Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ezokuzijabulisa Ezakhayo Ngiqhutshelwa isifundo ukuze ngibe ngomunye woFakazi BakaJehova, ngithanda ukunibonga ngokunyathelisa uchungechunge oluthi “Ukufuna Ezokuzijabulisa Ezakhayo.” (May 22, 1997) Zimbalwa izinhlelo zethelevishini ezingabukelwa, futhi sonke—abancane nabadala—nasinika iseluleko esihle. Ngiyathemba nizoqhubeka nisinika ulwazi ngezihloko ezinjengalesi.
D. W., United States
Ingabe UNkulunkulu Uyohlala Engumngane Wami? Ngibonga kakhulu kuMdali wethu onomusa ngesihloko esihle esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe UNkulunkulu Uyohlala Engumngane Wami?” (May 22, 1997) Esikhathini esingekude kakhulu, ngagcwalisa iphepha elinemibuzo yokuzihlola ukuthi ngingaba nabangane abangaki, imiphumela yangiqinisekisa ukuthi ngiyohlala nginabangane abaningi. Ngokudabukisayo, lokhu kuye kwaba amanga aluhlaza cwé. Nokho, ngiyaqaphela ukuthi uJehova uNkulunkulu kuphela onguMngane wethu omkhulu. Kuyiqiniso ukuthi uma singebona abangane bakaJehova uNkulunkulu, khona-ke yonke enye into ayilutho.
A. T. M., Mexico
Ngiyanibonga ngesithakazelo enisibonisa entsheni. Ngathola isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe UNkulunkulu Uyohlala Engumngane Wami?” ngaso kanye isikhathi engangisidinga ngaso. Ngangiye ngasuswa ekuhlanganyeleni futhi ngangisanda kubuyiselwa. Ngezinye izikhathi bengiye ngizizwe ngehlukanisiwe futhi nginokungabaza okuningi—okunye kwakho kuwukuthi, Ingabe uNkulunkulu uyangizwa? Ngemva kokuhlaziya isibonelo sikaPawulu ngaphansi kwesihlokwana esithi “Iva Enyameni,” nganquma ukulindela isibusiso sikaJehova ngokuba nesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke nokuthandaza ngobuqotho. Umbuzo othi, Ingabe uJehova uyoqhubeka engumngane wami? uye waphendulwa ngokucacile.
J. C. A., Argentina
Ukufuya Izinyosi Ngibhala mayelana nesihloko esithi “Ukufuya Izinyosi—Okuhlangenwe Nakho ‘Okumnandi’” (May 22, 1997) enanikeza kafushane kuso ukwaziswa okuqondile ngezinyosi. Ngazithanda izincazelo, izithombe, nemiqondo ehlanganiswe kahle—engenaphutha. Umfuyi wezinyosi uvame ukuphawula ukwaziswa okunganembile noma okunengxenye encane eyiqiniso okukhishwa abezezindaba, kodwa akukho lokho esihlokweni senu. Ngingumfuyi wezinyosi okhuthele, futhi ngokuvamile ngiye ngibone sengathi lezi zinambuzane ‘zihlakaniphe’ kakhulu kunabantu abaningi. Ngakho-ke ngicabanga ukuthi kuyafaneleka ngami ukuba ngithi, kulesi sihloko, nanikeza udumo ebuhleni bendalo, ikakhulu njengoba buqokonyiswa ngezidalwa ezincane kangaka.
P. G. M., Italy
Ukunakekela Ngiyanibonga ngokunyathelisa uchungechunge oluthi “Ukunakekela—Ukubhekana Nenselele.” (February 8, 1997) Umama unesifo somdlavuza, futhi ukumnakekela lapho esezoshona kuye kwangiqeda amandla. Lezi zihloko ziye zachaza ngokunembile imizwa yalowo ongumnakekeli futhi zabonisa indlela abanye abangabonisa ngayo ukubacabangela labo abakuleso simo. Akuvamile ukuthola izihloko ezinjengalezi.
F. T., Taiwan
Intsha Iyabuza . . . Ngineminyaka engu-12 ubudala. Ngiyafunda esikoleni futhi ngikujabulela kakhulu ukufunda omagazini benu. Ngingakaqali ukubafunda kwakunzima ukuba ngijwayelane nabantu abadala kunami. Kodwa ngemva kokufunda izihloko ze-Phaphama! ezithi “Intsha Iyabuza . . . ,” kuye kwaba lula. Ngiyabonga!
N. T., Russia
Okuphawulwa Abafundi Balomagazini Sekuyiminyaka engu-26 ngingumfundi we-Phaphama! wasikhathi sonke, futhi ngisawujabulela njengakuqala lo magazini. Angikaze ngiphuthelwe ukufunda ingxenye ethi “Okuphawulwa Abafundi Balomagazini,” njengoba okuphawulwayo kuvame ukungishukumisela ekutheni ngiphinde ngisifunde leso sihloko. Ngiyabonga ngalabo magazini abahle.
M. B., France