Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Angisesona Isigqila Sotshwala (May 2007) Ngike ngiwufunde umagazini wenu ngezikhathi ezithile lapho oFakazi bengilethela wona. Ngizithola ziqabula ngempela izihloko ezikulo magazini uma ziqhathaniswa nezindaba ezicindezelayo ezikuyi-TV nasemaphephandabeni. Angikaze ngibe nenkinga yokuluthwa utshwala, kodwa nginamalungu omkhaya nabangane abaningi abanale nkinga. Indoda okukhulunywa ngayo esihlokweni yathi yagqashula otshwaleni ngemva kwezinyanga ezintathu. Lokhu kwakungemva kokuchitha ukuphila kwayo konke inezinkinga ezibangelwa utshwala. Nakuba ngiyincoma, kufanele ngisho ukuthi iyisibonelo esiyinqaba ngempela, futhi ngicabanga ukuthi noma ubani obhekene nale nkinga kungase kumdumaze lokhu. Ngokuvamile umlutha wotshwala uhluleka kaningana njengoba uzama ukunqoba le nkinga.
G. A., United States
I-“Phaphama!” iyaphendula: Sasingaqondile ukuthi ukugqashula ekusebenziseni kabi utshwala kuyinto elula nje. Siyavuma ukuthi abantu abaningi abayimilutha yotshwala baba neziqubu zokwehluleka nokudikibala njengoba bezama ukunqoba le nkinga. Ngisho nalabo abakuyeka ngokushesha ukuphuza futhi abangaseyona imilutha kufanele bahlale beqaphile ukuze bangabuyeli emuva. Ngakho, njengoba lesi sihloko sasho, ngemva kweminyaka eyishumi singabuthinti utshwala, lesi “sigqila sotshwala” savuma: “Abaningi abawazi umshikashika engibhekene nawo nokuthi ukubuqhabula kanye nje, kungangibuyisela ezindleleni zami zakudala. Ngisenaso isifiso sokuphuza utshwala. Kudingeka ngithandaze ngobuqotho futhi ngizimisele ukuze ngibe namandla okwenqaba.” Ngokuthembela kuNkulunkulu ngomthandazo, abaningi bakwazile ukugqashula ekugqilazweni utshwala.—IHubo 55:22.
Ungalethemba Yini IBhayibheli? (November 2007) Ngineminyaka engu-12 futhi ngifuna ukunibonga ngalesi sihloko esimangalisayo nesifundisayo se-Phaphama! ekhethekile. Ngijabulele ngokukhethekile isihloko esisekhasini 7 esimayelana nokuvumelana kweBhayibheli. Saveza izinto engangingakaze ngizicabange ngaphambili. Sengibheke phambili ekutholeni umagazini okhethekile olandelayo!
D. F., United States
Okudinga Ukucatshangelwa Ngingathanda ukunibonga ngohlelo olusha lwe-Phaphama! Imibuzo ephakanyiswa ekupheleni kwezihloko ezithile ingisize kakhulu. Ingenze ngakwazi ukukhumbula engikufundayo futhi ngizindle ngakho. Siphila ukuphila okumatasa kulezi zinsuku kangangokuthi asiwanaki amanye amaphuzu abalulekile nakhayo esiwafundayo.
M.A.S., Brazil
Ukufa—Ingabe Kuwukuphela Ngempela? (December 2007) Ezinyangeni eziyisithupha ngashonelwa umama engozini embi. Yeka ukuthi kwangiduduza kangakanani ukufunda lesi sihloko, esaqinisa ithemba lami lokuthi ngiyophinde ngimbone ngovuko. Ngiyabonga kakhulu.
L.L.R., Brazil
Intsha Iyabuza . . . Kungani Kufanele Ngiphile Ngezindinganiso ZeBhayibheli? (November 2007) Ngangicabanga ukuthi uma nje ngingaziphathi kabi, kwakungenalutho olungafanele ngokuqoma. Kodwa kwakungangenelisi ukuchitha isikhathi nje nesoka lami. Ngaqala ukuba nezinkanuko ezingafanele. Nginibonga kakhulu ngokwethula lezi zimfundiso eziseBhayibhelini ngendlela elula ukuba intsha engenalwazi iziqonde.
E. F., Japan