Kuwumgomo Ofinyelelekayo Yini Ukuba Bonke Abantu Babe Yimiqemane?
INGABE ufisa sengathi wena nomkhaya wakho beningaba yimiqemane? Yebo kunjalo. Kodwa nakuba abaningi bethu bengase bagule kancane ngezikhathi ezithile, izigidi zabantu ziphila kabuhlungu ngenxa yokugula okungapheli.
Noma kunjalo, kwenziwa imizamo emikhulu ukuze kuncishiswe ukugula nezifo. Cabangela i-World Health Organization (WHO), inhlangano yeZizwe Ezihlangene. Engqungqutheleni eyaxhaswa yi-WHO ngo-1978, izihambeli zamazwe angu-134 nezinhlangano ze-UN ezingu-67 zavuma ukuthi impilo ayikona nje ukukhululeka ekuguleni nasezifweni kuphela. Zathi impilo “iyisimo sokuphila ngokuphelele ngokomzimba, ngokwengqondo nangokwenhlalo.” Lezi zihambeli zabe sezithatha isinyathelo esinqala sokusho ngokucacile ukuthi impilo “iyilungelo lesintu eliyisisekelo”! Ngakho i-WHO yabeka umgomo wokufinyelela “izinga lempilo elamukelekayo kubo bonke abantu emhlabeni.”
Umgomo onjalo uyathakazelisa futhi muhle. Kodwa angakanani amathuba okuthi uyoke ufinyelelwe? Kuyo yonke imikhakha eye yaphishekelwa umuntu, ngokuqinisekile ezokwelapha ziye zaba ngomunye wemikhakha ethenjwayo nehlonishwayo. Ngokwephephandaba laseBrithani i-European, abantu emazweni aseNtshonalanga baye bajwayela “umbono wezokwelapha ojwayelekile ‘wekhambi elisheshayo’: iphilisi elilodwa elelapha inkinga eyodwa.” Ngamanye amazwi, silindele ukuba ezokwelapha zilethe ikhambi elilula neliqondile elizokwelapha isifo ngasinye. Ingabe umkhakha wezokwelapha ungawagcwalisa ngempela amathemba aphakeme ngaleyo ndlela?