Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/14 k. 7
  • Ngoba Izimo Zingashintsha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngoba Izimo Zingashintsha
  • I-Phaphama!—2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • 4 | Vikela Ithemba Lakho
    I-Phaphama!—2022
  • Angisafuni Ukuphila—Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Lapho Ngifuna Ukuzibulala?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Indlela Yokubhekana Noshintsho
    I-Phaphama!—2016
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 4/14 k. 7

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | NGISAPHILELANI NJE?

1 Ngoba Izimo Ziyashintsha

“Sicindezelwe ngazo zonke izindlela, kodwa asiminyene kangangokuthi asikwazi nokunyakaza; sisambathekile, kodwa asibona abangenayo nhlobo indlela yokuphuma.”​—2 KORINTE 4:8.

Ukuzibulala kuye kwabizwa ngokuthi “ikhambi elihlala njalo lenkinga yesikhashana.” Ngisho noma kunzima kanjani ukukukholelwa lokhu, isimo esicindezelayo, ngisho naleso esibonakala singaphezu kwamandla​—singase sibe esesikhashana. Empeleni singashintsha kungazelelwe sibe ngcono.​—Bheka ibhokisi elithi “Izimo Zabo Zashintsha.”

Ngisho noma izimo zingashintshi, kungcono kakhulu ukusingatha izinkinga zakho ngokuxazulula eyodwa ngesikhathi. UJesu wathi, “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Ububi bosuku ngalunye banele lona.”​—Mathewu 6:34.

Kodwa kuthiwani uma izimo zakho zingenakushintsha? Ngokwesibonelo, kungenzeka unesifo esingamahlala-khona. Noma kuthiwani uma ukuphelelwa kwakho yithemba kubangelwa isimo esingenakushintsha, njengokuchitheka komshado noma ukushonelwa umuntu omthandayo?

Ngisho nangaphansi kwezimo ezinjalo, kukhona ongakushintsha: indlela osibheka ngayo isimo. Ngokufunda ukwamukela izimo ongenakuzishintsha, ungase ube nombono omuhle kakhudlwana ngezinto. (IzAga 15:15) Kanti maningi namathuba okuba ufune izindlela zokusikhuthazelela isimo kunokuba uncamele ukuzibulala. Ube yini umphumela? Ungaqala ukusilawula ngezinga elithile isimo okubonakala sengathi asinakulawuleka.​—Jobe 2:10.

KHUMBULA LOKHU: Ngeke ukwazi ukufinyelela esiqongweni sentaba ngegxathu elilodwa kuphela, kodwa ungayiqombola kancane kancane. Ungenza okufanayo nangezingqinamba eziningi obhekana nazo, kungakhathaliseki ukuthi zibonakala ziwumqansa omkhulu kangakanani.

ONGAKWENZA NAMUHLA: Khuluma nothile ngesimo sakho, kungaba umngane noma ilungu lomndeni. Lowo muntu angakusiza ukuba ubheke isimo okuso ngeso elibanzi.​—IzAga 11:14.

IZIMO ZABO ZASHINTSHA

Cabanga ngabantu abane abathembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini abaphelelwa yithemba kwaze kwaba seqophelweni lokungasakufuni ukuphila.

  • URebheka: “Uma kungale ndlela, ngiphilelani?”​—Genesise 25:22.

  • UMose: “Siza ungibulale ngokuphelele. . . . Ngingayiboni inhlekelele yami.”​—Numeri 11:15.

  • U-Eliya: “Susa umphefumulo wami, ngoba angingcono kunokhokho bami.”​—1 AmaKhosi 19:4.

  • UJobe: “Kungani ngingazange ngife kwasesibelethweni?”​—Jobe 3:11.

Uma ufunda ukulandisa kweBhayibheli ngalaba bantu, uzothola ukuthi izimo zabo zashintsha zaba ngcono futhi ngezindlela ababengazange bazicabange. Kungenzeka okufanayo nakuwe. (UmShumayeli 11:6) Ungalilahli ithemba!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela