INGXENYE 1
UNkulunkulu Angakusiza Ulungele Usuku Lwakhe Olukhulu
“Usuku olukhulu lukaJehova luseduze,” kusho umprofethi kaNkulunkulu. (Zefaniya 1:14) Lolo suku lusondela ngokushesha, ngakho kudingeka sihlale silukhumbula. Uyaqaphela na ukuthi abaprofethi ababizwa ngokuthi abaProfethi Abancane banokuthile okusemqoka abafuna ukukutshela kona ngalolo suku olukhulu? Izahluko 1 kuya ku-3 zale ncwadi zizokusiza ukuba ujwayelane kangcono nalaba baprofethi abangu-12 kuhlanganise nezihloko zezincwadi zabo. Ngakho ungazuza kulokho abakubhala uthole nezifundo eziwusizo ekuphileni kwakho.