Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 13 k. 36-k. 37 isig. 1
  • UJakobe No-Esawu Bayaxolelana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJakobe No-Esawu Bayaxolelana
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wazibeka Engozini Ukuze Avikele Umndeni Wakhe
    Hamba NoNkulunkulu Ngesibindi
  • Amawele Ayengafani
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJakobe Wathola Ifa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 13 k. 36-k. 37 isig. 1
UJakobe uyakhothama futhi u-⁠Esawu uyagijima uya kuye

ISIFUNDO 13

UJakobe No-Esawu Bayaxolelana

UJehova wathembisa uJakobe ukuthi uzomvikela njengoba avikela u-Abrahama no-Isaka. UJakobe wahlala eHarana, washada, waba nomndeni omkhulu futhi waba nemali eningi.

Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wathi kuJakobe: ‘Buyela ezweni owazalelwa kulo.’ Ngakho uJakobe nomndeni wakhe bathatha uhambo olude oluphindela emuva. Njengoba besendleleni kwafika abantu kuJakobe bathi: ‘Umfowenu u-Esawu uyeza, uhamba namadoda angu-400!’ UJakobe wayesaba ukuthi u-Esawu ufuna ukulimaza yena nomndeni wakhe. Ngakho, wathandaza kuJehova: ‘Ngicela ungisindise kumfowethu.’ Ngosuku olulandelayo, uJakobe wathumela izipho eziningi ku-Esawu—izimvu, izimbuzi, izinkomo, amakamela nezimbongolo.

Ngalobo busuku ngesikhathi uJakobe eyedwa, wabona ingelosi! Leyo ngelosi yaqala ukulwa naye. Balwa kwaze kwasa. Ngisho noma eselimele, uJakobe akayekanga ukulwa. Ingelosi yathi: ‘Ngiyeke.’ Kodwa uJakobe wathi: ‘Cha, ngibusise kuqala.’

Ekugcineni ingelosi yambusisa uJakobe. Manje uJakobe wayazi ukuthi uJehova ngeke avumele u-Esawu amlimaze.

Ekuseni, uJakobe waphakamisa amehlo, wabona laphaya kuza u-Esawu namadoda angu-400. UJakobe wahamba phambili futhi wakhothama kasikhombisa phambi komfowabo. U-Esawu wagijima waya kuJakobe wamhaga. La mawele avele akhala kakhulu abe esexolelana. Ucabanga ukuthi uJehova wazizwa kanjani ngendlela uJakobe enza ngayo?

Kamuva u-Esawu wabuyela emzini wakhe, uJakobe waqhubeka nendlela. UJakobe wayenamadodana angu-12 esewonke. Amagama awo kwakunguRubeni, uSimeyoni, uLevi, uJuda, uDani, uNafetali, uGadi, u-Asheri, u-Isakare, uZebhuloni, uJosefa noBhenjamini. Enye yalawo madodana—uJosefa—yasetshenziswa uJehova ukuze asindise abantu baKhe. Uyazi ukuthi wakwenza kanjani lokho? Ake sibone.

“Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo, ukuze nizibonakalise ningamadodana kaYihlo osemazulwini.”—Mathewu 5:44, 45

Imibuzo: Kungani uJakobe athola isibusiso? Waxolelana kanjani nobhuti wakhe?

Genesise 28:13-15; 31:3, 17, 18; 32:1-29; 33:1-18; 35:23-26

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela