Impilo Ngaso Sonke Isintu—Nini?’
Imisebenzi yezempilo eyenzelwa umphakathi emazweni ampofu kakhulu asathuthuka angama-67, ngaphandle kweChina, isebenzisa imali encane kukho konke ukunakekelwa kwempilo kunesetshenziswa amazwe acebile ngezidakamizwa zizodwa.”—Health Crisis 2000.
“IMPILO ngabo bonke ngonyaka ka-2000” lesosaga besilokhu siphindwa ikakhulukazi kusukela emva koMhlangano Wamazwe Onke Wokunakekelwa Kwempilo Yabancane, owawugqugquzelwe yiWHO (World Health Organization) neUNICEF (United Nations Children’s Fund) emuva ngo-1978. Lowomhlangano, owawuhanjelwe abameleli abavela ezizweni eziyi-134, wadonsela ukunakekela kwamazwe onke ekutheni kungakanani ngempela okuntulekayo kwezempilo yomhlaba wonke.
Umqondisi omkhulu wangalesosikhathi weUNICEF, uHenry R. Labouisse, wathi: “Esinye sezizathu zokuthi kungani sihlangana lapha namuhla yinkolelo yethu ejulile yokuthi umehluko onyantisayo phakathi kwamathuba ezempilo ezingxenye ezihlukene zomhlaba, nangaphakathi emazweni, awusenakubekezelelwa.”
Ngaphambi kwalomhlangano, umbiko wakhuluma ngomehluko omkhulu emhlabeni wonke phakathi kwalokho amazwe acebile anakho kwezempilo nalokho okungekho kwezinye izindawo. Umbiko weUNICEF ngalowonyaka wathi emazweni ampofu kakhulu “u-10% kuphela walababantu okwazi ukuthola ukunakekelwa kwezempilo okufanele,” kanye “namaphesenti angamashumi amabili—mhlawumbe—aphuza amanzi ahlanzekile.”
Umhlangano wanxusela “ukuthuthukiswa kokwabiwa kokudla nomsoco ofanele, ukwabiwa okwanele kwamanzi anempilo nokukhucululwa kwendle; ukunakekelwa kwempilo yawomama neyabantwana, . . . ukulungiselelwa kwemilaliso edingekayo.”
Zonke lezi izinto ezibiza kakhulu, ikakhulukazi kubantu abasemazweni ampofu. Ingatholakalaphi imali yezidingo ezinjalo? Kulowomhlangano kwathiwa “ukuthula, ukuzwana phakathi kwezizwe nokubekwa phansi kwezikhali” kungakhulula isamba esikhulu semali yezinjongo ezinjalo. Ngakho, umagazini iWorld Health, okhishwa yiWHO, washukunyiswa ukuba uphawule: “Cabanga ngezwe eliphelele lapho onke amakhono, ukusetshenziswa kwezimali, umcebo wabantu nowezinto ezibonakalayo, lokho manje okuthululelwa ezikhalini zempi, esikhundleni salokho bekunikelelwa ukuthuthukiswa kwempilo yomhlaba!”
Kodwa eminyakeni edlule kusukela ngo-1978 ingabe usuke wakubona okunjalo ukuthula, ukuzwana phakathi kwezizwe, nokubekwa phansi kwezikhali kwenzeka? Ingabe izizwe azenzi khona kanye okuphambene, ngesikhathi inkinga yempilo iqhubeka ikhula?
[Isithombe ekhasini 3]
Izingane zesikole zaseColombia ziyagonywa
[Umthombo]
P. Almasy/WHO