Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 2/22 k. 31
  • Inhliziyo Yakhe Yathinteka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inhliziyo Yakhe Yathinteka
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukudla Okungokomoya Kwansuku Zonke—Kubalulekile Emkhayeni WamaKristu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Isimiso Somkhaya—Itekisi Losuku
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Isiqalo Esinzima—Isiphetho Esicebile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Isibonelo SikaBaba Sokwethembeka
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 2/22 k. 31

Inhliziyo Yakhe Yathinteka

“Sasiyizingane ezingu-13 ekhaya,” kubhala uGloria Adame, “abafana abangu-4 namantombazane angu-9. Kwakungu-1984. Ubaba wabuya ekhaya eMexico futhi wathola ukuthi ngenkathi engekho esebenza e-United States, umkhaya wakithi wasale waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Akazange ajabule neze, futhi waqala ukusiphikisa. Kwabonakala sengathi usuku ngalunye oludlulayo, inhliziyo yakhe yayiba lukhuni kakhulu.

“Sasimthanda kakhulu ubaba, sasifuna azuze naye olwazini olunikeza ukuphila esasiluthola. Usuku nosuku, sasithandaza ngentshiseko kuJehova, simnxusa ukuba asivulele indlela yokukhuluma nobaba ngezinjongo zikaJehova. UJehova wakuzwa ukunxusa kwethu ngoba wasinika isibindi sokuhlangana njalo kusihlwa endlini yokuphumula, lapho ubaba ayechitha khona ubusuku ngabunye ebukela ithelevishini. Thina mantombazane nomama sasihlangana lapho, ukuze sifunde itekisi leBhayibheli lansuku zonke.

“Umama wayeqhuba le ngxoxo, futhi ngemva kokufunda itekisi, sasishintshana ngokuthandaza. Lapho kuthandaza udadewethu onguthumbu uMarie, owayeneminyaka emihlanu kuphela, wayecela ngentshiseko: ‘Jehova, ngicela uthambise inhliziyo kababa ukuze naye abe uFakazi wakho.’ Kwakubonakala sengathi ubaba wayengalalele, ngoba wayevele akhuphule umsindo we-TV. Nokho, njengoba isikhathi sasiqhubeka, waqala ukwehlisa umsindo, kwaze kwaba yilapho ngobunye ubusuku eyicisha ngokuphelele.

“Ngalobo busuku, njengenjwayelo, umama wabuza ukuthi ubani ofunda itekisi. Okwasimangalisa kakhulu, ubaba wathi: ‘Yimina.’ Samangala kodwa asishongo lutho. Umama akazange amnqabele noma ambuze imibuzo kodwa wamnika incwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Ngemva kokufunda itekisi leBhayibheli, umama wabuza ukuthi ubani othandazayo. ‘Yimina,’ kusho ubaba.

“Sabamba ongezansi. Phakathi nomthandazo, asizange sikwazi ukubamba izinyembezi. Ubaba naye waqala ukukhala, futhi wacela uJehova ukuba amthethelele ngokumhlambalaza. Wacela nomama futhi ukuba amthethelele ngokusiphikisa.

“Ngakho-ke ngo-1986 ubaba wayeka ukusiphikisa. Ngo-1990 umkhaya wakithi wathuthela eTexas e-United States. Ngesikhathi esifanele, ubaba wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi wakubonakalisa ngobhapathizo lwamanzi, njengoba kwenza abangu-7 bethu thina mantombazane. Ngo-April 1997, ubaba wamiswa njengomdala ongumKristu. Kuze kube namuhla, ukucabangela itekisi leBhayibheli lansuku zonke njengomkhaya kubaluleke kakhulu kithina, nokuthandaza kuJehova kuyisisekelo sokuphila komkhaya wakithi.”

[Izithombe ekhasini 31]

1. Amadodakazi amane aphayona eMexico. UMarie uphambili

2. UJuanita no-Isaac Adame, benezinye zezingane zabo. UGloria usekugcineni esandleni sokudla

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela