Inkantolo YaseSpain Iqinisekisa Ilungelo Likamama Lokuhlala Nezingane
● Ubungazizwa kanjani uma kungatshazwa ukuthi uyafaneleka njengomzali? Kuthiwani uma othile ethi izingane zakho azinawo amakhono ayisisekelo okusebenzelana nabanye abantu, azikwazi ukuhlukanisa okulungile nokungalungile, futhi azihlakaniphile—ngenxa nje yethonya lakho?
URosa López, ongumama wamantombazane amabili eSpain, wazithola ebhekene namacala anjalo lapho umyeni wakhe wangaphambili ethatha isinyathelo sokuthola ilungelo lokuhlala nezingane zabo ngokomthetho. URosa ungomunye woFakazi BakaJehova, futhi umyeni wakhe wangaphambili wagomela ngokuthi izinkolelo zakhe zazithiya ikhono lamadodakazi lokusebenzelana nabanye, ukufunda kwawo esikoleni nokwahlulela ezindabeni zokuziphatha. Lapho inkantolo yendawo izichitha izikhalazo zomyeni kaRosa wangaphambili, wadlulisela icala enkantolo yesifundazwe.
Ecaleni lokuthola ilungelo lokuhlala nezingane, uphenyo olwenziwe kahle lulwela ukungachemi; ngeke luhileleke ezimpikiswaneni ezingokwenkolo njengokungathi kumangalelwa ukholo lomuntu. Kunalokho, lumane lugxile ezindabeni ezinjengalezi: Yini eyozuzisa ingane kangcono? Ingabe ithonya lomzali onelungelo lokuhlala nezingane liyingozi ngandlela-thile? Imuphi umzali okufanelekela kangcono ukunakekela izidingo zengane?
Ukuze kuphendulwe leyo mibuzo ecaleni likaRosa, inkantolo yayala isazi sokusebenza kwengqondo ukuba sixoxe nezingane kanye nabazali. Waba yini umphumela? Lesi sazi sathola ukuthi nakuba kwase kuphele iminyaka eyisithupha izingane zihlala nonina, zazikhula kahle kuzo zonke izici—esikoleni, ebudlelwaneni nabanye kanye nasekhaya. Ngokwalokho okwatholwa yilesi sazi sokusebenza kwengqondo kanye nobufakazi babazali, ijaji lathola ukuthi abukho ubufakazi obubonisa ukuthi “lezi zingane ziyathikamezeka ngandlela-thile ngokomzwelo noma ngokwezenhlalo ngenxa yokukhuliswa enkolweni yoFakazi BakaJehova.” Lanquma nokuthi izimangalo ezethulwa umyeni kaRosa wangaphambili “zazicwasa ngokuphelele futhi zingenasisekelo.”
Ngenxa yokucwasa ngokwenkolo noma ulwazi olunganembile, abanye bacabanga ukuthi izingane zoFakazi BakaJehova zincishwa ithuba lokukhula “ngendlela evamile.” Nokho, izingane ezikhuliswa ngezimiso zeBhayibheli akukhona ukuthi ziphathwa kabi. Kunalokho, zisizwa ukuba zibe abantu abanokulinganisela, abakhathalelayo nabahluzekile.—Efesu 6:4; 2 Thimothewu 3:15-17.
[Isithombe ekhasini 14]
URosa López walilondoloza ilungelo elingokomthetho lokuhlala namadodakazi akhe amabili