Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/14 k. 8
  • Ngoba Lukhona Usizo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngoba Lukhona Usizo
  • I-Phaphama!—2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?
    I-Phaphama!—2008
  • Ukucindezeleka
    I-Phaphama!—2013
  • Ukucindezeleka Kwentsha—Kubangelwa Yini? Yini Engasiza?
    I-Phaphama!—2017
  • Ukucindezeleka: Konke Kusekhanda Lomuntu?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 4/14 k. 8

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | NGISAPHILELANI NJE?

2 Ngoba Lukhona Usizo

‘Phonsani zonke izinkathazo zenu kuNkulunkulu, ngoba uyanikhathalela.’​—1 PETRU 5:7

Ukufa kungabonakala kungcono kunokuphila lapho unomuzwa wokuthi ayikho into ongayenza ukuze isimo obhekene naso sibe ngcono. Kodwa cabanga ngezinto ezingakusiza.

Umthandazo. Umthandazo awuyona nje indlela yokukwenza uzizwe ungcono; futhi awuyona into okufanele uyenze ngoba uxakekile. Uyindlela engokoqobo yokukhuluma noJehova uNkulunkulu, okukhathalelayo. UJehova ufuna umtshele ukuthi yini ekukhathazayo. Empeleni, iBhayibheli liyasikhuthaza: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.”​—IHubo 55:22.

Kungani ungathandazi kuNkulunkulu khona namuhla? Sebenzisa igama lakhe elithi Jehova, futhi umthululele isifuba sakho. (IHubo 62:8) UJehova ufuna umazi njengomngane. (Isaya 55:6; Jakobe 2:23) Umthandazo uyindlela yokukhuluma noNkulunkulu ongayisebenzisa noma nini, noma ngabe ukuphi.

Ngokusho kwe-American Foundation for Suicide Prevention (Inhlangano YaseMelika Yokuvimbela Ukuzibulala), “ucwaningo luye lwabonisa ngokuphindaphindiwe ukuthi inani elikhulu kakhulu labantu abazibulalayo​—amaphesenti angu-90 noma ngaphezulu​—basuke bephazamisekile engqondweni ngesikhathi bezibulala. Kodwa, ngokuvamile lezi zinkinga zengqondo zisuke zingabonakalanga, zingatholakalanga noma zingelashwanga ngokufanele”

Abantu abakhathalelayo. Ukuphila kwakho kubalulekile kwabanye​—abahlanganisa amalungu omndeni wakho noma abangane okungenzeka sebebonisile kakade ukuthi bayakukhathalela. Abantu abakukhathalelayo bahlanganisa nabanye okungenzeka awukaze ubabone. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi lapho beshumayela, oFakazi BakaJehova bahlangana nabantu abacindezeleke kakhulu, abanye babo abaye bavuma ukuthi babeludinga kakhulu usizo nokuthi babecabanga ngokuzibulala. Ukushumayela koFakazi BakaJehova endlini ngendlu kuye kwabanika ithuba elingavamile lokusiza abantu abanjalo. Belandela isibonelo sikaJesu, oFakazi BakaJehova bayabakhathalela abanye abantu. Bayakukhathalela nawe.​—Johane 13:35.

Usizo lwabezokwelapha. Imicabango yokuzibulala ngokuvamile ibonisa ukuthi umuntu unenkinga yokuguquguquka kwemizwelo, njengesifo sokucindezeleka. Asikho isidingo sokuba namahloni uma unenkinga yemizwelo​—njengoba nje ungenakuba namahloni uma ugula emzimbeni. Eqinisweni, ukucindezeleka kuye kwafaniswa “nomkhuhlane wengqondo ojwayelekile.” Noma ubani angaba nayo le nkinga​—futhi ingelapheka.a

KHUMBULA LOKHU: Ngokuvamile akunakwenzeka ukuzitakula obishini lokucindezeleka. Nokho, ngosizo lothile ungaphumelela.

ONGAKWENZA NAMUHLA: Funa udokotela onedumela elihle olapha izinkinga zokuphazamiseka kwemizwelo njengokucindezeleka.

a Uma imicabango yokuzibulala inamandla noma iphikelela, thola ukuthi yiziphi izindawo ongathola kuzo usizo​—mhlawumbe uthinte isikhungo esisiza abafuna ukuzibulala noma igumbi lasesibhedlela lezimo eziphuthumayo. Lezi zindawo zinabantu abaqeqeshelwe ukusiza abantu abanezinkinga ezinjalo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela