Isethulo Sengxenye 4
Le ngxenye ikhuluma ngoJosefa, uJobe, uMose, nama-Israyeli. Bonke bakhuthazelela uvivinyo oluvela kuDeveli. Abanye babo babhekana nokungabi nabulungisa, ukuboshwa ukuba yizigqila ngisho nokufa imbala. Noma kunjalo, uJehova wabavikela ngezindlela ezihlukahlukene. Uma ungumzali, siza ingane yakho iqonde indlela lezi zinceku zikaNkulunkulu ezaqhubeka ngayo zinokholo naphezu kobubi.
UJehova wasebenzisa iziNhlupho Eziyishumi ukuze abonise ukuthi unamandla kunabo bonke onkulunkulu baseGibhithe. Qokomisa ukuthi uJehova wayebavikela kanjani abantu bakhe basendulo nokuthi lokhu ukwenza kanjani namuhla.