Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
I-Morse Code Isengcupheni Yokuphela? Isihlokwana esithi “I-Morse Code Esineminyaka Engu-150 Ikhona Isengcupheni Yokuphela,” esasingaphansi kwesihloko esithi “Ukubuka Okwezwe,” singanikeza umbono oyiphutha. (August 8, 1997) I-Morse code isasetshenziswa emishinini yamaza okuqondisa izindizamshini nasezingcingweni zokuxhumana nge-short wave.
H. K., Netherlands
Siyabonga ngokuveza leli phuzu. Njengoba umfundi wethu ephawule kahle, ‘ukuphela’ kwe-“Morse code” esakhuluma ngakho kwakubhekisela ngokukhethekile ekupheleni kwayo emishinini yemikhumbi yasolwandle.—ED.
Isifo Sofuba Ngalujabulela kakhulu uchungechunge oluthi “Isifo Sofuba—Ukubuya Kombulali.” (December 22, 1997) Ngangenwa i-TB ngo-1988 ngabuye ngasinda. Niqinisile uma nithi iziguli kumelwe ziphuze imithi “njalo.”
Y. L., France
Umamezala wami ongenandaba nenkolo, wabona lesi sihloko phezu kwetafula lami, wasifunda. Wabuza ukuthi angawuthatha yini lo magazini ahambe nawo. Ngamhambisela abanye omagazini be-Phaphama! ababili. Ngiyabonga ngendlela enizikhandla ngayo ukuze nikhiqize umagazini ngamunye.
L. N., United States
Ngangenwa i-TB eminyakeni engu-11 edlule. Ukwaziswa enakunikeza kwakunembe ngempela. Ngezinye izikhathi, lapho ngikufunda kwakuba sengathi ngicabanga ngalokho okwenzeka kimi. Ngiyambonga uJehova ngesipho sokuphila neseluleko esisithola njalo kuyi-Phaphama! ukuze silonde impilo yethu.
G. B., Italy
Ngangenwa yilesi sifo futhi ngelashwa izinyanga eziyisithupha. Isihloko senu sangisiza ukuba ngifunde okwengeziwe ngalesi sifo esingumbulali. Okubaluleke nakakhulu, siye saqinisa ukholo lwami ekutheni uMbuso kaNkulunkulu uzoletha ikhambi lembulunga yonke lale nkinga.
P. P., Indonesia
Indaba Yokuphila Isihloko esithi “Akwenzeki Umthengi Abe Nephutha” sayithinta ngokujulile inhliziyo yami. (December 22, 1997) UWei Tung Chin wayenezingane eziyisithupha; kunjalo nangami. Izinyembezi zavele zazigelezela njengoba ngangifunda indaba yakhe. Ngiyazi ukuthi uyaziqhenya ngezingane zakhe nemikhaya yazo. Izingane zami ezine azikabemukeli ubuKristu njengendlela yazo yokuphila. Mhlawumbe ngolunye usuku ngiyojabula njengaye.
E. H., United States
Njalo ngizithola zikhuthaza kakhulu izindaba zokuphila ezikuyi-Phaphama! Indaba kaWei Tung Chin yangithinta ngokujulile. Yeka indlela esingajabula ngayo ngokuthi phakathi kwabantu abaqoqwa uJehova kukhona nabantu abayigugu kanje.
I. T., Germany
Igama Okungelona! Ngifisa ukubonga ngesihloko esithakazelisayo esithi “Ubuhle Bezindawo ZoMbuso Zokulondoloza Imvelo Ezisezintabeni.” (November 22, 1997) Njengoba ngizithanda izintaba nokuthatha izithombe, ngiye ngajabulela ukubona nokuthatha izithombe zazo zonke izilwane ezichazwe kulesi sihloko. Nokho, ngicabanga ukuthi kunephutha emazwini achaza isithombe esiphezulu ekhasini 15. Ngicabanga ukuthi izilwane ezivezwe lapho, aziwona ama-chamois, kodwa izimbuzi ama-ibex eziyizinsikazi.
M. D. M., Italy
Sithanda ukumbonga lo mfundi ngokuthola leli phutha.—ED.
IMoscow Ngiyabonga ngesihloko esithi “IMoscow—Igubha Unyaka Wayo Wama-850.” (December 22, 1997) Umoya wokungenisa izihambi nobungane babantu baseRussia kuyamangalisa. Ngakubona mina mathupha ngo-1989, lapho abaseRussia abangu-3000 beze emhlanganweni wesigodi wamaKristu ePoland. Ikhasi lokugcina lalowo magazini, elalibonisa udade waseRussia eshumayela emaphandleni aseRussia, nalo lalishukumisa. Kwangathi uJehova angavumela abantu abaningi ngokwengeziwe abakhuluma isiRussia ukuba babe abakhulekeli bakhe!
I. L., Germany