Umphathi Wamaphoyisa Uyaxolisa
UTom Will Lane wayengumphathi wamaphoyisa u-Edward Michalec axoxa ngaye esihlokweni se-“Phaphama!” ka-December 22, 1996, esithi “Saqiniswa Ukuze Sibhekane Nokuvivinywa Okungaphambili.” Elandisa, uMichalec wathi:
“Umphathi wamaphoyisa aseWharton, eTexas, e-U.S.A., wayethukuthele egan’unwabu. Engiyisa ejele okwesine, wamemeza: ‘Kungani ungalaleli imithetho?’
“Ngaphendula ngokushesha: ‘Nginelungelo eliphelele lokwenza lokhu.’ Lokhu kwamthukuthelisa ngisho nakakhulu, futhi waqala ukungishaya ngesiqobolo. Amanye amaphoyisa ahlanganyela, engishaya ngezidunu zezibhamu zawo.”
Muva nje uMary Perez, owesifazane owayesebenzela uMphathi Wamaphoyisa uLane ekuqaleni kwawo-1960, wabhala: “Wayazi ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova. Wangitshela ukuthi wayemshushise kanjani u-Ed Michalec. Wangicela ukuba ngitshele abanye oFakazi ukuthi wayexolisa ngezenzo zakhe. Wathi wayengazi ukuthi oFakazi bangabantu abakahle, abagcina umthetho. Wayexolisa ngokusuka enhliziyweni.”
UMary wanezela: “Nakuba lo mphathi wamaphoyisa afa eminyakeni ethile edlule, ngithemba ukuthi le ncwadi izoveza amazwi akhe okuxolisa.”
UMary wabe esechaza ukuthi waba kanjani uFakazi: “Ukushushiswa kukaMfoweth’uMichalec kwenzeka ekuqaleni kwawo-1940. Ngenxa yalokhu ngangizimisele ukuxoxa noFakazi lapho befika kwami. Ngokushesha saqala ukufunda iBhayibheli. Mina nomyeni wami sabhapathizwa ngo-1949.”
Lokhu kumane nje kungesinye isibonelo esibonisa ithonya elikhulu ukumelela komuntu izimiso zobuKristu ngokuqinile okungaba nalo ekuphileni kwabanye abantu. Ngokwesibonelo, bangaki abathonywa ngokujulile ukuma ngesibindi kukaPetru nabanye abaphostoli ekhulwini lokuqala leminyaka?—IzEnzo 5:17-29.
[Izithombe ekhasini 31]
U-Ed Michalec noMary Perez, ngawo-1940