Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/14 k. 6
  • Ngisaphilelani Nje?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngisaphilelani Nje?
  • I-Phaphama!—2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkinga Yomhlaba Wonke
    I-Phaphama!—2001
  • Kungani Kunokuzibulala Okuningi Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ukuzibulala—uhlupho Entsheni
    I-Phaphama!—1998
  • Okwenza Abantu Balahle Ithemba Ngokuphila
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 4/14 k. 6
Indoda ecindezelekile futhi ecabanga ukuzibulala

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ngisaphilelani Nje?

UMA ubungahlangana noDiana,a ubungazibonela intokazi ekhaliphile nenobungane. Nokho, naphezu kokubukeka okukhangayo kukaDiana, ngaphakathi ukhungethwe umuzwa wokuzizwa engelutho ngokuphelele, othatha izinsuku, amasonto ngisho nezinyanga ngezinye izikhathi. Uthi, “Nsuku zonke ngihlale ngicabanga ngokufa. Ngikholelwa ukuthi angilusizo lwalutho emhlabeni.”

“Ucwaningo luye lwabonisa ukuthi njalo lapho kunomuntu ozibulele, kusuke kunabangu-200 abaye bazama ukuzibulala [nabanye] abangu-400 abaye bakucabanga.”​—I-GAZETTE, MONTREAL, CANADA.

UDiana uthi akasoze azibulala. Noma kunjalo, ngezinye izikhathi akasiboni isizathu sokuqhubeka ephila. Uthi, “Into engiyifisa kakhulu ukuvelelwa ingozi ngife. Ukufa sengikubheka njengomngane​—hhayi isitha.”

Abantu abaningi bayayiqonda indlela uDiana azizwa ngayo futhi abanye babo sebeke bakucabanga noma bakuzama ukuzibulala. Nokho, ochwepheshe bathi abantu abaningi abazama ukuzibulala basuke bengafuni ngempela ukufa; basuke bemane befuna ukuqeda ukuhlupheka kwabo. Ngamafuphi, bazibona benesizathu sokufa; into abangenayo isizathu sokuphila.

Kungani kufanele uqhubeke uphila? Cabangela izizathu ezintathu zokuqhubeka uphila.

INSUMANSUMANE: Ukukhuluma ngokuzibulala​—noma ngisho nje ukusebenzisa leli gama​—kukhuthaza abantu ukuba bakuzame.

IQINISO: Ukukhuluma ngokukhululekile ngale ndaba ngokuvamile kuyamsiza umuntu ocabanga ukuzibulala ukuba aphinde acabange ngenye indlela.

a Igama lishintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela