Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 9/8 k. 31
  • I-jenny Wren—Inyoni Encane Ecula Kakhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • I-jenny Wren—Inyoni Encane Ecula Kakhulu
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uyayazi Leyo Ngoma?
    I-Phaphama!—1999
  • “Isakhamuzi Sasehlathini Esihle Ukuzedlula Zonke”
    I-Phaphama!—2000
  • I-cock-of-the-Rock Ubuhle Basehlathini Lase-Amazon
    I-Phaphama!—1998
  • Abazali Abathembekile Ababambisanayo
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 9/8 k. 31

I-jenny Wren—Inyoni Encane Ecula Kakhulu

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI

IZIMBALI ezinhlobonhlobo zazihlobise umthambeka wosebe lomfula njengoba ukukhanya kwelanga kwakuhlaba ezihlahleni, kuhlobisa izitshalo ezazimatiswe imvula ngemva kokukhemezela. Ngaphumula esihlahleni esasiwile, ngibuka izinyoni ezimbili ezincanyana zehla zenyuka ohlotsheni oluthile lwenkomankoma (bracken) ebunile eyayilenga edwaleni phezu komfudlana.

Ngaba nelukuluku lokufuna ukwazi, futhi ngasukuma ukuze ngibone. Ngathola khona kanye lokho engangikucabanga—isidleke se-wren, esakhiwe kahle ngotshani obuphothiwe safihlwa ngobunono phakathi kwemicu yalenkomankoma. I-wren eyingqabavu ingamasentimitha ayishumi kuphela ukusuka esihlokweni soqhwaku kuya esisileni futhi ngokuvamile ibhekwa njengenye yezinyoni ezincane kunazo zonke eBrithani.a Ngenxa yalesi sizathu, ngo-1937 isithombe sayo saqala ukuhlobisa ifadingi, imali eyayincane kunayo yonke eBrithani ngaleso sikhathi.

I-jenny wren noma i-kitty wren—amagama azo zombili eyensikazi neyeduna ezawaqanjwa amaNgisi—yaziwa kakhulu eYurophu, e-Eurasia, nase-United States. EBrithani iyinyoni esakazeke kakhulu netholakala ngobuningi kunazo zonke izinyoni ezizalelayo. Iphimbo layo elihle, elivevezelayo lifaniswa nele-nightingale futhi linamandla kangangokuthi lingazwakala ebangeni elicishe libe ngangekhilomitha! Kodwa isimo siba sibi ebusika obushubis’umnkantsha futhi kuye kwafa ama-wren afinyelela emaphesentini angu-75. Ngezikhathi ezinjalo ama-wren ngokuvamile akhetha ukuhlala ndawonye ukuze afudumale. Kwake kwatholakala ama-wren angaphezu kuka-60 esidlekeni esithile, ebuthene ndawonye.

Ngo-April eyeduna yakha izidleke ezihlukahlukene eziyindingilizi ezifihlwe ngobuciko. Uma isiqedile ukwakha izidleke, eyeduna ithatha umngane wayo iyombonisa zona zonke. Ukhetha esisodwa abese endlala izimpaphe ngaphakathi. Ekupheleni kuka-April uzobe esezalele amaqanda amahlanu noma ayisithupha amhlophe anamachashazi abomvu ngokunsundu. Eyensikazi izowafukamela yodwa amaqanda izinsuku ezingu-14, abese ayaphuma amaphuphu esidlekeni okungenani ngemva kwamasonto amabili echanyuselwe.

Kuvame ukuba kube namaqembu amabili amaphuphu ehlobo, kanti lapho eyensikazi ifukamela iqoqo lesibili lamaqanda, eyeduna inakekela amaphuphu achanyuselwe kuqala, ngezinye izikhathi ize iwayise kwezinye zezidleke zayo. Uma ihlobo likahle, kunenala yezinambuzane ezizodliwa, eyeduna izothatha umngane wesibili imbeke kwesinye sezidleke.

Njengoba ngangihlezi esihlahleni esiwile ngithamele isigcaki sango-May, ngangiwabuka womabili la ma-wren ehla enyuka. Ngaphawula izimpaphe zawo ezinombala obomvu ngokunsundu namaphiko anemithende lapho zihlala egatshaneni elaliseduze nalapho ngangihlezi khona. Kodwa-ke, lapho zingibona endaweni yazo, zaphakamisa izisila zazo ezincane, zabe seziqala ukutshiyoza ngokuvevezelisa amaphimbo. Lokho kwangitshela ukuba ngishaye utshani.

[Imibhalo waphansi]

a Izinyoni ezincane kunazo zonke eYurophu, i-goldcrest evame ukubizwa ngokuthi i-golden-crested kinglet ne-firecrest evakasha ebusika, zimfushane ngengxenye yesentimitha kuphela kune-wren kodwa kuyivelakancane ukuzibona.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela