“Thola Izibusiso NgeNkosi KaJehova Eqondiswa Umoya”
◼ ‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ Lawo mazwi, atholakala eBhayibhelini kumShumayeli 8:9, awuchaza kahle umlando wokubusa komuntu. Singenza yini kangcono? Noma ingabe okwenzeka esikhathini esidlule kuyisibonelo sekusasa? Leyo mibuzo iyophendulwa enkulumweni yeningi eyonikezwa eMhlanganweni Wesigodi WoFakazi BakaJehova Ka-2008/2009 othi “Siqondiswa Umoya KaNkulunkulu.” Le nkulumo, enesihloko esithi “Thola Izibusiso NgeNkosi KaJehova Eqondiswa Umoya,” iyogxila kumuntu okuwukuphela kwakhe oyobusa ngobulungisa beqiniso nangothando—uJesu Kristu, owanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu.—Mathewu 20:28.
Yini eyenza uJesu ahluke kubo bonke abanye ababusi? Umprofethi kaNkulunkulu u-Isaya uyaphendula: “Umoya kaJehova [uNkulunkulu] uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya weseluleko nowamandla, umoya wolwazi nowokwesaba uJehova; futhi uyojabula ngokwesaba uJehova. Ngeke ahlulele ngokwanoma yikuphi okubonakala emehlweni akhe, noma amane asole ngokwento ayizwe ngezindlebe. Uyokwahlulela abantu abaphansi ngokulunga, futhi uyosola ngobuqotho ngenxa yabantu abamnene basemhlabeni.”—Isaya 11:2-4.
Ingabe leyo ncazelo iyakukhanga? Uma kunjalo, umenywa ukuba ube khona kule nkulumo yeningi komunye wemihlangano yesigodi eminingi eyoqhutshwa emhlabeni wonke kusukela kule nyanga. Ukuze uthole indawo eseduze nawe, thintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele abashicileli balo magazini kwelinye lamakheli asekhasini 5.