Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Isipho Sezindlebe Ngifisa ukuzwakalisa ukwazisa kwami ngesihloko esithi “Izindlebe Zakho—Isipho Okufanele Usibheke Njengesiyigugu.” (September 22, 1997) Ngaphambi kokufunda lesi sihloko, ngangicabanga ukuthi kuningi engikwaziyo ngokusebenza kwezindlebe nokuthi sizwa kanjani. Nokho, ngangingayiqapheli indlela engangingenalwazi ngayo. Umfanekiso osekhasini 23 wawumangalisa! Ngibamba ongezansi lapho ngicabanga ngomzamo omkhulu owawudingeka ukuze kwenziwe leso sithombe sendlebe. Kungikhexisa umlomo nakakhulu ukubona okwakuhilelekile ekwenzeni indlebe yangempela!
A. S., United States
Mina nomngane wami singochwepheshe kwezokwelapha, futhi ngokuqinisekile sikholelwa ukuthi phakathi neminyaka eminingi yemfundo esinayo, asikaze sifunde isihloko esichaza indlebe kalula nangendlela eshaya emhloleni kangaka. Lesi sihloko sisenza ukuba sivumelane namazwi eHubo 139:14: “Ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo.”
M. B. noZ. B., Venezuela
Ngashayiswa yimoto yomshayeli owayedakiwe. Ngemva kwenyanga eyodwa ngiqulekile, ngavuka ngingezwa lutho. Sekuphele iminyaka eng-18 ngiyisithulu, kodwa ngenxa yezinsiza-kuzwa, ngiyezwa kancane. Lesi sihloko esifike ngesikhathi ngempela sisiza labo abezwayo ukuba babonise ububele kulabo abangezwa.
K. C., United States
IKilimanjaro Ngasijabulela ngempela isihloko esithi “IKilimanjaro—Isiqongo Sase-Afrika.” (September 8, 1997) Ngayibona iNtaba iKilimanjaro ngo-January 1994 ngesikhathi ngisemhlanganweni wezizwe woFakazi BakaJehova eKenya. Ngahlabeka umxhwele ngempela lapho ngiyibona futhi ngabonga uJehova ngomsebenzi wezandla zakhe omangalisayo njengoMdali wethu onothando.
E. J., United States
Ukungabi Ingxenye Yezwe Ngasithanda ngempela isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: ‘Ukungabi Ingxenye Yezwe’—Kusho Ukuthini?” (September 8, 1997) Ngemva kokusifunda, nganquma ukuyeka ukusebenzisa inkulumo ethi “umuntu wezwe” lapho ngichaza abantu abangewona amaKristu. Phela, eminyakeni engu-30 edlule, nami ngangingakabi umKristu. Ukube umuntu wokuqala owangifundisa iBhayibheli wayenesimo sengqondo sokuqhosha, mhlawumbe ngangingeke ngifune ukukhuluma noFakazi futhi!
B. G., United States
Abakhohlisi Angizange ngizinike isikhathi sokufunda uchungechunge oluthi “Qaphela Abakhohlisi!” lapho ngithola umagazini ka-September 22, 1997. Ngosuku olulandelayo, sakhohliswa umshayeli wethekisi owayebonakala enobungane owasizakala ngathi ngoba singalazi idolobha. Wasikhokhisa imali eningi futhi wasishiya kude nalapho sasiya khona. Ukube nje sasebenzisa amazwi ezAga 14:15, acashunwe ekugcineni kwalezi zihloko, athi: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe”!
J. P., Philippines
IziMpi Zenkolo Ngangicwaninga ngendaba yeziMpi Zenkolo lapho ngithola umagazini ka-October 8, 1997, onesihloko esithi “IziMpi Zenkolo—‘Ukuzikhohlisa Okusabekayo.’” Ukwaziswa sikuthola ngesikhathi esifanele ngempela! Lokhu kwangikhumbuza ngokubaluleka kokufunda umagazini ngokushesha lapho ngiwuthola.
T. K., Finland
IPharadesi Elingenazinkathazo Ngineminyaka engu-9 ubudala, futhi ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “IPharadesi Elingenazinkathazo—Lizofika Ngokushesha.” (October 8, 1997) Lesi sihloko sangithinta inhliziyo ngempela ngoba ubaba wayehambile, futhi ebusuku mina nomama sasisaba ngisho nokuvula ifasitela ngoba othile wayengase agqekeze ekhaya. Ngakho ngazizwa ngiduduzeka lapho ngifunda ukuthi uJehova uthembisa ukususa bonke ubugebengu nobudlova.
D. M., United States