Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gf isif. 17 k. 28-k. 29 isig. 3
  • Ukuze Uhlale Unomngane, Kumelwe Ube Nobungane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuze Uhlale Unomngane, Kumelwe Ube Nobungane
  • Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Wakha Esihlabathini Noma Edwaleni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • “Yilokhu Okushiwo Uthando NgoNkulunkulu”
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • “Nginibizé Ngokuthi Ningabangane”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Ukuhlakulela Ubungane Obuhle Kakhulu Ezulwini Nasemhlabeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
Ungaba Umngane KaNkulunkulu
gf isif. 17 k. 28-k. 29 isig. 3

ISIFUNDO 17

Ukuze Uhlale Unomngane, Kumelwe Ube Nobungane

Ubungane busekelwe othandweni. Lapho ufunda okwengeziwe ngoJehova, uthando lwakho ngaye luyokhula. Njengoba lukhula uthando lwakho ngoNkulunkulu, nesifiso sakho sokumkhonza siyokhula. Lokhu kuyokushukumisela ukuba ube umfundi kaJesu Kristu. (Mathewu 28:19) Ngokuzibandakanya nomkhaya ojabulayo woFakazi BakaJehova, ungaba nobungane noNkulunkulu kuze kube phakade. Yini okumelwe uyenze?

Kumelwe ubonise uthando lwakho ngoNkulunkulu ngokulalela imithetho yakhe. “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo osindayo.”—1 Johane 5:3.

Kusebenzise okufundayo. UJesu walandisa indaba echaza lokhu. Indoda ehlakaniphile yakha umuzi wayo phezu kwedwala. Indoda eyisiwula yakha umuzi wayo esihlabathini. Lapho kufika isiphepho esikhulu, umuzi owakhiwe phezu kwedwala awubhidlikanga, kodwa kwaba kukhulu ukuwa kowawakhiwe esihlabathini. UJesu wathi labo abezwa izimfundiso zakhe futhi bazenze bafana nendoda ehlakaniphile eyakha phezu kwedwala. Kodwa labo abezwa izimfundiso zakhe kodwa bangazenzi bafana nendoda eyisiwula eyakha esihlabathini. Ufuna ukufana nayiphi indoda?—Mathewu 7:24-27.

Indlu eyakhiwe phezu kwedwala nendlu eyakhiwe esihlabathini

Ukuzinikezela. Lokhu kusho ukuthi utshela uJehova ngomthandazo ukuthi ufuna ukwenza intando yakhe phakade. Ukwenza intando kaNkulunkulu kubonisa ukuthi ungumfundi kaJesu Kristu.—Mathewu 11:29.

Owesifazane unikezela ukuphila kwakhe kuJehova ngomthandazo

Ubhapathizo. ‘Bhapathizwa futhi uhlanze izono zakho ngokubiza igama lakhe.’—IzEnzo 22:16.

Indoda iyabhapathizwa

Hlanganyela ngokugcwele ekukhonzeni uNkulunkulu. “Noma ngabe yini eniyenzayo, yisebenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu.”—Kolose 3:23.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela