Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/07 k. 3
  • Umhlaba Ufuna Impilo Enhle!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umhlaba Ufuna Impilo Enhle!
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukulahlekelwa Esibhekene Nakho
  • Lapho Ukugula Kungasekho!
    I-Phaphama!—2007
  • Ukugula—Liyini Ithemba Lokukhululeka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Impilo Ephelele Kubo Bonke
    I-Phaphama!—1995
  • Londoloza Ukholo Lwakho Nempilo Engokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 1/07 k. 3

Umhlaba Ufuna Impilo Enhle!

EMINYAKENI engaphezu kwengu-2 700 edlule, umprofethi wakhuluma ngekusasa elingenakho ukugula. Lesi siprofetho silondolozwe kwaze kwaba sosukwini lwethu futhi sitholakala emibhalweni yasendulo ka-Isaya. Wabhala ngesikhathi lapho ‘engekho ohlala khona owayezothi: ‘Ngiyagula,’’ futhi wanezela: “Ngaleso sikhathi amehlo ezimpumputhe ayovulwa, nazo kanye izindlebe zabayizithulu ziyovulwa. Ngaleso sikhathi olunyonga uyoqombola njengendluzele, nolimi loyisimungulu luyokhamuluka ngokuthokoza.” (Isaya 33:24; 35:5, 6) Nezinye iziprofetho zeBhayibheli ziyakhuluma ngekusasa elinjalo. Ngokwesibonelo, incwadi yokugcina yeBhayibheli, isAmbulo, ichaza isikhathi lapho uNkulunkulu eyosusa khona ubuhlungu.—IsAmbulo 21:4.

Ingabe lezi zithembiso ziyofezeka? Ingabe kuyoke kube khona isikhathi lapho isintu siyojabulela khona ukuphila kobungqabavu nokugula kungasekho? Kuyavunywa, ingxenye enkulu yesintu ijabulela ukuphila okungcono namuhla kunezizukulwane ezidlule. Kodwa impilo engcono ayisho impilo yobungqabavu. Ukugula kuseyinkinga enkulu. Ukwesaba ukugula nje kubangela ukukhathazeka okukhulu. Iqiniso elibuhlungu liwukuthi ngisho nanamuhla, akekho ongakubalekela ngokuphelele ukugalela kwezifo ezingokomzimba nezingokwengqondo.

Ukulahlekelwa Esibhekene Nakho

Ukugula kubangela izingcindezi ezihlukahlukene. Ekhathaza kakhulu namuhla izindleko ezimba eqolo zezokwelapha. Ngokwesibonelo, phakathi nonyaka othile muva nje, amazwe aseYurophu alahlekelwa izinsuku zokusebenza eziyizigidi ezingu-500 ngenxa yezinkinga zempilo. Isimo siyefana nakwezinye izindawo. Ukwehla kwezinga lokusebenza emsebenzini, kanye nokuphakama kwezindleko zempilo, kubangela izinkathazo ezingokwezimali ezithinta wonke umuntu. Izinhlangano zamabhizinisi nohulumeni bayalahlekelwa. Ukuze abuyelwe imali ewalahlekele, amabhizinisi akhuphula intengo yemikhiqizo yawo, ohulumeni bona bakhuphule intela. Kukhokha bani? Ekugcineni, nguwe okhokhayo!

Kuyadabukisa ukusho ukuthi, abantu abahluphekayo ngokuvamile bakuthola kunzima ukuthola ukwelashwa okufanele, uma kukhona. Emazweni asathuthuka lesi isimo esidabukisayo sezigidi ezithola ukwelashwa okuncane kodokotela noma ezingakutholi nhlobo. Ngisho nasemazweni acebile, abanye kudingeka bazabalaze ukuze bathole ukwelashwa okuhle okutholakalayo. Lokhu kunjalo ngokuvamile ngeningi labantu abayizigidi ezingu-46 base-United States abangenawo umshuwalense wezempilo.

Ukugula akucindezeli abantu ngokwezimali nje kuphela. Imiphumela esibhekana nayo ngempela usizi lokuphathwa yisifo esingalapheki, ubuhlungu obungapheli, ukudatshukiswa ukubona abanye abagula kakhulu, nokuphelelwa yithemba lapho ufelwa othandekayo.

Likhanga kakhulu ithemba lokuphila emhlabeni ongenakho ukugula ngelinye ilanga. Umhlaba wonke ufuna impilo enhle! Iningi liyakholwa ukuthi nakuba lizwakala liyisimangaliso, ithemba elinjalo likhona ngempela. Bakhona abathile abaqinisekayo ukuthi ngokuhamba kwesikhathi zonke izifo nokugula kuyoqedwa ngobuchwepheshe obenziwe abantu. Ngakolunye uhlangothi, labo abanokholo eBhayibhelini bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uyobangela ukuba kugcwaliseke iziprofetho zalo zasendulo zomhlaba ongenakho ukugula. Ingabe abantu bayokwazi ukuletha isikhathi lapho ukugula kungasayi kuba khona? Ingabe siyolethwa uNkulunkulu? Lisiphatheleni ikusasa?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela