Imfihlo 7: Isisekelo Esiqinile
Okushiwo yilokhu. Imikhaya eqinile ayizenzekeli, njengoba kunjalo nangendlu engaqhubeka imile amashumi eminyaka. Isakhiwo sidinga isisekelo esiqinile, lokhu kuyiqiniso nangemikhaya eqinile. Imikhaya ephumelelayo yakhiwe phezu komthombo wesiqondiso esisebenzayo.
Kungani kubalulekile? Izeluleko zokuphila komkhaya ziyatholakala ezincwadini, komagazini nasezinhlelweni zethelevishini. Abanye abeluleki bezemishado bangase bakhuthaze imibhangqwana enezinkinga ukuba ihlale ndawonye, kuyilapho abanye yona leyo mibhangqwana beyikhuthaza ukuba ihlukane. Ongoti baze bayishintshe nendlela abazicabangela ngayo lezi ndaba. Ngokwesibonelo, ngo-1994 umeluleki wezengqondo owaziwayo osebenza kakhulu ngezinkinga zentsha wabhala ukuthi lapho eqala umsebenzi wakhe, wayenomuzwa wokuthi “kwakungcono ngezingane ukuhlala nomzali oyedwa ojabulayo kunokuhlala nabazali abashadile abangajabuli. Ngangicabanga ukuthi kungcono ukuhlukanisa kunokubekezelela umshado obuhlungu.” Nokho, ngemva kokwenza lo msebenzi iminyaka engu-20, umbono wakhe ushintshile. Uthi: “Isehlukaniso siyazilimaza izingane eziningi.”
Imibono iyashintsha, kodwa iseluleko esingcono kakhulu siyobonisa njalo izimiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Lapho ufunda uchungechunge lwalezi zihloko, mhlawumbe uphawulile ukuthi kunezimiso zeBhayibheli ezitholakala ngenhla ekhasini lesithathu kuya kwelesishiyagalombili. Lezi zimiso ziye zasiza imikhaya eminingi ekutholeni impumelelo yangempela. Njengoba kunjalo ngayo yonke imikhaya, nayo iyabhekana nezinkinga. Umehluko uwukuthi iBhayibheli libekele umshado nokuphila kwemikhaya isisekelo esiqinile. Besingakulindela ukuba lokhu kube njalo ngeBhayibheli, ngoba uMlobi walo uJehova uNkulunkulu, unguMsunguli womkhaya.—2 Thimothewu 3:16, 17.
Zama lokhu. Yenza uhlu lwemiBhalo ecashunwe phezulu ekhasini lesithathu kuya kwelesishiyagalombili. Nezela noma imuphi omunye umbhalo weBhayibheli oye wakusiza. Gcina lolo hlu eduze futhi uhlale ulubheka.
Zenzele isinqumo. Zimisele ukusebenzisa iBhayibheli ekuphileni komkhaya wakho.
[Isithombe ekhasini 8, 9]
Ngesisekelo esiqinile esingokomBhalo, umkhaya wakho ungakwazi ukumelana neziphepho eziwuhlaselayo