Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/09 kk. 10-13
  • Ngingabazi Kanjani Kangcono Abazali Bami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingabazi Kanjani Kangcono Abazali Bami?
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuningi Ongakuthola
  • Thatha Isinyathelo Kuqala
  • Akukephuzi!
  • Yini Okufanele Ngiyenze Uma Abazali Bami Bexabana?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Kungani Abazali Bami Bengaqondi?
    I-Phaphama!—2012
  • Kufanele Ngenzenjani Uma Abazali Bami Bexabana?
    I-Phaphama!—2007
  • Kungani Abazali Bami Bengangivumeli Ngizijabulise?
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 10/09 kk. 10-13

Intsha Iyabuza

Ngingabazi Kanjani Kangcono Abazali Bami?

UJessica nabazali bakhe bajabulela isidlo nabangane. Phakathi nesidlo, omunye kubantu abadala uthi kunina, “Phela ngeke ukholwe! Ngolunye usuku ngibone uRichard—lo owawuthandana naye esikoleni esiphakeme.”

UJessica uwisa imfologo. Akakaze ezwe ngoRichard ngaphambili!

“Hawu mama, wake wathandana nothile ngaphambi kukababa? Bengingakwazi-ke lokho!”

INGABE nawe njengoJessica, wake wezwa okuthile okuphathelene nabazali bakho okwakumangaza? Uma kunjalo, mhlawumbe lokho kwakwenza wazibuza ukuthi kazi yikuphi okunye ongakwazi ngabo!

Kungani kuhlale kunokuthile ongakufunda ngabazali bakho? Yiziphi izinzuzo ongazithola ngokwazi okwengeziwe ngabo? Ungakwenza kanjani lokho?

Kuningi Ongakuthola

Kungani kungase kube nezinto ongazazi ngabazali bakho? Ngezinye izikhathi lokhu kungabangelwa ukungahlali nabo. UJacob, manje oneminyaka engu-22, uthi: “Abazali bami bahlukana ngiseneminyaka engu-8.a Ngemva kwalokho ubaba ngangimbona izikhathi ezimbalwa ngonyaka. Kuningi engifisa ukukwazi ngaye.”

Ngisho noma usuhlale nabazali bakho iminyaka, kungenzeka ukuthi abakakutsheli konke ngabo. Kungani? Njengathi sonke, nabazali ngezinye izikhathi baba namahloni ngamaphutha abawenza esikhathini esidlule. (Roma 3:23) Okunye, bangase bakhathazeke ngokuthi uma beveza amaphutha abo, ngeke usabahlonipha—noma uzoba nesibindi sokuzenzela umathanda.

Nokho, ngokuvamile kunezinto abazali bakho abangakaze bakutshele zona ngenxa nje yokuthi akukaze kukhulunywe ngazo. Insizwa okuthiwa uCameron, ithi: “Kuyamangalisa ukuthi ungahlala nabazali bakho iminyaka kodwa futhi kube nokuningi osengakuthola ngabo!” Kungani ungathathi isinyathelo sokubazi kangcono abazali bakho? Ake ucabange ngezinzuzo ezine ongase uzithole.

Inzuzo yokuqala: Cishe abazali bakho bayosijabulela isithakazelo sakho ngabo. Akungabazeki ukuthi bayojabula ngokuthi uyathanda ukwazi ngokuphila kwabo. Mhlawumbe bangase bakuzwele kakhulu ngendlela ozizwa ngayo!—Mathewu 7:12.

Inzuzo yesibili: Uyoyiqonda indlela abazali bakho ababheka ngayo izinto. Ngokwesibonelo, ingabe abazali bakho bake bantula izinto ezibonakalayo? Lokhu kungase kubonise ukuthi kungani bonga kangaka manje, ngisho noma lokho kubonakala kungadingekile kuwe.

Ukuyiqonda kanjalo indlela abazali bakho abacabanga ngayo kungakusiza. Insizwa okuthiwa uCody, iyaphawula: “Ngokuthola indlela abazali bami abacabanga ngayo, ngiyakwazi ukucabanga ukuthi engikushoyo kuzobathinta kanjani ngaphambi kokuba ngikhulume.”—IzAga 15:23.

Inzuzo yesithathu: Ungase ukhululeke kangcono ukuxoxa nabo ngokuphila kwakho. UBridgette oneminyaka engu-18, uthi: “Ngangizizwa ngingakhululekile ukuxoxa nobaba ngomfana engangimthanda. Kodwa lapho ngiqala ukukhuluma naye ngalokhu, wangitshela ngesikhathi lapho aqala khona ukuthandana nothile nokuthi lokho kwakumnandi kanjani. Waze wangitshela nangosuku ahlukana ngalo nentombi yakhe nokuthi kwakubuhlungu kanjani. Lokho kwangikhuthaza ukuba ngimtshele okwengeziwe ngesimo sami.”

Inzuzo yesine: Ungase ufunde okuthile. Okuhlangenwe nakho kwabazali bakho ekuphileni kungakusiza ukuba ubhekane nezakho izinkathazo nezinselele. UJoshua, oneminyaka engu-16 uthi: “Ngifuna ukufunda indlela abazali bami abakwazi ngayo ukunakekela izidingo eziningi ezingokwenyama, ezingokomzwelo nezingokomoya zomkhaya omkhulu kangaka. Kufanele kube nezifundo ezibalulekile kulokhu.” IBhayibheli liphakamisa umbuzo othi: “Akukho yini ukuhlakanipha kulabo asebebadala nokuqonda ebudeni bezinsuku?”—Jobe 12:12.

Thatha Isinyathelo Kuqala

Uma ungathanda ukwazi abazali bakho kangcono yini ongayenza? Nakhu ukusikisela.

Khetha isimo esikahle. Akufanele ngaso sonke isikhathi kube isimo esihleliwe. Kunalokho, lwela ukuba kube phakathi nezingxoxo ezikhululekile. Ningase nidlale ibhola, nenze umsebenzi othile ndawonye noma nihambahambe ngemoto noma ngezinyawo nabazali bakho. UCody okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ngike ngaba nezingxoxo ezimnandi nabazali bami phakathi nezikhathi esibe nohambo olude ngazo. Yiqiniso, kulula ukumane ulalele umculo ngama-earphone, noma uzilalele, kodwa ngithole ukuthi ukuqala ingxoxo enjalo kuwufanele umzamo!”

Buza imibuzo. Asilivume leli qiniso: Ngisho nasezimweni ezikhululekile kungenzeka ukuthi umama wakho ngeke nje avele akuxoxele ngomfana aqala ukuzizwa emthanda, nobaba wakho angase angavele nje akutshele ukuthi wake washayisa imoto yakubo. Kodwa kungenzeka abazali bakho bakuxoxele lezi zinto uma ubabuza!—Ukuze uthole okunye ukusikisela ngemibuzo ongase uyibuze, bheka ibhokisi ekhasini 12.

Vumelana nezimo. Ngokuvamile impendulo yombuzo owodwa ingaholela kwenye indaba noma ingxoxo. Ungase ulingeke ukuba uzame ukubuyisela ingxoxo endabeni yasekuqaleni, kodwa kugweme lokho! Khumbula, umgomo wakho awukhona nje ukwazi izinto ngabo. Kunalokho, uwukuhlakulela ubuhlobo obuseduze nabazali bakho, futhi enye yezindlela ezingcono kakhulu yokwenza lokhu ukukhuluma ngezinto ezithandwa yibona.—Filipi 2:4.

Yiba nokuqonda. “Inhloso enhliziyweni yomuntu injengamanzi ajulile, kodwa umuntu onokuqonda uyoyikhipha.” (IzAga 20:5) Uyakudinga kakhulu ukuqonda lapho ufuna ukukhuluma nabazali bakho ngezindaba ezibucayi. Ngokwesibonelo, mhlawumbe unesithakazelo sokwazi ngamaphutha uyihlo awenza lapho esalingana nawe nokuthi iyiphi indlela ehlukile abengasingatha ngayo izinto uma ebenganikwa elinye ithuba. Kodwa ngaphambi kokuxoxa ngezinto ezinjalo, ungase uthi: “Ngingakubuza ngokuthile . . . ”

Yiba nesu. Lapho abazali bakho bekutshela ngokuphila kwabo, ‘shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma.’ (Jakobe 1:19) Kunoma yini oyenzayo, ungabahleki usulu noma ubadelele ngalokho abasanda kukutshela khona. Amazwi anjengokuthi: “Hawu! Angikholwa ukuthi wake wayenza leyo nto!” noma “Yingakho nje uqinisa isandla kimina!” ngeke enze umama noma uyihlo afune ukuqhubeka nengxoxo. Ukukhuluma ngezindaba zakho eziyisifuba nabantu abangewona amalungu omkhaya nakho ngeke kukusize.

Akukephuzi!

Ukusikisela okungenhla kungakusiza ukuba ubazi kangcono abazali bakho njengoba usahlala ekhaya. Kodwa kuthiwani uma ungasahlali nabo? Izimiso ezifanayo zingakusiza ukuba uvuselele ubuhlobo bakho nabo—noma nomzali ongalitholanga ngempela ithuba lokumazi kahle. Yilokho akutholile uJacob okukhulunywe ngaye ekuqaleni. Nakuba esehlala yedwa manje, uthi: “Muva nje ngizama ukumazi kangcono ubaba, futhi ngiyakujabulela.”

Ngakho kungakhathaliseki ukuthi usahlala ekhaya noma cha, akukephuzi ukubazi kangcono abazali bakho. Kungani ungazami ukusikisela okukulesi sihloko ukuze kukusize wenze kanjalo?

Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

◼ Yiziphi izinto okuxoxwe ngazo kulesi sihloko ongathanda ukuxoxa ngazo nabazali bakho?

◼ Ukwazi okwengeziwe ngabazali bakho kungakusiza kanjani ukuba uziqonde kangcono?

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 12]

Buza abazali bakho imibuzo efana nale elandelayo:

UMSHADO: Nahlangana kanjani Mama (noma Baba)? Yini eyanenza nakhangana? Nahlala kuphi ngemva kokushada?

IMPILO YASEBUNTWANENI: Wazalelwaphi? Naniphathana kanjani nezingane zakini? Ingabe abazali bakho babe nesandla esiqinile kuwe?

IMFUNDO: Wawuthanda siphi isifundo esikoleni? Yisiphi owawungasithandi? Ingabe ukhona uthisha owawumthanda? Yini eyakwenza wamthanda?

UMSEBENZI WOKUZIPHILISA: Hlobo luni lomsebenzi owalwenza lapho uqala ukusebenza? Wawujabulela? Uma bekungathiwa khetha, hlobo luni lomsebenzi obungalukhetha?

IZINTO AZITHANDAYO: Uma bekungathiwa vakashela indawo ethile emhlabeni, ubungaya kuphi? Yimuphi umdlalo noma ikhono obungathanda ukulithuthukisa?

UMLANDO ONGOKOMOYA: Ingabe wakhuliswa amaKristu? Uma kungenjalo, yini eyakwenza waba nesithakazelo eBhayibhelini? Yiziphi izinselele owabhekana nazo lapho uvumelanisa ukuphila kwakho nezimiso zeBhayibheli?

IZINDINGANISO: Ucabanga ukuthi yiziphi izinto ezibalulekile ukuze kube nobuhlobo obuhle, ukuphila okujabulisayo nomshado oyimpumelelo? Yisiphi iseluleko esingcono kakhulu owake wasithola?

Zama lokhu: Khetha imibuzo embalwa kwengenhla bese uzama ukuqagela indlela abebengayiphendula ngayo abazali bakho. Yibe usubabuza le mibuzo bese uqhathanisa izimpendulo zabo nalokho obucabanga ukuthi bazokusho.

[Ibhokisi ekhasini 13]

OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI

Udla isidlo nomyeni wakho, indodakazi yakho nabangane abathile. Phakathi nengxoxo, umngane wakho ukhuluma ngothile owake wathandana naye—nehlukana—ngaphambi kokuba uhlangane nomyeni wakho. Awukaze uyixoxele indodakazi yakho lokhu. Manje isifuna ukwazi okwengeziwe. Uyokwenzenjani?

Ngokuvamile, kuhle ukuyamukela imibuzo yengane yakho. Empeleni, njalo lapho ikubuza imibuzo noma ilalele izimpendulo zakho nisuke nixoxa—into eyisifiso sabazali abaningi.

Kungakanani okufanele ukutshele indodana noma indodakazi yakho ngempilo yakho yesikhathi esidlule? Ngokuvamile, ungase ukhethe ukungazivezi izinto ezibangela amahloni. Kodwa, lapho kufaneleka khona ukuveza amanye amaphutha akho nobunzima, kungaba usizo olukhulu enganeni yakho. Kanjani?

Cabanga ngalesi sibonelo. Umphostoli uPawulu wake wembula okuthile ngaye: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi. . . . Yeka mina muntu wosizi!” (Roma 7:21-24) UJehova uNkulunkulu owaphefumulela lawo mazwi, wabangela ukuba alotshwe futhi alondolozwe eBhayibhelini ukuze sizuze. (2 Thimothewu 3:16) Siyazuza ngempela, ngoba ubani phakathi kwethu ongakaze azizwe ngendlela azizwa ngayo uPawulu?

Ngokufanayo, ukuzwa ngokukhetha kwakho okuhle nangamaphutha akho kungazisiza izingane zakho zikuqonde kangcono. Kuyavunywa, wena wakhula ngenkathi ehlukile. Kodwa, nakuba izikhathi sezishintshile, indlela yokuphila kwabantu ayikashintshi; imiBhalo nayo ayikashintshi. (IHubo 119:144) Ukuxoxa ngezinselele osuke wabhekana nazo—nokuthi wazinqoba kanjani—kungazisiza izingane zakho ezisenkathini yokuthomba njengoba zizama ukuxazulula izinkinga zazo. Insizwa okuthiwa uCameron ithi: “Lapho uthola ukuthi abazali bakho sebake babhekana nezinselele ezifana nezakho, kwenza ukuba abazali bakho babonakale bengabantu bangempela.” Uyanezela: “Ngesikhathi esilandelayo lapho unenkinga, uyazibuza ukuthi kazi abazali bakho nabo bake babhekana yini nalokhu.”

Isixwayiso: Akuzona zonke izindaba okufanele ziphethe ngokunika iseluleko. Kuyiqiniso ukuthi kungenzeka ukhathazekile ngokuthi ingane yakho ingase ifinyelele iziphetho ezingafanele noma ibe nomuzwa wokuthi nayo kufanele yenze amaphutha afanayo. Kunokuba usho ukuthi yini okufanele iyifunde engxoxweni yenu (“Yingakho kungafanele neze u-. . . ”), yitshele ukuthi uzizwa kanjani. (“Ngifisa sengathi ngabe angikwenzanga lokhu, ngenxa yokuthi . . . ”) Indodana noma indodakazi yakho ingafunda isifundo esibalulekile kulokho ngaphandle kokuba nomuzwa wokuthi kade isinikwa iseluleko.—Efesu 6:⁠4.

[Ibhokisi ekhasini 13]

“Ngesinye isikhathi, ngatshela umama ukuthi ngangikhululeka uma nginengifunda nabo esikoleni kunamaKristu. Ngosuku olulandelayo, kwakukhona incwadi etafuleni lami evela kumama. Kule ncwadi wangitshela ukuthi naye wake wabantula abangane phakathi kwakholwa nabo. Wangikhumbuza ngabathile eBhayibhelini abakhonza uNkulunkulu ngisho nalapho kungekho muntu owayengabakhuthaza. Wancoma nemizamo yami yokuzama ukwakha ubuhlobo obakhayo. Kwangimangaza ukuthola ukuthi kwakungemina ngedwa owayeke wabhekana nale nkinga. Nomama, wayeseke wabhekana nayo, futhi ngajabula kakhulu kangangokuba ngakhala. Kwangikhuthaza lokho umama akusho, futhi kwanginika amandla okwenza okulungile.”—UJunko, oneminyaka engu-17, eJapane.

[Isithombe ekhasini 11]

Cela abazali bakho bakubonise izithombe noma izinto zabo ezindala. Lezi zinto zivame ukuvusa izingxoxo ezijabulisayo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela