Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jd isahl. 1 kk. 5-13
  • Izigijimi ZikaJehova Zesikhathi Esidlule Nezanamuhla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izigijimi ZikaJehova Zesikhathi Esidlule Nezanamuhla
  • Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INGABE LABA “BAPROFETHI ABANCANE” ABABALULEKILE?
  • ZIYIZIPROFETHO NGAMUPHI UMQONDO?
  • INDLELA ONGAZUZA NGAYO
  • Mazi UJehova Futhi Umkhonze
    Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova
  • UNkulunkulu Angakusiza Ulungele Usuku Lwakhe Olukhulu
    Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova
  • Abaprofethi Abanezigijimi Ezingasithinta
    Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova
  • Usuku LukaJehova—Isihloko Esisemqoka
    Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova
Bheka Okunye
Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova
jd isahl. 1 kk. 5-13

ISAHLUKO SOKUQALA

Izigijimi ZikaJehova Zesikhathi Esidlule Nezanamuhla

1, 2. Abanye baye bawathungatha kanjani amagugu afihliweyo, kodwa yini engakusiza ukuze ujabulele ukuphila?

SEKUYIMINYAKA abantu abaningi bephupha ngokuthola amagugu afihliweyo. Wake wafunda ngomlando wabahloli bamazwe, abavubukuli, nabanye abaye bawathungatha ngokoqobo amagugu anjalo? Nakuba wena ungase ungayi kowathungatha, kodwa ungathini uma ungase uzithele phezu kwawo? Ave ungajabula uma lawo magugu engenza ukuphila kwakho kube ngcono noma kujabulise futhi kuphumelele ngokwengeziwe.

2 Abantu abaningi abaze bangawathungatha ngokoqobo amagugu afihliweyo, kodwa injabulo bangase bayifune ngokulwela ukuba nemali, impilo enhle, umshado ophumelelayo, okungamagugu angatholakali ngokumba phansi. Libe lingekho nebalazwe elitshengisa ukuthi atholakalaphi. Njengoba wazi, kudinga umzamo ukuwathola. Yingakho nje abaningi besijabulela iseluleko esiwusizo sokufinyelela imigomo yabo nokwenza ukuphila kwabo kujabulise futhi kuphumelele ngokwengeziwe.

3, 4. Ungasitholaphi iseluleko esiwusizo ngendlela yokuphila?

3 Empeleni unaso iseluleko nesiqondiso esesisize abanye ukuba bajabule. IBhayibheli linikeza iseluleko esingcono kakhulu ngendlela yokuphila, njengoba abaningi beye bazibonela. Umlobi oyiNgisi uCharles Dickens wathi ngeBhayibheli: “Liyincwadi edla ubhedu kwezake zaba khona noma eziyoba khona emhlabeni . . . ngoba likufundisa izifundo ezinhle kakhulu ezingaqondisa noma isiphi isidalwa esingumuntu.”

4 Lokhu okwashiwo yilo mlobi akubamangazi abantu ababheka iBhayibheli njengeliphefumulelwe uNkulunkulu. Cishe uyavumelana nesiqinisekiso esisifunda kweyesi-2 Thimothewu 3:16: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.” Ngamanye amazwi, iBhayibheli linokwaziswa okuwusizo kakhulu okungabonisa abantu indlela yokuphila naphezu kwezingqinamba ezisemhlabeni namuhla. Labo abaqondiswa iBhayibheli bangaphila ukuphila okujabulisa kakhulu futhi okuphumelela ngempela.

Isithombe ekhasini 12

5-7. Ubungaya kuziphi izingxenye zeBhayibheli ukuze uthole isiqondiso esizuzisayo?

5 Kukuziphi-ke kodwa izingxenye zeBhayibheli ocabanga ukuthi ungathola kuzo leso seluleko? Abanye bangase bacabange ngeNtshumayelo Yasentabeni, uJesu anikeza kuyo iseluleko esiwusizo ngokuphathelene nezici zokuphila kwansuku zonke. Abanye bayokhumbula izincwadi zomphostoli uPawulu. Noma ubani angathola izeluleko eziwusizo encwadini yamaHubo neyezAga​—izincwadi ezigcwele ukuhlakanipha. Eqinisweni, nakuba kuyoya ngezimo nezinselele obhekene nazo, noma iyiphi incwadi yeBhayibheli ingaba usizo, ngisho nalezo ezikhuluma ikakhulukazi ngomlando, njengezincwadi ezisuka kuJoshuwa kuya ku-Esteri. Umlando olapho unezifundo ezixwayisa noma ubani ofuna injabulo ekukhonzeni uNkulunkulu. (1 Korinte 10:11) Yebo, lezo zincwadi zikunikeza izeluleko ongaqondisa ngazo izinyathelo zakho, wenze ukuphila kwakho kuphumelele. Khumbula leli qiniso: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.”​—Roma 15:4; Joshuwa 1:8; 1 IziKronike 28:8, 9.

6 Nokho, kunengxenye yeBhayibheli okungatholakala kuyo amagugu kodwa abaningi abangakayithinti. Le ngxenye yiqoqo lezincwadi ezingu-12 ezivame ukubizwa ngokuthi abaProfethi Abancane. Ngokuvamile zitholakala ngemva kwezincwadi ezinkudlwana zeBhayibheli zikaHezekeli noDaniyeli kodwa ngaphambi kweVangeli likaMathewu. (EmaBhayibhelini amaningi zilandelana kanje: UHoseya, uJoweli, u-Amose, u-Obadiya, uJona, uMika, uNahume, uHabakuki, uZefaniya, uHagayi, uZakariya, noMalaki.) Njengoba sesibonile, iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu futhi liyasiza ekufundiseni nasekuboniseni abantu indlela yokuphila. Ingabe kunjalo nangalezi zincwadi?

7 Kunjalo isibili! Empeleni, lezi zincwadi ezibizwa ngokuthi abaProfethi Abancane ziqukethe imicebo ewusizo ngempela ekusiboniseni indlela yokuphila namuhla. Ukuze uqonde ukuthi kungani abanye bengazinaki lezi zincwadi, cabanga ngendlela ezibizwa ngayo ngezilimi eziningi: AbaProfethi Abancane. Ingabe leli gama lingayithonya indlela abantu abazibheka ngayo lezi zincwadi? Kungenzeka yini ukuthi ngezinga elithile likuthonyile nokwakho ukucabanga?

INGABE LABA “BAPROFETHI ABANCANE” ABABALULEKILE?

8. (a) Iyiphi indlela ebalulekile uNkulunkulu akhiphe ngayo isiqondiso? (b) Zivame ukubizwa ngokuthini izincwadi ezingu-12 esixoxa ngazo, kodwa lisuselwaphi lelo gama?

8 Umphostoli uPawulu waqala incwadi yakhe ayeyibhalela amaHebheru kanje: “UNkulunkulu, lowo kudala ezikhathini eziningi nangezindlela eziningi owakhuluma nokhokho bethu esebenzisa abaprofethi, ukhulumé nathi ekupheleni kwalezi zinsuku esebenzisa iNdodana.” (Hebheru 1:1, 2) Njengoba uNkulunkulu ayesebenzisa abaprofethi abangabantu ukuba badlulisele izigijimi zakhe, akufanele neze sizibheke njengezingabalulekile lezo zithunywa noma lokho ezakubhala. Noma kunjalo, isiqu esithi “abaProfethi Abancane” siye sabangela abanye ukuba babheke okuqukethwe yilezi zincwadi njengokungabalulekile noma okungasho lutho. Abanye baye baphetha ngokuthi izigijimi ezikulezi zincwadi azinasisindo uma ziqhathaniswa nezinye izincwadi zeBhayibheli. Kodwa eqinisweni, igama elithi “abaProfethi Abancane”a njengoba lisetshenziswe ezilimini eziningi limane nje lisuselwa ekutheni lezi zincwadi ezingu-12 zimfushane kunezinye.

9. Kungani ubude bencwadi yeBhayibheli bungakutsheli lutho ngokubaluleka kwayo?

9 Ukuthi incwadi yeBhayibheli imfushane akukutsheli lutho ngokubaluleka kwayo noma inzuzo yayo kuwe. Angithi nencwadi kaRuthe imfushane kakhulu kunezinye eziyandulelayo noma eziyilandelayo, kodwa yeka ukuthi ukwaziswa okukuyo kuyithinta kanjani inhliziyo! Le ncwadi emfushane igcizelela indlela okufanele sinamathele ngayo ekukhulekeleni kweqiniso, ibonise indlela uNkulunkulu abazisa kakhulu ngayo abesifazane, inikeze nemininingwane ebalulekile ngohlu lozalo lukaJesu. (Ruthe 4:17-22) Esinye isibonelo, ngasekugcineni kweBhayibheli uzothola incwadi kaJude. Imfushane kangangokuba kwamanye amaBhayibheli ayigcwalisi ngisho nekhasi elilodwa. Noma kunjalo, yeka ukwaziswa nesiqondiso esiyigugu osithola kuyo: Lokho uNkulunkulu akwenza ezingelosini ezimbi, izixwayiso ngabantu abonakele ababeyongena ebandleni, nezikhuthazo zokululwela kanzima ukholo! Ungaqiniseka-ke nangokuthi lezi zincwadi okuthiwa ezabaProfethi Abancane, nakuba zizimfushane, ezikuqukethe kubalulekile futhi kuwusizo kuwe.

ZIYIZIPROFETHO NGAMUPHI UMQONDO?

10, 11. (a) Abanye bangase bacabangeni ngegama elithi “umprofethi”? (b) NgokweBhayibheli, babengobani abaprofethi, futhi babenzani?

10 Okunye esingakucabangela yilokho okushiwo yigama elithi “abaprofethi” nelithi “isiprofetho.” La magama angase asenze sicabange ngokubikezelwa kwekusasa. Abantu abaningi bacabanga ukuthi umprofethi umuntu obikezela izinto ezingakenzeki​—mhlawumbe ngamazwi angaqondakali angase achazwe noma kanjani. Lokhu kuthinta indlela abanye ababheka ngayo lezi zincwadi ezingu-12.

11 Kuyavunywa, lapho ufunda lezi zincwadi ezingu-12, usheshe ubone ukuthi zinenqwaba yezibikezelo, eziningi zazo eziphathelene nokuza kosuku olukhulu lukaJehova. Lokho kuvumelana nencazo eyisisekelo yegama elithi “umprofethi.” Umprofethi kwakungumuntu onobuhlobo obuseduze noNkulunkulu futhi wayevame ukuthunywa ukuba embule okusazokwenzeka. Kusukela ku-Enoke, abaprofethi abaningi beBhayibheli balibikezela ngempela ikusasa.​—1 Samuweli 3:1, 11-14; 1 AmaKhosi 17:1; Jeremiya 23:18; IzEnzo 3:18; Jude 14, 15.

12. Ungachaza kanjani ukuthi ukuba umprofethi kwakusho okungaphezu kokubikezela?

12 Kudingeka sikhumbule-ke nokho ukuthi abaprofethi bakaJehova babengagcini ngokumemezela izibikezelo ezivela phezulu. UNkulunkulu wayevame ukusebenzisa abaprofethi ukuba batshele abantu intando yakhe. Ngokwesibonelo, singase singacabangi ngo-Abrahama, u-Isaka, noJakobe njengabantu ababikezela ikusasa, kodwa iHubo 105:9-15 libabiza ngabaprofethi. Ngezinye izikhathi, uNkulunkulu wayebasebenzisela ukumemezela izinto ezisazokwenzeka, njengalapho uJakobe ebusisa amadodana akhe. Kodwa lezo zinzalamizi zazingabaprofethi futhi, ngoba zazitshela imindeni yazo lokho okwakushiwo uJehova ngendima yayo enjongweni yaKhe. (Genesise 20:7; 49:1-28) Okunye okubonisa ukwenaba kwegama leBhayibheli elithi “umprofethi” ukuthi u-Aroni wayengumprofethi kaMose. U-Aroni wafeza leyo ndima ngokuba umkhulumeli, noma ‘umlomo,’ kaMose.​—Eksodusi 4:16; 7:1, 2; Luka 1:17, 76.

13, 14. (a) Bonisa ukuthi abaprofethi babenza okungaphezu kokubikezela. (b) Uzuza kanjani ngokwazi ukuthi abaprofethi abagcinanga ngokubikezela?

13 Cabanga futhi nangabaprofethi uSamuweli noNathani. (2 Samuweli 12:25; IzEnzo 3:24; 13:20) UJehova wabasebenzisa bobabili ukuba bamemezele okwakusazokwenzeka, kodwa wayebuye abasebenzise njengabaprofethi nangezinye izindlela. Njengomprofethi, uSamuweli wanxusa ama-Israyeli ukuba ayeke ukukhulekela izithombe abuyele ekukhulekeleni kweqiniso. Wamemezela futhi isahlulelo sikaNkulunkulu ahlulela ngaso iNkosi uSawule, isahlulelo esingafunda kuso ukuthi uJehova uthanda ukulalela ngaphezu kwemihlatshelo. Yebo, ukuba kukaSamuweli umprofethi kwakuhlanganisa nokuveza umbono kaNkulunkulu ngendlela okuyiyona yona yokuphila. (1 Samuweli 7:3, 4; 15:22) Umprofethi uNathani wabikezela ukuthi uSolomoni wayezokwakha ithempeli nokuthi umbuso wakhe wawuzoma uqine. (2 Samuweli 7:2, 11-16) Kodwa futhi uNathani wasebenza njengomprofethi lapho eveza isono sikaDavide noBhati-sheba nasenza ku-Uriya. Ubani ongakhohlwa indlela uNathani akudalula ngayo ukuphinga kukaDavide—umfanekiso wesicebi esathatha iwundlu lempofana okwakuwukuphela kwalo futhi ilikhonzile? UNathani waba neqhaza futhi ekuhleleni ukukhulekela kweqiniso endlini engcwele kaNkulunkulu.​—2 Samuweli 12:1-7; 2 IziKronike 29:25.

14 Iphuzu liwukuthi akufanele sicabange ukuthi izigijimi ezikulezi zincwadi zeziprofetho ziyabikezela kuphela—ukusho izinto ezingakenzeki. Ziqukethe izinto eziningi ezivela kuNkulunkulu, ezisenza siyiqonde kahle indlela abantu bakaNkulunkulu endulo okwakumelwe baphile ngayo nendlela thina namuhla okufanele siphile ngayo. Empeleni, siqinisekiswa ngokuthi esikuthola ezincwadini zeBhayibhelini, ezihlanganisa nalezi ezingu-12, kuwusizo kakhulu futhi kuyasebenziseka, kwenza abantu babone indlela engcono kakhulu yokuphila. Lezi zincwadi eziphefumulelwe zisinikeza isiqondiso esibalulekile esingasisiza “siphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu phakathi nalesi simiso samanje sezinto.”​—Thithu 2:12.

INDLELA ONGAZUZA NGAYO

15, 16. (a) Iyiphi inkulumo engokomfanekiso etholakala ‘kubaProfethi Abancane’? (b) Ifanekiselani imifuziselo ekulezi zincwadi?

15 Ziningi izindlela esingazuza ngazo ngokufunda iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Ezinye izincwadi zeBhayibheli zisitshela okwenzeka ngesikhathi esithile, kanti ezinye zisankondlo, zonke zibalulekile ngendlela yazo. Kwezinye futhi kugqame izinkulumo ezingokomfanekiso, njengoba kunjalo ngalezi ezingu-12. Ngokwesibonelo, uJesu wayecaphuna incwadi kaJona lapho ethi: “Isizukulwane esibi nesiphingayo siyaqhubeka sifuna isibonakaliso, kodwa akukho sibonakaliso esizonikwa sona ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Ngoba njengoba nje uJona ayesesiswini senhlanzi enkulu izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo neNdodana yomuntu izoba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. Abantu baseNineve bayovuka kanye nalesi sizukulwane ekwahlulelweni basilahle; ngoba baphenduka ngalokho uJona akushumayela, kodwa, bhekani! lapha kukhona ongaphezu kukaJona.”​—Mathewu 12:39-41.

16 Ngokusobala, uJesu wabona ukuthi incwadi kaJona ayiwona nje umlando wendlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo noJona, umlando womsebenzi walo mprofethi eNineve, nowomphumela wokumemezela kwakhe isigijimi sikaNkulunkulu esiyisixwayiso. UJesu waqonda ukuthi umprofethi uJona wayefeza indima ewumfuziselo, efanekisela uJesu Kristu, ukufa kwakhe nokuvuswa kwakhe ngosuku lwesithathu. Ngaphezu kwalokho, indlela abaseNineve abasabela ngayo yabonisa indlela amaJuda okwakufanele asabele ngayo ekushumayeleni kukaJesu nasemisebenzini yakhe. (Mathewu 16:4) Ngakho-ke, siyaqonda ukuthi lezi zincwadi ezingu-12 zinemifuziselo efanekisela izindlela uNkulunkulu asebenzelana ngazo nabantu bakhe namuhla. Ukufunda ngezinto ezinjalo kumnandi futhi kuyazuzisa.b

17. Yini esizoyifunda kule ncwadi ngezincwadi ezingu-12?

17 Nokho, kule ncwadi oyiphethe ngeke sifunde ngezincazelo ezingokomfanekiso zencwadi kaJona noma lezi ezinye ezingu-11. Le ncwadi futhi ayihlaziyi ivesi nevesi. Kunalokho igxila ngokuyinhloko ekwazisweni okukulezi zincwadi esingakusebenzisa ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Zibuze: ‘Yimaphi amacebiso awusizo noma izeluleko uJehova anginikeza zona kulezi zincwadi ezingu-12? Lezi zincwadi zingangisiza kanjani ukuba ‘ngiphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu phakathi nalesi simiso samanje sezinto’? Zingitshelani ngokuphila kobuKristu, ukuziphatha, ukuphila komkhaya, nesimo sengqondo sabantu kulezi zinsuku ezibucayi njengoba ‘usuku lukaJehova luza futhi luseduze’? (Thithu 2:12; Joweli 2:1; 2 Thimothewu 3:1) Njengoba uthola izimpendulo ezanelisayo, cishe uzothola amavesi ozowathanda kakhulu, amavesi obungakawasebenzisi lapho uxoxa nabanye ngeseluleko seBhayibheli. Inqolobane yakho yamavesi eBhayibheli ayigugu ngokuqinisekile iyobe seyanda.​—Luka 24:45.

18. Ihlelwe kanjani le ncwadi, futhi lokho kungakuzuzisa kanjani?

18 Izahluko zale ncwadi zingamaqoqo ayizingxenye ezine. Njengoba uqala ingxenye ngayinye, zama ukuthola ukuthi iphetheni. Esahlukweni ngasinye kwezingu-13 ezilandelayo uzothola amabhokisi amabili enzelwe ukukusiza ukuba ugxilise engqondweni lokho okufundile. Imibuzo ekulawo mabhokisi iyokusiza ukuba uziphenduphendule engqondweni yakho izinto ozifundile futhi uzindle ngokubaluleka kwazo nendlela ezisebenza ngayo. Ibhokisi lokuqala lithi alibe maphakathi nesahluko. Lapho ufika kulelo bhokisi, bheka imibuzo ekulo. Ukwenza kanjalo kuyokusiza ukuba ukujulise enhliziyweni yakho lokho osanda kukufunda. (Mathewu 13:8, 9, 23; 15:10; Luka 2:19; 8:15) Ibhokisi lesibili likunika ithuba lokucabangisisa ngezinto ozifunde engxenyeni yokugcina yaleso sahluko futhi uzilondoloze enqolobaneni yakho yolwazi. Ngakho zinike isikhathi sokuhlolisisa la mabhokisi. Ngempela angaba yindlela yokukuvezela izindlela eziwusizo ongazuza ngazo ezintweni ozifundayo.

19. Yini okufanele uqale uzibuze yona ngalezi zincwadi ezingu-12?

19 Ukuze ukulungele kahle ukutadisha le ncwadi, zibuze ukuthi yini oyaziyo ngokuqukethwe yilezi zincwadi ezingu-12. UNkulunkulu wazidlulisela ngobani lezi zigijimi, futhi babeluhlobo luni lwabantu? Baphila nini, zazinjani izimo abakhonza ngaphansi kwazo? (Ishadi lezenzakalo elisemakhasini 20 no-21 lizokusiza kakhulu; libheke njalo lapho utadisha izahluko ezilandelayo.) Zazithini izigijimi zabo, zasebenza kanjani ngaleso sikhathi, futhi ukwazi lokhu kungakusiza kanjani ukuba uqonde umongo wendaba? Isahluko esilandelayo sizokusiza uthole izimpendulo zale mibuzo ebalulekile.

a I-Encyclopaedia Judaica ithi leli gama “kubonakala lisuka egameni lesiLatini (elithi Prophetae Minores) elisetshenziswe kuyiVulgate. Isiphawulo esithi “-ncane” esiqwini esithi ‘abaProfethi Abancane’ asibhekiseli ekubalulekeni kwezincwadi zalaba baprofethi abangu-12 uma ziqhathaniswa nezincwadi zika-Isaya, uJeremiya, noHezekeli, kunalokho sibhekisela ebufushaneni bazo.”​—UmQulu 12, ikhasi 49.

b Ngokwesibonelo, bheka ingxoxo ephathelene noHagayi noZakariya encwadini yoFakazi BakaJehova ethi Paradise Restored to Mankind​—By Theocracy! kodwa manje engasanyatheliswa.

OKUZUZILE

  • Yimiphi imibono eyiphutha ‘ngabaProfethi Abancane’ okufanele uyigweme?​—Roma 15:4.

  • Kungani ungalindela ukuzuza ngokuhlola lezi zincwadi ezingu-12 zesiprofetho?​—2 Thimothewu 3:16.

  • Yini ongayilindela ngokulangazela njengoba uhlola lezi zincwadi?​—1 Thesalonika 2:13.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela