Amatekisi Ezinsuku ZikaMarch, 1984
1 Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima.—2 Thim. 3:1. wZU 1/1/84 1, 2
2 Kwathi emva kwalezo zinsuku ezintathu nenxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo; base bema ngezinyawo zabo, . . . bezwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi kubo: Yenyukelani lapha.—IsAm. 11:11, 12. wZU 12/15/83 4, 7, 8a
3 Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelogama.—IzE. 5:41. wZU 9/15/83 14-16
4 Kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.—1 Thes. 2:13. wZU 12/1/83 19, 20a
5 Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke.—Heb. 13:4. wZU 11/15/83 2-4
6 Ngithokozile kakhulu, ngokuba kubantwana bakho ngifumene abahamba eqinisweni, njengalokho samukele umyalo kuBaba.—2 Joh. 4. wZU 10/1/83 9, 10
7 Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba-njalo ukufika kweNdodana yomuntu. . . . Abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke.—Math. 24:37, 39. wZU 1/1/84 10
8 Baminyaniswe ngeminako nengcebo nezinjabulo zokuphila, bangatheli izithelo ezivuthiwe.—Luka 8:14. wZU 7/1/83 4, 5a
9 Nina enithanda uJehova zondani okubi.—IHu. 97:10. wZU 9/15/83 11-13b
10 UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba . . . ngimemezele . . . usuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu.—Isaya 61:1, 2. wZU 7/15/83 11, 12
11 Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.—Math. 6:33. wZU 10/15/83 17-19a
12 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe-nethemba.—Roma 15:4. wZU 7/15/83 1-3a
13 Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba, kepha izilimi zabahlakaniphileyo ziyimpiliso.—IzAga 12:18. wZU 11/15/83 17, 18
14 Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo, funa mhlawumbe sikhukhulwe.—Heb. 2:1. wZU 7/1/83 12, 13
15 Ningaphindiseli-muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaziphindiseli nina-bathandwa, kodwa dedelani ulaka.—Roma 12:17-19. wZU 1/1/84 17a