Ubungaphendula Kanjani?
Kwenzeka Nini?
1. USawulu wayeya kumuphi umuzi lapho kwenzeka isimangaliso?
UMKHONDO: Funda izEnzo 9:1-9.
Kokelezela impendulo ebalazweni.
IROMA
IJERUSALEMA
IDAMASEKU
IBHABILONI
◼ Ubani owakhuluma noSawulu esezulwini?
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
◼ Kwenzekani kuSawulu lapho kubaneka ukukhanya?
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Kungani uSawulu ayeshushisa amaKristu? Uma uxoxa nabanye ngoJehova, kungani abanye abantu bengase bakuphathe kabi? Ukulandisa okungenhla kungakunika kanjani isibindi?
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 5 Ubani okungafanele sithembele kuye? IHubo 146:․․․
IKHASI 6 Umhlaba uyogcwala ini? Isaya 11:․․․
IKHASI 11 Abalungile bayodla ifa lani? IHubo 37:․․․
IKHASI 27 Yini uJobe ayizwakalisa ngenxa yokucindezeleka? Jobe 10:․․․
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Obani Abayingxenye Yozalo LukaJesu?
Cabangela izici ezinikeza umkhondo. Funda imibhalo bese ubhala amagama anembile ezikhaleni ezinikeziwe.
2. ․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
UMKHONDO: Umama wahleka lapho ezwa ukuthi uzongizala.
Funda uGenesise 17:19; 18:10-14.
3. ․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
UMKHONDO: Umfowethu wangithengisela ilungelo lakhe lobuzibulo ngesitshulu sikadali.
Funda uGenesise 25:29-34.
4. ․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
UMKHONDO: Ubaba wangichaza ‘njengewundlu lengonyama.’
Funda uGenesise 49:9.
◼ Izimpendulo zisekhasini 20
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. EDamaseku.
◼ UJesu.
◼ Waba yimpumputhe.
2. U-Isaka.—Luka 3:34.
3. UJakobe.—Luka 3:34.
4. UJuda.—Luka 3:33.