Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gf isif. 18 k. 30-k. 31 isig. 3
  • Yiba Umngane KaNkulunkulu Kuze Kube Phakade!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yiba Umngane KaNkulunkulu Kuze Kube Phakade!
  • Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu Abakhululekile Kodwa Abanesibopho Sokulandisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Niyemukelwa Emihlanganweni Yesigodi ‘Yabathandi Benkululeko!’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ungalahlekelwa Injongo Yenkululeko Evela KuNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Khonza UJehova, UNkulunkulu Wenkululeko
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
Ungaba Umngane KaNkulunkulu
gf isif. 18 k. 30-k. 31 isig. 3

ISIFUNDO 18

Yiba Umngane KaNkulunkulu Kuze Kube Phakade!

Kudinga umzamo ukwakha ubungane; kudinga umzamo ukulondoloza umngane. Imizamo yakho yokuba umngane kaNkulunkulu nokuhlala unguye iyobusiswa ngokucebile. UJesu wathi kulabo ababekholwa nguye: “Iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:32) Kusho ukuthini lokho?

Amadoda amabili ePharadesi

Ungathola inkululeko manje. Ungakhululeka ezimfundisweni zamanga nasemangeni asakazwe uSathane. Ungakhululeka ekuphelelweni ithemba okukhungethe izigidi zabantu abangamazi uJehova. (Roma 8:22) Abangane bakaNkulunkulu bakhululekile ngisho ‘nasekwesabeni ukufa.’—Heberu 2:14, 15.

Ungathola inkululeko ezweni elisha likaNkulunkulu. Yeka inkululeko emangalisayo ongayithola esikhathini esizayo! Emhlabeni oyiPharadesi, siyokhululeka empini, ekuguleni nasebugebengwini. Siyokhululeka ebuphofwini nasendlaleni. Sikhululeke ekugugeni nasekufeni. Sikhululeke ekwesabeni, ekucindezelweni nasekucwasweni. IBhayibheli lithi ngoNkulunkulu: “Uvula isandla sakho wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo.”—IHubo 145:16.

Abangane bakaNkulunkulu bayophila phakade. Ukuphila okumi phakade kuyisipho esiyigugu uNkulunkulu ayosinika bonke abafuna ukuba abangane bakhe. (Roma 6:23) Cabanga nje ukuthi ukuphila okungapheli kuyosho ukuthini ngawe!

Indoda nentombazane babuka ixoxo, owesifazane uyapenda

Uyoba nesikhathi sokwenza izinto eziningi. Mhlawumbe uyothanda ukufunda ukudlala insimbi yomculo. Noma mhlawumbe ufuna ukufunda ukudweba izithombe noma ukuba umbazi. Ungase uthande ukufunda ngezilwane nezitshalo. Noma mhlawumbe ufuna ukuhamba ubone amazwe ahlukahlukene nabantu. Ukuba nokuphila okumi phakade kuyokwenza ukwazi ukwenza zonke lezi zinto!

Uyoba nesikhathi sokwakha abangane abaningi. Ukuphila phakade kuyovula ithuba lokuba wazi abanye abantu abaningi abaye baba abangane bakaNkulunkulu. Uyokwazi amakhono abo nezimfanelo zabo ezinhle, futhi nabo bayoba abangane bakho. Uyobathanda, nabo bakuthande. (1 Korinte 13:8) Ukuba nokuphila okungapheli kuyokunikeza isikhathi sokuba ube umngane wabo bonke abantu emhlabeni! Okuhle kunakho konke, ubungane bakho noJehova buyolokhu buqina njengoba iminyaka idlula. Kwangathi ungaba umngane kaNkulunkulu kuze kube phakade!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela