphambi kokudla. Kunalokho, iwayini elibomvu elingafakwanga lutho lokunandisa njenge“Chianti,” i“Burgundy” noma i“claret” liyafaneleka, noma iwayini elibomvu elenziwe ekhaya elingafakwanga lutho.

Abadala ebandleni loFakazi BakaJehova kumelwe bahlele kusengaphambili ukuba bathole isinkwa esingenamvubelo newayini elibomvu, bahlole ukuze baqiniseke ukuthi abakutholayo kuyafaneleka. Ezinsukwini ezingemva kokugujwa kwesidlo SeNkosi Sakusihlwa akukho sidingo sokubheka isinkwa esisele newayini njengokukhethekile noma okungcwele, ngoba kusalokhu kuwukudla okuvamile. Futhi, akukho sizathu sokugcina ibhodlela elithile lewayini unyaka nonyaka ngenxa yomkhosi, ngaphandle kokuba ubunzima bokuthola iwayini elifanelekayo kwenza kube ukuhlakanipha.

Abanye abantu, uma benikezwa izifanekiselo phakathi nomkhosi weSikhumbuzo, abambalwa baye benza sengathi lezinto zinamandla akhethekile. Ngokwesibonelo, abantu baye bagobisa amakhanda abo ngamabomu noma bahogela izifanekiselo. Lokhu akufanelekile.

Phakathi nomkhosi weSidlo SeNkosi Sakusihlwa, isinkwa newayini kuyizifanekiselo zomzimba kaJesu wenyama negazi lakhe eliyigugu. (Mathewu 26:26-28) Ngakho-ke, njengoba kudluliswa, umuntu ngamunye kumelwe anikeze ukunakekela kokuhlonipha kulokho isinkwa newayini okukumelelayo. Labo ezilalelini abangadli bangase nje badlulisele ipuleti nengilazi kumuntu olandelayo, bekhumbula ngokuyinhloko umhlatshelo kaJesu, ongasibekela izono zethu futhi wenze sibe nethemba lokuphila okuphakade.—1 Johane 2:2; 1 Korinte 11:23-26.

[Umbhalo waphansi]

a Kuncomeka ufulawa kakolo, ngoba yiwo owawusetshenziswa amaJuda esinkweni sawo esingenamvumbelo. Kodwa uma kunzima ukuthola ufulawa kakolo, kungasetshenziswa “isinkwa” esingenamvubelo esenziwe ngofulawa werayisi, amabele noma okunye okusanhlamvu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela