Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ngengozi Noma Ngokuklanywa? Ngisanda kuqeda ukufunda uchungechunge oluthi “Saba Khona Kanjani? Ngengozi Noma Ngokuklanywa?” (May 8, 1997) Ziningi izizathu eziye zenza ngaluthakazelela: (1) Indlela elula enibeke ngayo le ndaba elukhuni neyinkimbinkimbi yokuziphendukela kwemvelo, kanye nendlela enivikele ngayo ngokuqiniseka umbono weBhayibheli ngemvelaphi yethu. (2) Imifanekiso eniyisebenzisile ukufinyelela injongo yenu etusekayo. Ngingumcwaningi nomfundi esikoleni esikhulu sezokuxhumana. Izihloko ezinje zibonisa ukuthi niyacwaningisisa NJALO ngaphambi kokuba ninyathelise. Ngokungangabazeki, yileso sizathu esenza izintatheli engikanye nazo, abahleli, nabacwaningi bonke bakujabulele ukuyifunda njalo i-Phaphama!
D. S. T., Cameroon
Kungani Ngigula Kangaka? Ngibhekana nayo yonke imizwelo echazwe uJason esihlokweni esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngigula Kangaka?” (April 22, 1997) Njalo lapho ngifunda lesi sihloko, ngizizwa sengathi ngikhuluma nomuntu owazi isimo sami, osiqondayo futhi osikhathalelayo. Ngiyanibonga kakhulu ngokwenza umthwalo wami ube lula. Ngiyazi ukuthi uJehova uyakhathalela nokuthi ngesikhathi sakhe esifanele, uyoqeda zonke izifo.
O. A., Ghana
Emasontweni amabili ngaphambi kokuba kuphume lesi sihloko ngathola ukuthi nginesithuthwane. Ngisanda kuba neminyaka engu-18 ubudala, futhi ukugula kuye kwayiqeda ngokushesha yonke inkululeko yokuba mdala engisanda kuyithola. Ziningi izinto okufanele ngiziqaphele namaphilisi okufanele ngikhumbule ukuwaphuza. Futhi kuye kwababangela usizi abazali bami, asebeshonelwe ezinye izingane ezimbili. Ngempela lesi sihloko sangithinta ngendlela eyangifikisela izinyembezi. Sakhuluma ngayo kanye imicabango ebengilokhu ngiyiphebeza, futhi ngabuye ngazizwa sengikahle. Ngabona ukuthi kunabanye abanezinkinga nokukhathazeka okufanayo. Ngenhlangano yakhe, uJehova ubhala ukwaziswa engikudingayo ukuze ngihlale ngiqinile.
D. S., United States
Lapho ngifunda lesi sihloko, ngaqaphela ukuthi abazali bami babekhathazeka kakhulu ngokugula kwami kunanoma ubani omunye. Bangitshela ukuthi ukugula kwami kuwufuzo, futhi lokhu kuyabacindezela. Ngibadabukela kakhulu uma ngibabona becindezelekile.
Y. H., Japan
Nganginempilo enhle ngiseyingane. Nokho, lapho sengevé eshumini nambili ngaqala ukugula njalo. Ngathatha inkonzo yesikhathi esigcwele, futhi ngezinyanga ezimbili zokuqala, angizange ngiwufinyelele umgomo wami ngenxa yokugula. Ngacindezeleka kakhulu, ngicabanga (ngokungafanele) ukuthi ngenzé okuthile okubi kuJehova futhi ngangijeziswa ngokugula. Lesi sihloko siye sangisiza ukuba ngizivumelanise ngokufanele nesimo sami futhi ngisikhuthazelele.
C. K., Ghana
Indodakazi yami eneminyaka engu-9 ubudala inenkinga yokufunda ngenxa yokulimala kobuchopho (cerebral palsy). Ihlakaniphile futhi iyaqaphela ukuthi ukukhubazeka kwayo kuyenza ingakwazi ukwenza umsebenzi ovamile. Naphezu kokuba ihlala ijabulile, yeneme, lokhu kuyayicindezela kancane ngezinye izikhathi. Yakhuthazwa kakhulu yilesi sihloko, kanye nokuxoxa noyise njalo ebusuku ngekusasa eliyiPharadesi lapho iyoba njengazo zonke izingane.
Y. P., United States
Iminyaka eyishumi bengilokhu ngilwa ‘nesifo esingabonakali,’ esiphazamisa isimiso sami sokugaya ukudla. Ngenxa yaso, kuye kwadingeka ukuba ngiyeke inkonzo yesikhathi esigcwele. Lapho ngifunda lesi sihloko, ngangiqala ngqá ukuzwa sengathi othile uyakuqonda ukushikashikeka kwami. Kuyaduduza ukwazi ukuthi angingedwa. Kusengathi kususwe umthwalo omkhulu emahlombe ami. Angazi ukuthi ngingabonga ngithini. Lezi zihloko ezikhuthazayo nezifike ngesikhathi zisenza sikhuthazele kulesi simiso sezinto esidala.
L. C., Canada