Ukubonga Ngokuphila Okujabulisayo Kwenkonzo
Njengoba ilandiswa uJohn Booth
NGO-OCTOBER 1921 inkulumo ethi “Izigidi Manje Eziphilayo Azisoze Zafa” kwamenyezelwa ukuthi izonikezwa ehholo ledolobha lakithi eWallkill, eNew York. Naphezu kokulangazela kwethu, akukho noyedwa emkhayeni wakithi owaya khona. Nokho, ngabhala ngacela izincwadi ezazibhalwe esimemweni. Lapho kufika incwajana ethi What Say the Scriptures About Hell? nencwadi ethi The Divine Plan of the Ages, zombili ezazibhalwe uC. T. Russell, zaziheha kangangokuba ngangingakwazi nokuzibeka phansi.
Ngasekuqaleni kwalowonyaka ngangithole iziqu zesikole esiphakeme, futhi ngangifuna injongo ekuphileni. Umkhaya wethu wawukholwa futhi uya njalo eSontweni laseDutch Reformed engangikhonza kulo njengothisha kaSonto-sikole. Umfundisi wafuna ukuba ngiye ekholiji futhi ngifundele ubufundisi, kodwa lokhu akungikhanganga ngoba kimi kwakubonakala sengathi abefundisi babephila ukuphila kobugovu. Kodwa ngangifuna ukusiza isintu, ngakho ngacabanga ukuthi kwakuyoba kuhle ukuba yisithunywa sevangeli kwamanye amazwe.
Lapho ngizwa ukuthi abaFundi BeBhayibheli (njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngalesosikhathi) babehlanganyela kuphi, ihlobo elilandelayo langithola ngihamba amakhilomitha angama-24 ngebhayisikili lami ngiya emhlanganweni eNewburgh, eNew York. Khona-ke, lapho umfundisi wesonto lakithi enikeza intshumayelo “ngesihogo” leyo eyaphambana nemfundiso yeBhayibheli yokuthi abafileyo abezwa lutho, sobabili nomama sasula. (UmShumayeli 9:5, 10) Ubaba, nakuba ayezijabulela izincwadi zethu zeBhayibheli, waqhubeka nesonto akhulela kulo. Ngakolunye uhlangothi, abafowethu ababili nodadewethu abathathu, ekugcineni, nabo baba oFakazi.
Umsebenzi Esiqhingini SaseStaten
Phakathi nehlobo lika-1923 ngamukela isimemo sokusiza ekwakhiweni kwesiteshi esisha somsakazo weWatchtower Society iWBBR esiqhingini saseStaten. Phakathi kwalabo ababesuka endlunkulu eBrooklyn ukuzosiza ngezimpelasonto kwakunguNathan H. Knorr, owayeneminyaka eyi-18 ubudala, ngo-1942 owaba umongameli wesithathu weWatch Tower Society. Kwakungesikhathi ngisasebenza lapho futhi ngisemhlanganweni owawuseNew York City lapho ngabhapathizwa khona ngo-October 19, 1923. Kwakuyithuba lami lokuqala lokubonakalisa ukuzinikezela kwami kokukhonza uJehova uNkulunkulu.
Ngalobobusika ngabuyela ekhaya ukuze ngisebenze epulazini lakithi elincane lobisi eduze naseWallkill, kodwa entwasahlobo ngase ngibuyele esiqhingini saseStaten ukuba ngiyokwenza umsebenzi wokuhlolwa kwezwe nokwakhiwa kwemigwaqo. Njengoba isabelo sami somsebenzi wesikhashana sasiseduze nokuphela, abaningi babelungiselela ukuya emhlanganweni omkhulu owawuseColumbus, eOhio, ngoJuly 1924. Kwakuyilungelo kimi ukuya kuwo nomkhaya wasendlunkulu ngesitimela esikhethekile. Kulomhlangano wonke amalungu amabandla ahlelelwa ukushumayela endlini ngendlu.
Ukushumayela Endaweni YaseWallkill
Ekubuyeleni eColombus, ngaqala ukufakaza epulazini lakithi, endaweni lapho amaPulazi eWatchtower ekhona manje. Ekuqaleni ngayihlanganisa insimu ngebhayisikili, kodwa ngabe sengithenga iModel T Ford ngayisebenzisa ekusebenzeni insimu ekude kakhulu. Lapho kukhishwa incwadi ethi Deliverance ikhishwa ngo-1926 ngahlela isifundo seBhayibheli komunye wemikhaya eScotts Corners, eduze naseWalden. Abanye ababa khona lapho benza intuthuko futhi kamuva baba oFakazi.
Ngangiba khona njalo nomkhaya wami emihlanganweni eNewburgh. Lapho imihlangano eyayiba phakathi nesonto yoMthandazo, yokuDumisa nokuFakaza ekugcineni ishintshelwa ukuba uMhlangano Wenkonzo, kanjalo igcizelela inkonzo yethu yendlu ngendlu, abambalwa abakuthandanga lokhu. Kodwa ngathokoza ngokugcizelelwa kokusakaza isigijimi soMbuso ngalendlela yabaphostoli. (IzEnzo 20:20) NgoApril 1928 ngaqala ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela njengephayona elivamile.
Ukushumayela ENingizimu
Kwakuyinto evamile ngaleyominyaka ukuba amaphayona asebenze insimu esenyakatho ehlobo kuthi ebusika afakaze eningizimu. Ngakho phakathi nobusika buka-1928 kuya ku-1935 mina nengangiphayona naye uRudolph Abbuhl sasebenza emazweni aseVirginia, eNtshonalanga Virginia, eNyakatho Carolina, eGeorgia, eTennessee naseKentucky.
Ukufakaza eningizimu ngaleyominyaka kwakungokuhlangenwe nakho okungakhohlakali. Ngokuvamile kwakunemigwaqo embalwa eyayilungiswe kahle, futhi saba ngompetha bokwazi ukuthi singahamba kangakanani ngaphandle kokuba sizichome emadwaleni noma sibhajwe odakeni. Sasihamba amabanga amade njengoba abantu abaningi babehlala ezindaweni lapho izimoto zazingenakuhamba khona.
Ezindaweni zasemaphandleni abantu ngokuvamile babempofu futhi bengenazo izinto eziwusizo zesimanje. Eqinisweni, ezingxenyeni zaseKentucky kwakugcwele izinqola ezenziwe ngezingodo futhi kwakusasetshenziswa imishini yesandla yokwenza izindwangu. Ukuphila kwakungashintshanga kakhulu kusukela ezinsukwini zikaDaniel Boone, eminyakeni ecishe ibe yi-150 ngaphambili.
Ukuze sithole indawo yokuhlala sasiqasha ikamelo, ngokuvamile elalingaba u-R10 (S.A.) ngenyanga. Ngezinye izikhathi, nokho, sasihlala emakhaya abantu bakulezozindawo, sikhokhe imali engange-R1 ngobusuku kuhlanganise nokudla. Ezikhathini eziningi sasithola umame owayekhokhela izincwadi zethu ngokusiwashela. Njengoba abantu babenemali encane, izincwadi eziningi zethu sasizihambisa ngokuhwebelana ngokudla.
Umame wekhaya ngokuvamile wayethi, “Ningathola isikhukhukazi uma ningakwazi ukusibamba.” Sasikulungele, siphethe indlwanyana encane yezinkukhu ngemuva emotweni. Sisebenzisa ucingo olunengwegwe, saba ompetha ekubambeni izinkukhu ngomlenze. Sasishintshiselana futhi nangamaqanda, kodwa futhi sasihwebelana nangazo zonke izinhlobo zezithelo ezigcinwa emabhodleleni. Izinto esasingenakuzisebenzisa ngokwethu sasizithengisa ukuze sithenge upetroli. Kunesikhathi lapho sase sinomzila ovamile wokuthengisela amakhefi izinto esasihwebelane ngazo ngezincwadi.
Ukuzuza ukwethenjwa ngabantu kwasisiza ukuba sinqobe ukuphikiswa nobunzima. Lesi kwakuyisimo esasiseCleveland, eGeorgia, lapho ummeli, futhi owayenguthisha kaSonto-sikole esibopha ngecala lokuthengisa ngaphandle kwemvume. Abantu abaningana beza ukuzosikhulumela ecaleni, kuhlanganise nendoda yomuzi esasihlala kuwo. Lapho sesichaza isimo somsebenzi wethu, icala lachithwa futhi baxolisa kithi.
Emagqumeni aseduze neFerrum, eVirginia, njengakwezinye izindawo, kwakungumkhuba wakhona ukwenza utshwala ngokungemthetho. Amadoda ahlomile ayelinda lemishini kagologo, futhi akukho sihambi esasivunyelwe kulendawo. Kodwa, ngaphandle kokuqaphela, sasizuze ukuthenjwa ngabantu futhi umbiko omuhle wawusungaphambili. Kanjalo sakwazi ukufakaza kulendawo ngaphandle kokuphazanyiswa noma ingozi. Sathola omunye wesifazane, ngenxa yokulalela izinhlelo zethu zomsakazo, owayethole izincwadi futhi owayebonisa ukwazisa kwakhe ngokukhuluma kwabanye ngezinto ayezifundile. Kamuva wabhapathizwa futhi wayenguFakazi othembekile iminyaka eminingi.
Lapho sisezweni laseHarlan, eKentucky, yayaziwa ngokuthi iHarlan yegazi, futhi ngesizathu esihle. Abantu babenezibhamu futhi babezisebenzisa. Ngesinye isikhathi engangiphayona naye uRaymond Hall wadutshulwa ehlombe amanye amadoda ngokusobala ayefuna ukumthusa nje. Esibhedlela esamyisa kuso ukuba ayokwelashwa abazange babuze mibuzo; amanxeba anjalo kwakuyinto evamile. Ngemva kokufakaza kuleyonsimu, sawukholelwa umbiko wokuthi amaphoyisa aphethe isifunda ayisishiyagalombili angamanxusa namanye acishe abe yikhulu abulawa ngonyaka esasingawo lapho. Nokho, sajabula ngokuthola imikhaya emibili eyasabela eqinisweni. Kamuva enye yamadodana yeza eBethel yaseBrooklyn.
Ukushumayela ENyakatho
Phakathi nezinyanga zasehlobo ngangisuka epulazini lakithi eliseduze naseWallkill ngiyofakaza emazweni amane aseduze nalendawo. Ngangiphatha izinto engizidingayo futhi ngizigxumekele ithende engizohlala kulo isonto, ngifakaze kuleyondawo, bese ngibuyela ekhaya ngempelasonto ukuze ngibe khona emihlanganweni eNewburgh. Ngalendlela ngangikwazi ukwenza amahora ayishumi ngosuku emsebenzini wokushumayela ensimini ekude. Ngakuthola kungokuvuzayo ukwenza izimpindelo kubantu abaningi abathakazelayo. Kwanginikeza injabulo enkulu lapho owesifazane othile kamuva eza kimi emhlanganweni othile futhi ethi izincwadi engangimshiyele zona zase zimqalise endleleni eyisa ekuphileni.
OFakazi babeyizisulu zokuboshwa okungapheli kuleyominyaka, ikakhulukazi eNew Jersey. Ngangiseduze nalesisehlakalo ehlobo futhi ngangiphendula ubizo lapho umkhankaso sewuhleliwe wokufakaza ezindaweni ezinobunzima. Ngesinye isikhathi sasiboshwa futhi sibuye sikhululwe kusihlwa, kodwa ngesinye isikhathi sasiboshwa kuze kuthethwe icala. Ngesinye isikhathi, lapho sigwetshwe izinsuku eziyishumi ejele, safakaza kwesinye seziboshwa esamukela izindaba ezinhle futhi kamuva saba uFakazi oyiphayona.
Cishe ngalesikhathi saqala ukusebenzisa kakhulu enkonzweni yethu yendlu ngendlu amarekhodi ezingxoxo ezimfushane zeBhayibheli. Imishini ephathekayo yafakelwa futhi ezimotweni ukuze zibe izimoto zokumemezela. Ngaya endlunkulu yaseBrooklyn ukuze nami ufakwe emotweni yami ngezindleko ezingama-$175. Ngezikhathi zakusihlwa ehlobo ngangenyukela emagqumeni futhi amarekhodi ayezwakala endaweni engangekhilomitha noma ngaphezulu. Ngahamba izinkulungwane eziningi zamakhilomitha eminyakeni eyalandela nalemibhobho emikhulu emotweni, ngifinyelela abantu abaningi ngesigijimi soMbuso.
Isici esiqhamile sokuphila kwethu phakathi nehlobo sasiwukuya emihlanganweni emikhulu. Okhumbuleka ngokukhethekile yilowo owawungo-1931 eColumbus, eOhio, lapho sathatha khona igama elingokomBhalo elithi oFakazi BakaJehova.
Izabelo Ezintsha
Ekupheleni kwekwindla ka-1935 sabuya esabelweni sethu sobuphayona eningizimu ukuze sisize ngomsebenzi eBethel yaseBrooklyn. Ngemva kokusebenza izinsuku ezimbalwa efektri, uMzalwane uKnorr wangibizela ehhovisi futhi wangicela ukuba ngithathe uhambo njengoMqondisi Wenkonzo Wesifunda, ngivakashele amabandla. Ngathi, “Angikaze nginikeze inkulumo ebandleni futhi angazi lutho ngokuhlelwa kwebandla.”
“Akudingeki izikhulumi eziqephuzayo, kodwa umuntu othanda inkonzo futhi oyohola kuyo futhi oyokhuluma ngenkonzo emihlanganweni,” kuchaza uMzalwane uKnorr.
Ngakho-ke ezinyangeni ezimbalwa ezalandela ngathola ukuqeqeshwa okuthile ngesabelo sami esisha, ngihamba noMzalwane uKnorr nabanye ekuvakasheleni amabandla ngezimpelasonto. Umsebenzi omkhulu kwakuwukuhlela amabandla ukuba enze umsebenzi wezimpindelo nezifundo zeBhayibheli lokho ngalesosikhathi okwakuwumsebenzi omusha. Ngavakashela ekhaya ngenye impelasonto (ukuvakasha kwami kokugcina eminyakeni eyisithupha), ngathengisa izinto engangingazidingi ngalungiselela ukuhamba. Khona-ke, ngoMarch 1936, ngizizwa ngingafaneleki neze kulesisabelo, ngaqala.
Ohambweni
Ngaqala ngokuvakashela e-Easton, ePennsylvania. Ngokuvamile endaweni ngangifika ngesikhathi sokuba ngibe senkonzweni yasensimini ekuseni, ngibe nomhlangano nezinceku zebandla ekuseni kakhulu futhi ngemva kwalokho ngibe nomunye nalo lonke ibandla. Ngokuvamile ngangichitha izinsuku ezimbili nje nebandla kube usuku olulodwa neqembu elincane, ngezinye izikhathi ngivakashela amaqembu anjalo ayisithupha ngesonto. Ngangisohambweni ngaso sonke isikhathi.
Ngo-1936 no-1937 ngahlanganisa izingxenye zasePennsylvania, eNtshonalanga Virginia, eOhio, eIndiana, eIllinois, eIowa, eNebraska, eWyoming, eColorado, eNew Mexico naseTexas. INtshonalanga yayiyintsha ngokuphelele futhi ithakazelisa kimi—indlela yokuphila, amathafa, izintaba namabanga amade. Ngavakashela wonke amabandla eNew Mexico emasontweni amabili. Ehlobo lika-1937 ngangiseTexas. Zazingekho izinceku zesifunda ezikhuluma iSpanish lapho, ngakho ngavakashela namabandla eSpanish, ngikhuluma kuwo ngokuhunyushelwa.
Kwelinye ibandla elincane elalisebenzisa isiNgisi eTexas intombazane eneminyaka eyi-18 ubudala yayikhonza njengenceku yebandla kuleloqembu. Uyise kwakulindeleke ukuthi angafa ngalolosuku, lokho kwenzeka ngempela, futhi bangicela ukuba ngihlale ukuze ngiphathe umngcwabo, saya enkonzweni yasensimini. Saba nomhlangano wethu wakusihlwa futhi ngosuku olulandelayo ekuseni ngaphatha inkonzo yomngcwabo. Nakuba isimo sasidabukisa, bajabula ngokuthi ngangizile futhi nganikeza inkulumo.
Ngemva kokuba semhlanganweni eColumbus, eOhio, ngoSeptember 1937, ngachitha ubusika ngivakashela amabandla emazweni asenyakatho iNyakatho Dakota, iMontana neIdaho. NgoFebruary 1938 nganqamula ukhahlamba lwezintaba futhi ngamangala ngokujabula ukuthola ukuthi kwakufudumele futhi utshani buluhlaza ogwini lwasePacific. ISeattle yayinendawo eyodwa yokuhlanganyela ngalesosikhathi, kanti manje inamabandla angama-21.
Imihlangano Yesifunda
Entwasahlobo ka-1938 kwahlelwa umhlangano okhethekile wamabandla echwebeni laseSan Fransisco futhi kwaba khona oFakazi abangama-600. Waba umanduleli wemihlangano yesifunda. Ilungiselelo elisha lokuvakashela kombonisi wesifunda nemihlangano yesifunda laqala ngo-October 1, 1938.
Njengenceku yesifunda, nganginomthwalo wemfanelo womhlangano wesifunda isonto ngalinye. Lemihlangano yokufundisa ngokomoya yanikeza ithuba futhi ngalabo abakhona ukuba bahlanganyele emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu nangabasha ukuba babhapathizwe. Ngaphambi kwemihlangano yesifunda sasibhapathiza abasha nganoma isiphi isikhathi noma kuyiphi indawo. Ngikhumbula ngibhapathiza enye indoda emanzini aneqhwa omfula osuka entabeni eneqhwa eOregon nangesinye isikhathi ngicwilisa indoda edamini layo lamanzi okunisela.
Phakathi nalemihlangano yesifunda saqala ukuhamba samemezela. Sasiphatha izimpawu ezifundeka kanje ngakolunye uhlangothi “Inkolo Iwugibe Nenkohliso,” futhi kolunye uhlangothi, “Khonza UNkulunkulu NoKristu INkosi.” Lokhu kwadonsa ukunakekela okukhulu futhi ngezinye izikhathi ukuphikiswa. Khona-ke, ngoSeptember 1939, iMpi Yezwe II yaqala eYurophu futhi ukuphikiswa komsebenzi wethu kwakhula.
Izichwensi zanqamula imihlangano yethu eHannibal, eMissouri; eColumbus, eNebraska; eSt. Cloud, eMinnesota. EMarinette, eWisconsin, umphathi wedolobha wasikhipha ehholo lethu lomhlangano, kodwa lapho amaphoyisa ethola ukuthi sinelungelo elingokomthetho lokuba lapho, asivikela. Ngakolunye uhlangothi, amaphoyisa eHuttonsville, eNtshonalanga Virginia, ahlanganyela nezichwensi ngokumelene nathi phakathi nomhlangano wethu e-Elkins, futhi sawabophisa futhi kwadingeka akhishwe ngebheyili yama-R500. Icala lahlehliswa izikhathi eziningana futhi ekugcineni lachithwa, kodwa amaphoyisa lapho awaphindanga aphazamise umsebenzi wethu.
Ngangiba senkantolo izikhathi eziningi maqondana nezehlakalo ezinjalo. Ngesinye isikhathi ngangikhonza njengommeli wommangalelwa, futhi kwamanye amacala ngangingummangalelwa, njengaseQuincy, eIllinois,, lapho lasithetha khona icala. UHayden Covington, owayengummeli weNhlangano ngalesosikhathi, noFred Franz, manje ongumongameli weWatch Tower Society wasisiza kwamanye amacala, njengelinye eLondon, eKentucky, nalo elasithetha.
Kwelinye icala eIndianapolis, eIndiana, okwakuhileleke oFakazi abangaba ngama-60 bebekwe icala lokuvukela umbuso, uMzalwane uFranz nami sasingofakazi ekuthethweni kwalelocala izinsuku ezinhlanu. Nakuba abafowethu batholwa benecala, kamuva bakhululwa ecaleni yinkantolo ephakeme. Ngalo lelosonto lecala ngangingummngalelwa kwelinye icala eJoliet, eIllinois, ngingummeli womunye umzalwane kwelinye eMadison, eIndiana, futhi, ngaphezu kwalokho, nginomhlangano wesifunda impelasonto ngayinye. Kungagcwala incwadi uma nginganikeza imininingwane yalezozikhathi ezivusa amadlingozi.
Umvuthwandaba wangempela kwakuwumhlangano wezinsuku ezinhlanu eSt. Louis ngoAugust 1941. Ngabizwa amasonto ambalwa ngaphambili futhi ngabelwa ukusebenza ekamu lezinqola. Ngemva kokusika utshani bezinkomo bomlimi, salungiselela idolobha lezinqola eziyizi-5 000 ensimini yotshani bezinkomo. Kodwa ngisho nangaphambi kokuba imihlangano uqale sase sineziyizi-10 000 ekamu, nezimoto eziningi, amaloli nabamathende bemi ngaphandle emgwaqweni belindele ukungena. Ekugcineni saba nezingaphezu kwezi-15 000 ekamu, lapho abaningi babehleli khona futhi bezwa isimiso ngocingo. Lapho abantwana abayizi-15 000 bemi ngaphakathi ehholo elikhulu futhi bemukela incwadi yabo yamahhala ethi Children, nganikeza abantwana abaningi izincwadi zamahhala ngaphandle ekamu.
AmaPulazi OMbuso NaweWatchtower
Ngokushesha ngemva komhlangano waseSt. Louis kwaba nzima kakhulu ukuqhuba imihlangano yethu yesifunda. Ngakho kwanqunywa ukuba iyekwe. Ngatshelwa ukuba ngifike eBethel yaseBrooklyn. Kwakuseyizinsuku ezimbalwa ngibuyile lapho uMzalwane uRutherford engicela ukuba ngikhonze ePulazini loMbuso eduze naselthaca, eNew York. Ngaphambi kokuya kulesisabelo esisha ngavakashela ekhaya eduze naseWallkill. Umama wayeseshonile, futhi abafowethu nodadewethu base beshade bonke. Khona-ke ngaya ePulazini loMbuso lapho ngabelwa khona ikamelo engahlala kulo phakathi neminyaka engama-28 eyalandela.
Ngemva kweminyaka engaphezu kwe-13 yokushumayela isikhathi esigcwele, kwakunzima ukuhlala phansi ngenze umsebenzi wepulazi. Kodwa ngakwenza lokho futhi ngajabulela amalungelo amaningi enkonzo maqondana nemisebenzi yasePulazini loMbuso. Ngesikhathi esifanayo, nokho, ngaqhubeka ngihlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela ngezikhathi zakusihlwa nangezimpelasonto. Ngaqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abaningi, iningi labo elaba oFakazi ababhapathiziwe.
Nokho umsebenzi wami oyinhloko manje wawuqondene nezabelo zomsebenzi wasepulazini. Ngazinikela ekufundeni ngokuphathwa kwezilwane nezithombo, ngisebenzisa iyunivesithi eseduze yaseCornell nomtapo wayo wezincwadi. Ngemizamo yethu sakwazi ukwandisa umkhiqizo wasepulazini. Ekugcineni sakhiqiza okuningi ukudla kokusetshenziswa umkhaya owandayo waseBethel eBrooklyn, nasePulazini loMbuso.
Ukwanda okuphawulekayo eqenjini lezisebenzi kwenzeka epulazini ngoFebruary 1, 1943, lapho iSikole esisha saseGileyadi siqala ukusebenza. Khona-ke, njalo nje ezinyangeni eziyisithupha, sasiba nekilasi elisha labafundi abalinganiselwa ekhulwini ababeza bevela kulo lonke izwe. Yeka injabulo okwakuyiyo ukujwayelana nabafundi ababalelwa ezi-3 700 bamakilasi angama-35 labo abathola ukuqeqeshelwa umsebenzi wezithunywa zevangeli epulazini ngaphambi kokuba iSikole saseGileyadi sithuthelwe ezansi eBrooklyn ngo-1961! Phakathi naleyominyaka sabekezelela ukuphikiswa okukhulu, uthuthuva lwezichwensi nelinye icala, esakunqoba. Ekugcineni iqembu lethu elilodwa elincane kulendawo lakhula laba amabandla amane.
Njengoba iSikole saseGileyadi sasiphetha ukusebenza ePulazini LoMbuso, iSikole Senkonzo SoMbuso esisha sababonisi emabandleni sase siqalile lapho. Phakathi neminyaka engaba yisikhombisa eyalandela saba namadoda amadala alinganiselwa ezi-7 000 aba khona emfundweni yenyanga eyodwa ubude, kamuva eyancishiswa yaba amasonto amabili ubude.
NgoJanuary 1963 iNhlangano yaba umnikazi wendawo eseduze nengangikhulele kuyo, eWallkill, eNew York. Lendawo yabizwa ngokuthi amaPulazi eWatchtower. Eminyakeni eminingi lendawo iye yanwetshwa futhi yalungiswa, kwanezelwa futhi namafektri okunyathelisa. NgoJanuary 1, 1970, isabelo sami sashintshelwa kulendawo, ngakho ngabuyela endaweni efanayo engaqala kuyo ukufakaza eminyakeni engama-45 ngaphambili! Abambalwa abadala kulomuzi babesangikhumbula.
Lapho ngifika emaPulazini eWatchtower, kwakunamalungu omkhaya angama-55, kodwa manje bangaphezu kwama-750 abakhonza khona! Phakathi kwalaba kunabashana bami abathathu. Nginomshanakazi futhi ohamba nomyeni wakhe emsebenzini wesifunda. Kungijabulisa kakhulu ukuthi amalungu angaphezu kwama-30 omkhaya wami angoFakazi BakaJehova. NgoNovember 1974 kwakuyilungelo lami ukumiswa njengelungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, futhi ngalokhu kumiswa ngabuyela endlunkulu eBrooklyn.
Ngiyajabula ngokuthi, ekuphothuleni kwami esikoleni esiphakeme, uJehova uNkulunkulu wavula amehlo ami ngabona injongo enhle ekuphileni yokumkhonza. Ukulandela leyonjongo eminyakeni engama-60 edlule kuye kwaba okuvuza ngempela nokwanelisayo. Kuye kwangisondeza kuBaba wethu osezulwini futhi kwangenza ngabona ngendlela engokoqobo isivikelo sakhe nesibusiso kubantu bakhe.
[Isithombe ekhasini 25]
Ngemuva kwezinsimbi zasejele ngenxa yokushumayela
[Izithombe ekhasini 27]
Ngawo-1930 ngasebenzisa imoto enombhobho ekufakazeni
[Izithombe ekhasini 28]
Ngachitha iminyaka engama-28 ePulazini LoMbuso, indawo yokuqala yeSikole saseGileyadi
Ababili babayizi-3 700 engababona bethola iziqu eSikoleni saseGileyadi
[Isithombe ekhasini 29]
Ngakhonza futhi iminyaka emihlanu emaPulazini eWatchtower