Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g25 No. 1 kk. 10-11
  • Yaneliseka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yaneliseka
  • I-Phaphama!—2025
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OKWENZA KUBALULEKE UKUBA WANELISEKE
  • ONGAKWENZA
  • ‘Usuyifundile Imfihlo’ Yokwaneliseka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Ungakwazi Yini Ukuthola Ukwaneliseka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indlela Ongathola Ngayo Injabulo Nokwaneliseka
    I-Phaphama!—2021
  • Indlela Ongaphila Ngayo Emphakathini Okhonzé Ukulahla
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2025
g25 No. 1 kk. 10-11
Izithombe: 1. Ubaba uyamomotheka njengoba ehamba endaweni yokwakha abesebenza kuyo. 2. Ngokuhamba kwesikhathi, udlala nezingane zakhe ezimbili nenja ekhaya labo eliphansi kuyilapho umkakhe ebabukela ngenjabulo.

ESINGAKWENZA NJENGOBA IZINTO ZIMBA EQOLO

Yaneliseka

Abantu abanelisekile bayakujabulela ukuphila kwabo. Lapho izimo zabo zishintsha, nabo bashintsha indlela abaphila ngayo ukuze ingabi ngaphezu kwamandla abo.

OKWENZA KUBALULEKE UKUBA WANELISEKE

Udokotela wengqondo uJessica Koehler waphawula ukuthi abantu abanelisekile bavame ukuba nesimo sengqondo esihle. Wathola nokuthi abanawo umona ngabanye abantu. Shono nje abantu abanelisekile behlale bejabule futhi bengakhathazeki kakhulu. Empeleni, abantu abaningi abajabula ngempela yilabo abanezinto ezincane. Kodwa okubajabulisa ngempela ukuthi bagxila ezintweni ezibalulekile ezingathengwa ngemali, njengenjabulo etholakala ngokuchitha isikhathi nomndeni nabangani.

“Uma sinokudla nezingubo zokugqoka, siyokwaneliswa yilezi zinto.”—1 Thimothewu 6:8.

ONGAKWENZA

Ungaziqhathanisi nabanye abantu. Ungase uqale ukunganeliseki uze ube nomona uma uqhathanisa ukuphila kwakho nokuphila komunye umuntu okubukeka kuntofontofo. Nokho, okucabangayo kungase kungabi iqiniso ngoba abanye abanezinto eziningi empeleni bacwile ezikweletini. UNicole, ohlala eSenegal, uthi: “Angidingi ukuba nezinto eziningi ukuze ngijabule. Uma nganelisekile, ngingajabula ngisho noma abanye benezinto eziningi kunalezo enginazo.”

Zama lokhu: Gwema ukubuka izikhangiso noma izinto ezifakwe ezinkundleni zokuxhumana eziveza izinto zabantu zikanokusho nokuthi banemali eningi kangakanani.

“Ngisho nalapho umuntu enokuningi, ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.”—Luka 12:15.


Bonga. Abantu ababongayo ngokuvamile bayaneliseka futhi abahlale becabanga ukuthi badinga noma bafanelwe okwengeziwe. URoberton, waseHaiti, uthi: “Ngizinika isikhathi sokucabanga ngomusa abantu abawubonise mina nomndeni wami. Ngibe sengibatshela labo bantu ukuthi ave ngibonga ngalokho abangenzele kona. Ngifundisa nomfana wami oneminyaka engu-8 ukuba athi ngiyabonga uma ethola okuthile.”

Zama lokhu: Usuku ngalunye, bhala phansi ebhukwini ozibekele lona izinto obonga ngazo. Ungabonga ukuthi uyaphila awuguli, unomndeni ozwanayo nabangani beqiniso. Ungabonga ngisho nangobuhle belanga lapho seliyozilahla kunina.

“Onenhliziyo ejabulayo uhlale enedili.”—IzAga 15:15.

Ngezinye izikhathi, siyahluleka ukwaneliswa yizinto esinazo. Kodwa uma sizama ukwaneliseka ngalokho esinakho, siyojabula! Uma sikhetha ukwaneliseka siyojabula, ngisho nemali ayisoze yayithenga leyo njabulo!

U-Erik.

“Umndeni wethu usufunde ukwaneliseka, okube yisibusiso esikhulu kithi. Ngenxa yokuthi asisekho matasa njengakuqala, sesichitha isikhathi esiningana sindawonye futhi siyazijabulela izinto esinazo.”—U-Erik, wase-U.S.A.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela