Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 14 k. 40-k. 41 isig. 1
  • Isigqila Esalalela UNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isigqila Esalalela UNkulunkulu
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ngingabenza Kanjani Lobu Bubi Obukhulu Kangaka?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • UJosefa Uzondwa Abafowabo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJehova Uyakusiza Uphumelele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Wamelana Nesilingo
    Hamba NoNkulunkulu Ngesibindi
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 14 k. 40-k. 41 isig. 1
UJosefa ubalekela umkaPotifari

ISIFUNDO 14

Isigqila Esalalela UNkulunkulu

UJosefa wayengenye yamadodana kaJakobe. Abafowabo abadala babona ukuthi uJosefa wayeyintandokazi kubaba wabo. Ucabanga ukuthi bazizwa kanjani ngalokho? Baba nomona futhi bamzonda uJosefa. Ngesikhathi ephupha amaphupho angajwayelekile, waxoxela abafowabo ngawo. Babecabanga ukuthi amaphupho ayesho ukuthi ngolunye usuku uJosefa uzobabusa. Ngenxa yalokho, bamzonda nakakhulu!

Abafowabo bakaJosefa bamphonsa emgodini

Ngolunye usuku, abafowabo bakaJosefa babelusa izimvu eduze kwedolobha laseShekemi. UJakobe wathuma uJosefa ukuba ayobheka ukuthi konke kuhamba kahle yini. Abafowabo bambona eseza kude, base bethi: ‘Nangu eza loya mphuphi. Asimbulale!’ Bambamba bamphonsa emgodini ojulile. Kodwa omunye wabafowabo, uJuda, wathi: ‘Ningambulali! Asimdayise njengesigqila.’ Ngakho, badayisa uJosefa ngezinhlamvu ezingu-20 zesiliva kubathengisi bakwaMidiyani ababeya eGibhithe.

Ngemva kwalokho, abafowabo bakaJosefa bacwilisa ingubo yakhe egazini lembuzi, bayibonisa uBaba wabo, base bethi: ‘Akuyona yini le ingubo yendodana yakho?’ Ngakho uJakobe wacabanga ukuthi uJosefa ubulawe isilwane esiyingozi. Wezwa ubuhlungu obukhulu kangangokuba akekho owayengamduduza.

UJosefa esejele

EGibhithe, uPotifari owayeyisikhulu kulelo zwe, wathenga uJosefa njengesigqila sakhe. Kodwa uJehova akamkhohlwanga uJosefa. UPotifari wabona ukuthi uJosefa wayewenza kahle umsebenzi wakhe futhi ethembekile. Ngokushesha, uJosefa waba isikhulu esiphakeme endlini kaPotifari.

UmkaPotifari waqaphela ukuthi uJosefa wayemuhle futhi enamandla. Nsuku zonke wayelokhu encenga uJosefa ukuba alale naye. Wayezokwenzenjani uJosefa? Wenqaba wathi: ‘Cha! Yinto embi kabi leyo. Inkosi yami iyangithemba futhi wena uyinkosikazi yayo. Uma ngilala nawe, ngizobe ngiyona kuNkulunkulu!’

Ngolunye usuku, umkaPotifari wazama ukuphoqa uJosefa ukuba alale naye, wabamba ingubo yakhe. Kodwa uJosefa waphunyuka wabaleka. Lapho uPotifari ebuya ekhaya, umkakhe wathi uJosefa ubefuna ukumdlwengula. UmkaPotifari wayeqamba amanga. UPotifari wacasuka kakhulu futhi wavalela uJosefa ejele. Kodwa uJehova akazange amkhohlwe uJosefa.

“Ngakho zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele.”—1 Petru 5:6

Imibuzo: Abafowabo bakaJosefa bamphatha kanjani? Kungani uJosefa avalelwa ejele?

Genesise 37:1-36; 39:1-23; IzEnzo 7:9

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela