Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/08 k. 26-k. 27 isig. 9
  • Lapho Ilanga Lingaphumi Khona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ilanga Lingaphumi Khona
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Likhanya Kanjani Ilanga Ezinzulwini Zobusuku?
    I-Phaphama!—2005
  • Ukunqamula Enyakatho Yomhlaba
    I-Phaphama!—2010
  • ‘Ihlobo Nobusika Akusoze Kwakhawuka’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Iminyaka Engu-50 Sisenkonzweni Yesikhathi Esigcwele Eduze Ne-Arctic Circle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 12/08 k. 26-k. 27 isig. 9

Lapho Ilanga Lingaphumi Khona

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EFINLAND

“ILANGA liyaphuma futhi lishone, liphuthuma endaweni yalo lapho liyophuma khona,” kusho iBhayibheli. (UmShumayeli 1:5, New International Version) Kodwa, kusukela phakathi no-November kuze kube sekupheleni kuka-January, ukuphuma nokushona kwelanga kungase kungabonakali ezindaweni eziningi ezisenyakatho ye-Arctic Circle. Lapha ayikho into abantu abangayenza ngaphandle kokubekezelela ubusuku obude obumnyama bobusika base-Arctic.

Ngokwezinga eliphansi, bukhona ubusuku obude naseningizimu ye-Arctic Circle. Ngokwesibonelo, eSt. Petersburg, eRussia; eHelsinki, eFinland; eStockholm, eSweden; e-Oslo, naseNorway—amadolobha aqhele ngebanga elingaphansi kwamakhilomitha angu-800 ukusuka eningizimu ye-Arctic Circle—ebusika imini iba amahora angaba yisithupha.

U-Ari owakhulela eKiruna, eLapland engaseSweden uthi: “Umbono wokuthi ebusika e-Arctic kumnyama bhuqe awulona iqiniso.” Ingxenye enkulu yosuku ingafingqwa ngegama elilodwa lokuthi, “ukuhwalala.” UPaula, ongumdwebi ohlala eLapland engaseFinland, uthi: “Lapho iLapland imbozwe yiqhwa, imibala iyashintsha iyaphupha ibe mpungana.”

Ubumnyama basebusika bunomphumela ongemuhle kwabanye abantu. UJean Sibelius, ongumqambi wezingoma odumile eFinland wabhala: “Ngikuzwela kakhulu ukushintsha kwezinkathi zonyaka kanye nesimo sezulu. Ebusika, lapho usuku luba lufushane khona, njalo ngiba neziqubu zokucindezeleka.” Akuyena kuphela uSibelius oyisisulu salokho okuthiwa ukucindezeleka kwasebusika. Ngisho nodokotela ongumGreki uHippocrates (owaphila cishe ngo-460-kuya ku-377 B.C.E.) wayekholelwa ukuthi izinkathi zonyaka ziyayithinta imizwelo yabantu.

Kodwa, kwaze kwaba ngawo-1980 lapho ukucindezeleka kwasebusika kwabhekwa njengesifo. Ukuhlola kwembule ukuthi phakathi kwabantu basenyakatho inani elincane lomphakathi wabo liphathwa isifo okuthiwa i-seasonal affective disorder (SAD). Uhlobo olungelubi kakhulu lwalesi sifo olubizwa ngokuthi i-subsyndromal SAD, cishe sivamile kubantu abathathu noma kwabane. Kulinganiselwa ukuthi cishe abantu abangamakhulu ezinkulungwane siyabaphatha lesi sifo.

U-Andrei, eSt. Petersburg, eRussia, uthi: “Kuba sengathi ngingalala ngaso sonke isikhathi.” U-Annika, ohlala eFinland, uphatheka kabi lapho sekusondela ubusika. Uthi: “Ngezinye izikhathi ubumnyama bungenza ngizizwe sengathi ngiphelelwa umoya ngenxa yokuthi anginakububalekela.”

Ochwepheshe basikisela izindlela ezihlukahlukene zokubhekana nokucindezeleka kwasebusika. Ngokwesibonelo, abanye batusa ukuba umuntu onale nkinga abe ngaphandle kakhulu ngangokunokwenzeka phakathi nosuku. Labo abasebenza ngaphandle phakathi nobusika nabo bathi bayakhululeka ekucindezelekeni kwasebusika.

UJarmo, oseke wabhekana nobusika basenyakatho nobaseningizimu yeFinland, uthi: “Ngenkathi emnyama kakhulu, sikhanyisa amakhandlela amaningi nezibani eziningi.” Abanye baye basizwa ngendlela yokwelapha yokusebenzisa ukukhanya okukhulu. Abanye bahlaba ikhefu phakathi nobusika ngokuthatha iholidi baye emazweni afudumele aseningizimu. Kodwa, abanye baxwayisa ngokuthi ngemva kweholidi endaweni enjalo, ukubuyela endaweni enobusika nobumnyama kungase kukwenze uzizwe ucindezeleke nakakhulu.

Ukondleka ngokomzimba esinye isici esidinga ukucatshangelwa. Ngenxa yokuthi ukukhanya kusiza umzimba ukuba ube no-vitamin D, ukuntuleka kokukhanya kungabangela ukuntuleka kwawo. Ngenxa yalokho, abanye batusa ukuba udle ukudla okuno-vitamin D kakhulu ebusika, njengenhlanzi, isibindi, nemikhiqizo yobisi.

Zona kanye izinto ezibangela ubumnyama ebusika yizo futhi eziletha ukukhanya okukhulu. Njengoba umhlaba uqhubeka nomjikelezo wawo, kancane kancane uphendulela ingxenye yawo ebandayo engenhla ngase langeni. Kancane kancane, ukukhanya kwelanga kuqala ukwanda phakathi nosuku. Kube sekufika ihlobo lase-Arctic, inkathi okungajatshulelwa ngayo ukukhanya kwelanga ngisho naphakathi kwamabili ebusuku!

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]

Ingxenye enkulu yosuku ingafingqwa ngegama elilodwa lokuthi, “ukuhwalala”

[Isithombe ekhasini 26]

Ngesikhathi santambama phakathi nobusika base-Arctic

[Umthombo]

Dkt. Hinrich Bäsemann/Naturfoto-Online

[Isithombe ekhasini 26]

Kwabaningi, ukuntuleka kokukhanya kwelanga ngokuqondile kubabangela ukucindezeleka

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela