Ihlosi LaseSiberia—Ingabe Liyosinda?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ERUSSIA
Ngosuku olucwathile ebusika empumalanga ekude yaseRussia, ikati elikhulu linqamula eqhweni elicwebezelayo, lijahwa indiza enophephela emhlane. Njengoba umdubuli onembayo ophethe isibhamu elunguza endizeni, leli hlosi linombela emthini bese libhonga. Le ndoda iyadubula. Indiza ithi cababa, bese abagibeli bayo besondela ngokuqapha kulesi silwane esiwile.
INGABE laba bantu bangabazingeli abangekho emthethweni? Cha, bangabacwaningi abasebenzisa imijovo edakayo. Bazokwenza ucwaningo ngesinye sezilwane ezisengcupheni kakhulu emhlabeni, ihlosi laseSiberia elizifihlayo.a
Isilwane Esihle
Amahlosi aseSiberia ake atholakala eKorea, enyakatho yeChina, eMongolia kanye nasezindaweni eziqhelile ngasentshonalanga njengeChibi iBaikal, eRussia. Kodwa kule minyaka eyikhulu edlule, isibalo sawo siye sancipha. Indawo yokugcina eyisiphephelo sawo isezintabeni ezisemajukujukwini enyakatho yeVladivostok, eRussia, ngasoLwandle lwaseJapane.
Amahlosi azana kahle ngephunga lawo, futhi lokhu kusiza amaduna ukuba athole izinsikazi ngesikhathi sokukhwelana. Amawundlu ehlosi azalwa abe mabili noma abe mathathu ngesikhathi, engaboni futhi eyobayoba. Kodwa ngokungafani nemithinyane, amahlosi aseSiberia awakufundi ukundonda. Njengoba egwavuma kancane, ancela ubisi lukanina izinyanga ezinhlanu noma eziyisithupha abese eqala ukudla inyama. Ekuqaleni ahamba nonina eyozingela kodwa aze alungele ukuzingela ewodwa lapho esenezinyanga ezingu-18 ubudala. Amahlosi amancane angase ahlale nonina iminyaka emibili, ngemva kwalokho ahambe ayozifunela indawo.
Lapho esendle, amanye ala mahlosi akhula abe makhulu. Amaduna angaba nesisindo esingaba amakhilogremu angu-270 nobude obungamamitha angaphezu kwamathathu, kuhlanganise nomsila. Amahlosi abuhlonyiselwe kahle ubusika obubandayo futhi obuneqhwa. Anoboya obuwugqinsi, futhi izidladla zawo ezinkulu zinoboya obukhulu obuwenza akwazi ukuhamba eqhweni.
Uboya bamahlosi aseSiberia obusawolintshi bunemithende emnyama. Le mithende, engafani ehlosini ngalinye, ikwenza kube lula ukuwahlukanisa njengoba nje nabantu behlukaniswa imigqa yesandla. Lapho ihlosi lisehlathini, imithende nemibala yalo yenza ukuba lingabonakali lapho limile. Kodwa uma liphumela obala ebusika, libonakala kahle eqhweni. Ukubonakala kwalo ngale ndlela ebusika kulenza libonakale esitheni salo esisodwa, umuntu.
Ukusinda Kwalo Kuyasongelwa
Ukuze liphile, ihlosi laseSiberia kumelwe libulale izilwane ezinkulu, kuhlanganise izinyamazane, amaphiva nezintibane. Kodwa izilwane ezinjalo sezimbalwa kakhulu endle empumalanga yeSiberia. Ihlathi elingamakhilomitha-skwele ayinkulungwane lingaba nokudla okwanele amahlosi amane noma amahlanu kuphela. Ngakho ukuze la mahlosi aqhubeke ephila endle, kumelwe abe nendawo enkulu ngokwanele.
Eminyakeni eminingi amahlathi aseSiberia ayisinindolo ayeyindawo ekahle yala mahlosi amakhulu. Abantu, okuyibona abawusongo olukhulu kula makati, babengavamile ukufika lapho. Kodwa muva nje izinkampani zakwamanye amazwe ezigawula izihlahla zigawulé ingxenye enkulu yamahlathi.
Njengoba imithi iphela, ziyaphela nezinyamazane, amaphiva, izintibane kanye namahlosi aseSiberia. Ukuze unqande ukuncipha kwawo, uhulumeni waseRussia unezindawo ezinkulu zokulondoloza izilwane zasendle, njengeSikhote Alin Nature Reserve. Kodwa uma amahlosi ephumela ngaphandle, azichaya kubazingeli abangekho emthethweni abahweba ngezinto ezingavamile. Amazinyo, amazipho, amathambo nesikhumba samahlosi, kuhlanganise nesamawundlu awo, konke kuyabiza.
Ukusindisa Ihlosi
Kwenziwa imizamo emikhulu yokusindisa ihlosi laseSiberia, futhi izakhamuzi ziyahola kulokhu. Ngenxa yalokho, inani lamahlosi aseSiberia liye lakhuphuka kancane. Ukubala okwenziwa ngo-2005 kwathola ukuthi kunamahlosi aphakathi kwangu-430 nangu-540 atholakala eSiberia.
Ngakolunye uhlangothi, amahlosi aseSiberia avalelwe azala kakhulu futhi aphila kahle. Kunala mahlosi angaphezu kuka-500 eziqiwini emhlabeni wonke. Pho kungani kungakhishwa ezinye zalezi zilwane ukuze kwandiswe amanani azo endle? Ososayensi bayangabaza ukwenza kanjalo. Umcwaningi othile wachaza: “Akusizi ngalutho ukukhulula isilwane siye endle, ngaphandle uma ukuphepha kwaso kwesikhathi esizayo kuqinisekile.”
Zonke izinto eziphilayo, kuhlanganise namakati amakhulu, ziwubufakazi bokuhlakanipha namandla kaNkulunkulu, futhi uzibheka njengezikufanelekelayo ukuba azinake futhi azinakekele. (IHubo 104:10, 11, 21, 22) Abantu abaningi abayazisa ngokujulile imisebenzi yoMdali bayaqiniseka ngokuthi siyeza isikhathi lapho ihlosi laseSiberia lingeke liphinde libe sengcupheni.
[Umbhalo waphansi]
a Ngezinye izikhathi ihlosi laseSiberia libizwa ngokuthi ihlosi lase-Amur, njengoba lezi zilwane manje zitholakala ngokuyinhloko esigodini soMfula i-Amur empumalanga ekude yaseRussia.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 16, 17]
IKATI ELIKHULU KUNAWO WONKE
Ihlosi laseSiberia lidlulwa i-liger ngobukhulu, eyinzalo yebhubhesi nehlosi eliyinsikazi. Ama-liger angakhula abe nobude obungaphezu kwamamitha amathathu nesisindo esingaphezu kwamakhilogremu angu-500. Ama-liger azaliswa eziqiwini, kanti uma ekhona endle, ambalwa kakhulu.
[Imithombo Yesithombe ekhasini 16]
Top: © photodisc/age fotostock; bottom: Hobbs, courtesy Sierra Safari Zoo, Reno, NV