Ingabe Uyomlalela UNkulunkulu?
‘KODWA ngokuqinisekile iBhayibheli belilokhu likhona isikhathi eside, futhi izwe lisesimweni esibi kakhulu kunangaphambili!’ Lokhu yiqiniso ngempela, futhi isizathu siwukuthi abantu babengalaleli ngenkathi uNkulunkulu ekhuluma. Kungani?
Ezimweni ezithile, bamane nje abanaso isithakazelo. Isimemezelo samuva nje seqembu laseSecular Humanists sathi: “[Thina] siyawenqaba umqondo wokuthi uNkulunkulu ngesimangaliso uye wangenela emlandweni noma wazembula ngokwakhe kwabambalwa abakhethiwe, noma ukuthi angasindisa noma akhulule izoni.” Eqinisweni, uNkulunkulu uyakhuluma namuhla, hhayi kwa“bambalwa abakhethiwe,” kodwa kubo bonke abayolalela. “UNkulunkulu . . . usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke.” (IzE. 17:30) Nokho, noma obani abaphika ngisho nomqondo wokuthi uNkulunkulu uyakhuluma ngokusobala ngeke bamlalele. Isikhathi sabo esizayo kumelwe ukuba simnyama kakhulu.
Yiqiniso, abaholi bezwe abaningi baye bazisholo ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu. Kodwa abazange basize ngokutheni ekuthuthukiseni izinto. Kungani? Njengoba inzululwazi engumFulentshi uVoltaire yake yasho, ikakhulukazi kungenxa yokuthi, “Abaningi abantu balelizwe abadumile baphila sengathi abakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.” Ukuzisholo kwabo ukuthi bakholelwa uNkulunkulu akuzange kubavimbele ekubulaleni ngonya, izimpi zothuthuva, ukucindezela, ukubulala kabuhlungu nozungu okuyizici ebezilokhu ziqhubeka emlandweni. Ngokusobala, lapho uNkulunkulu ekhuluma, babengalaleli.
ABANYE BAYEZWA KODWA ABALALELI
‘Nokho, ingabe akulona yini iqiniso ukuthi izinkolo eziningi zisebenzisa iBhayibheli ezinkonzweni zazo, nokuthi abantu bezwa amazwi alo iSonto ngalinye?’ Lokhu kuyiqiniso. Kodwa lapho bezwa, ingabe bayalalela ngempela, okush’ ukuthi, bayakugcina abakuzwayo?
Ngokwesibonelo, amasonto amaningi asebenzisa umthandazo ka“Baba wethu” (noma, “uMthandazo weNkosi”) ezinkonzweni zawo zangeSonto. Lomthandazo uyingxenye yeBhayibheli. Enguqulweni yesiZulu, amazwi okuqala omthandazo athi: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Math. 6:9, 10.
Iyini intando kaNkulunkulu okumelwe yenziwe emhlabeni? Ingxenye yayo ivezwe kulesithembiso: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” (IHu. 37:11) Ukuthula okunjalo, ngokomthandazo ka“Baba Wethu,” kumelwe kulethwe “umbuso” kaNkulunkulu, uhulumeni wakhe.
Ngakho-ke kwakuthakazelisa emuva ngo-1965, ngemva kokuba uPapa uPaul VI evakashele iZizwe Ezihlangene, ukufunda kumaphephandaba ukuthi wayethé: “Abantu bomhlaba baphendukela eZizweni Ezihlangane njengethemba lokugcina lokuzwana nokuthula.” (Omalukeke ngabethu) Lamazwi ngokungangabazeki asiza amalungu eZizwe Ezihlangane ukuba abe nomuzwa wokuthi umsebenzi wawo ubalulekile futhi ufanelekile. Kodwa uma zaziyithemba lokugcina lokuthula, kuthiwani ngombuso kaNkulunkulu? UPapa uPaul VI ngokusobala wayengawalaleli ngempela amazwi omthandazo ka“Baba Wethu.”
Kunezinye izibonelo eziningi ezibonisa ukuthi, ngisho nalapha abantu bezwa iBhayibheli lifundwa, kubona lokhu kumane nje kuyisimiso esiyisiko, futhi bayehluleka ukugcina noma ukuthola umqondo walokho okushiwoyo.
UKULALELA
“Ukulalela” kusho futhi “ukucabangela ngokungathi sína.” Abaningi namuhla bakuzwisisa ngokugcwele lokhu uNkulunkulu akushoyo ezindabeni ezithile, kodwa abawathathi ngokungathi sína amazwi akhe. Balandela imiqondo yabo. Yingakho, abalaleli lapho uNkulunkulu ekhuluma.
Isibonelo salokhu sisendabeni yokuziphatha okuhle. UNkulunkulu unikeza indinganiso esobala yokuziphatha. Uthi: “Nazifebe, nabakhonza izithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Kor. 6:9, 10.
Abantu besimanje, kuhlanganise nabaholi abaningi benkolo, bayayinqaba lendinganiso. Bayibiza ngokuthi iyisidala futhi bakhuthaza indlela yokuphila e“khululekile kakhudlwana.” Umphumela? Ubhememe lokukhulelwa kwabasha, ukukhishwa kwezisu, izifo zokubhajwa, amadivosi kanye nenhlekelele yemizwelo.
Lokhu akumelwe kusimangalise. “UNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu lokho, wokuvuna.” (Gal. 6:7) Imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha, ngokufanayo nje nemithetho yemvelo, ingeyesivikelo sethu nenzuzo. Ukumelana noNkulunkulu ngokuqinisekile kuletha imiphumela emibi. Ukuphikisa izindinganiso zikaNkulunkulu kuyefana nje nokuphikisa umthetho wokudonsela phansi. Kungakhathaliseki ukuthi imibono yethu siqu iyini, siphikisa ngokuzehlisela ingozi!
LAPHO UNKULUNKULU EKHULUMA, INGABE BAKHONA ABALALELAYO?
‘Ngakho-ke,’ ungase ubuze, ‘Uma abantu abaningi kangaka bezinkolo nabaholi bezwe bengalaleli lapho uNkulunkulu ekhuluma, ukhona yini olalelayo?’ Yebo, abanye bayalalela. UJesu wake wathi: “Bonke abeqiniso bayalizwa [bayalilalela, NW] izwi lami.” Njengoba achaza ukuthi yonke into ayeyisho ngokuqinisekile yayivela kuNkulunkulu, ukulalela uJesu kuyefana nokulalela uNkulunkulu. Yingakho, “abeqiniso” bayamlalela uNkulunkulu.—Joh. 18:37; 7:16, 17.
Futhi laba benza okungaphezu nje kokulalela. Bayaphuma basize nabanye ukuba balalele. UJesu wabayala: “Hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Math. 28:19, 20) Ingabe ukhona yini owenza lokhu namuhla?
Lombuzo wawusengqondweni yowesifazane othile osemusha eminyakeni edlule. Wayengasakhohliswa ukudideka nokuphikisana kwezinkolo azaziyo, futhi waba nomqondo wokuthi akunakushiwo ngokuqinisekile ukuthi uNkulunkulu ukhona. Ngokungazi, wayefuna imfanelo uJesu athi yayiyophawula “abeqiniso”: “Niyakubazi ngezithelo zabo.” Njengoba ayengazi noma yiliphi iqembu lenkolo elalikhiqiza izithelo zokumesaba uNkulunkulu, waba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayengakhulumi namuhla.—Math. 7:16.
Ngesinye isikhathi, ukuze ajabulise umngane, lowesifazane omusha wavakashela iqembu lenkolo ayengakaze ahlanganyele nalo ngaphambili. Njengoba lalinabantu abanobungane, wabuza omunye wabo umbuzo, ukuze nje abone ukuthi kuyokwenzekani. Wamangala lapho emnikeza impendulo eqondile evela eBhayibhelini. Khona-ke waqhubekela kwelinye leqembu, futhi wabuza umbuzo ofanayo. Wamangala, lapho evulelwa iBhayibheli futhi enikezwa impendulo efanayo. Waphinda lokhukulinga wathola ukuthi, ngokwenkolo, labantu banobunye, abadidekile.
Lokhu kwamhlaba umxhwele owesifazane. Ngokungazi, wathuka esekwenye imfanelo yabantu “beqiniso”; balwela ukuba ba“pheleliswe emqondweni munye nasekucabangeni kunye.” (1 Kor. 1:10) Baqaphela ukuthi “yonke imibhalo iphefumlelwe uNkulunkulu.” Ngakho-ke, bayafunda, futhi bafundise, hhayi imiqondo yabantu kodwa lokho uNkulunkulu akushoyo eBhayibhelini.—2 Thim. 3:16.
Owesifazane osemusha kancane kancane wawuyeka umqondo wokungakholelwa kuNkulunkulu. Wayejabulela ukulalela lapho uNkulunkulu ekhuluma. Futhi ngenjabulo wazihlanganisa nabantu “beqiniso” ababephuma bafundele abanye iBhayibheli, ngaleyondlela basize abaningi kangangokunokwenzeka ukuba balalele lapho uNkulunkulu ekhuluma. Ekugcineni, waba ilungu elishisekayo lalelobandla loFakazi BakaJehova.
LOKHU UNKULUNKULU AKUSHOYO
Ingabe “useqinisweni?” Khona-ke uyofuna ukulalela—ukulalela ngempela ngomqondo wokugcina noma ukufaka enhliziyweni okushiwo uNkulunkulu. Ukwenza lokhu kuyokufaka esigabeni sabambalwa, njengoba abantu abaningi namuhla abamlaleli uNkulunkulu. Ngokudabukisayo, njengakuIsrayeli wasendulo, “abayazi indlela kaJehova.”—Jer. 5:4.
Nakuba kunjalo, kunengqondo ukulalela ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. “Ongilalelayo [ukuhlakanipha kweqiniso,] uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.” (IzAga 1:20-33) Namuhla, labo abalalela uNkulunkulu baqondiswa ukuba bagweme imisele ebangelwa ukuphila kulelizwe elingaphelele. Futhi ngokushesha, uma bezibonakalisa bethembekile, bayophila ezweni lapho izinhlekelele zingasophinde zibe-khona. Ngalesosikhathi, uNkulunkulu ‘uyosula izinyembezi zonke emehlweni abo, ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka nokukhala nobuhlungu akusayikuba-khona.’—IsAm. 21:4.
Leli yizwe uNkulunkulu ayolilungiselela “abeqiniso.” Ungathanda yini ukuba yingxenye yalo? Khona-ke qiniseka ukuba ulalele lapho uNkulunkulu ekhuluma. OFakazi BakaJehova bayojabulela ukukusiza.
[Ibhokisi ekhasini 7]
Izinzuzo zokulalela uma uNkulunkulu ekhuluma
● Ithemba lomhlaba oyipharadesi
● Ukuqiniseka ngesikhathi esizayo
● Ukuphila komkhaya othokozayo manje
● Ukujabulela ukuthula
● Ubunye bokukhulekela kweqiniso
● Ukholo embusweni kaNkulunkulu ngoKristu