Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 2/8 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UPapa Uthi Kufanele Kusolwe Abantu Ngabanye Hhayi ISonto
  • “Ukuguquka Kwemikhaya”
  • Ithonya Lokulumba EFrance
  • Imishini Yokuthengisa YaseJapane
  • “Inhlekelele Yobugebengu” Bentsha Esondelayo
  • Ukuhlinza Ngaphandle Kwegazi Kuyadlondlobala
  • Ingabe Ucindezelwe Izinto Zobuchwepheshe?
  • Inhlabamkhosi Yezimoto Ye-blackbird
  • Umkhosi Wamaqaba Usathandwa
  • Odokotela Sebeshintshe Umbono Ngokuhlinza Ngaphandle Kwegazi
    I-Phaphama!—1998
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2011
  • Isidingo Esikhulayo Sokwelapha Nokuhlinza Ngaphandle Kwegazi
    I-Phaphama!—2000
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 2/8 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

UPapa Uthi Kufanele Kusolwe Abantu Ngabanye Hhayi ISonto

Encwadini eyayibhekiswe kubaholi besonto, kubaphathi bomphakathi, nakubantu baseRwanda, uPapa John Paul II wazama ukukhulula iSonto LamaRoma Katolika ecaleni lokuqothulwa kohlanga kulelozwe ngo-1994. Wathi: “Isonto ngokwalo alinakubekwa icala ngenxa yezenzo ezimbi zamalungu alo aye enza ngokuphambene nomthetho wevangeli.” Nokho, upapa wabuye wathi: “Wonke amalungu aleli sonto aye ona phakathi nalokhu kuqothulwa kohlanga kumelwe abe nesibindi sokubhekana nemiphumela yezenzo azenzile.” Ngokusobala lokhu kungokokuqala ngqá ukuba upapa akhulume obala ngecala abapristi baseRwanda ababekwa lona ngokuhlanganyela nangokukhuthaza ngentshiseko ukubulawa kwabantu abangaba ngu-500 000 necala lokuthi isigungu sabefundisi bamaKatolika asizange sithathe sinyathelo ukuze sikunqande. Umkhulumeli weVatican uLuigi Accattoli, ebhala ephephandabeni lase-Italy i-Corriere della Sera, wathi amazwi kapapa okuthi amaKatolika akufanele azame ukubalekela ubulungisa “athinta indawo ebucayi,” ngoba “phakathi kwalabo ababekwa icala ngenxa yokuqothulwa kohlanga, kukhona nabapristi asebekhosele emazweni angaphandle.” Abantu abaningi eRwanda bangamaKatolika.

“Ukuguquka Kwemikhaya”

“Umkhaya ovamile eCanada usushintshe ngokuphawulekayo kangangokuthi imibhangqwana eshadile enabantwana yakha amaphesenti angu-44,5 kuphela ayo yonke imikhaya,” kubika i-Globe and Mail. Ngokuphambene, “ngo-1961, imibhangqwana eshadile enabantwana yayakha amaphesenti angaba ngu-65 ayo yonke imikhaya yaseCanada.” Esinye isibalo esishaqisayo ukwanda kwenani labantu abakipitile, elacishe laphindeka kathathu, lisuka ku-355 000 ngo-1981 laya ku-997-000 ngo-1995. Lokhu kuhlola, okwenziwa i-Statistics Canada, kwabuye kwaphawula: “Uma izehlakalo zesehlukaniso, ukuphinde ushade nokukipita ziqhubeka ziphakeme, kungalindelwa ukushintsha okwengeziwe kwesizinda somkhaya.”

Ithonya Lokulumba EFrance

“Kungani abantu baseFrance bechitha isikhathi esiningi kangaka nababoni nezangoma kulezi zinsuku?” kubuza i-New York Times. “Kubikwa ukuthi abantu abaningi baseFrance baxhumana nezangoma nabantu ababona ngezinombolo kunanini ngaphambili. . . . UHulumeni unobufakazi bokuthi ukwenza imilingo kuyachuma. Ngonyaka odlule, abaphathi bentela bathi abakhokhi bentela abangaba ngu-50 000, inani eliphakeme kunanini ngaphambili, bathi babethole inzuzo emsebenzini wabo njengabafundi bezinkanyezi, izinyanga, izangoma neminye imisebenzi efanayo. Uma kuqhathaniswa, lelizwe lalinabapristi bamaRoma Katolika abangaphansi kuka-36 000 nezazi zezifo zengqondo ezingaba ngu-6000.” Kwabanye, lomsebenzi ubonisa ukwesaba lokho okungase kwenzeke ekupheleni kwalenkulungwane yeminyaka. Abanye bakubheka njengokuwohloka kwezinhlangano ezizinzile, njengenkolo. Abenzi balobu buciko bathi amakhasimende abo aye ashintsha kakhulu kuleminyaka yamuva. Esikhathini esidlule, amakhasimende amaningi kwakungabesifazane. Manje cishe kunenani elilinganayo labesilisa nabesifazane. Futhi kunokuba babuze ngokugula nangezindaba zothando, abantu manje babuza ngemisebenzi yabo.

Imishini Yokuthengisa YaseJapane

“Cishe akukho lutho olungatholakali emishinini yokuthengisa yaseJapane,” kusho i-Washington Post. Imishini yokuthengisa ikhipha izipho ezisongiwe, ama-CD, ubhiya, izikhindi zabashayisibhakela, amaqanda, amaparele, izindlovu ezigxushiwe, amasokisi abesifazane, amakhamera alahlwayo ngemva kokusetshenziswa, kanye nanoma yini enye ongase uyicabange. Kukhona “imishini yokuthengisa okungadingeki ugobe ukuze uyisebenzise” ekhiphela izimpahla ezandleni zakho, engakusithi, ngisho nemishini ehlotshiswe ngezimbali noma ngezinye izinto zobuciko. “IJapane icishe ilingane neMontana ngobukhulu, kodwa kuyo kunemishini yokuthengisa eminingi njengakulo lonke elase-United States,” kunezela lesi sihloko. “Imishini yokuthengisa eminingi yaseJapane ibekwe ngaphandle; kukhona obekwe ngisho nasesiqongweni seMount Fuji.” Izinto ezibizayo zingadayiswa ngaphandle ngoba ukucekela phansi ngobudlova kusezingeni eliphansi eJapane. Iziza ziyabiza, ngakho abanikazi bezitolo basebenzisa imishini yokuthengisa ukuze bandise izitolo zabo. Ingatholakala cishe kuyo yonke imigwaqo eTokyo. Nokho, amanye amaqembu kuyawathukuthelisa ukuthi utshwala, ubhiya nogwayi kungatholwa yinoma yimuphi umntwana okwazi ukufaka imali.

“Inhlekelele Yobugebengu” Bentsha Esondelayo

“Ubugebengu bobudlova e-United States ‘buyisenzakalo esiyingozi’ esizoqhuma eminyakeni embalwa ezayo,” kusho i-New York Times ngokuqondene nombiko othile we-Council on Crime eMelika, inhlangano yabashushisi nochwepheshe bokushaywa komthetho. “Nakuba abantu abadala benza amacala obudlova amancane, izinga lamacala obudlova entsheni liye ladlondlobala kuleli shumi leminyaka elidlule. . . . Isizukulwane sentsha ngasinye kusukela ngawo-1950 siye saba nobudlova kunaleso esisandulelayo.” Ngonyaka ka-2005, inani labesilisa abaneminyaka engu-14 kuya kwengu-17 ubudala liyokwanda ngamaphesenti angu-23, futhi yilokhu kwanda okukhathaza ochwepheshe. Ekhathazekile ngokuthi izigebengu eziyingozi kakhulu abesilisa abaqala izindlela zabo zobugebengu besebancane kakhulu, uJohn J. DiIulio, Jr., onguprofesa wezombangazwe nezindaba zomphakathi ePrinceton University, wathi: “Sinethezekile ngaphambi kokuba lenhlekelele igadle.” Umbiko wakhe, owaqoqelwa i-Council on Crime eMelika, wabonisa ukuthi amacala obudlova angaba ingxenye yesithathu enziwa abantu ababoshiwe kodwa ababoshelwe ngaphandle, abantu abalengiselwe izigwebo, noma abasakhululiwe ngaphambi kokuqulwa kwamacala abo. Lombiko wathi uhulumeni unomthwalo wemfanelo wokuvikela izakhamuzi zawo kodwa uyehluleka ukwenza kanjalo.

Ukuhlinza Ngaphandle Kwegazi Kuyadlondlobala

Ngasekupheleni kuka-1996 isibhedlela esithile eHartford, eConnecticut, e-U.S.A., sazibandakanya nezinye ezingu-56 kulo lonke lelizwe “ezinezikhungo zokuhlinza oFakazi BakaJehova ngaphandle kwegazi,” kubika i-Hartford Courant. “Ngemva kokuhlaziya lenqubo, abaqondisi bezibhedlela baqaphela ukuthi izifiso zoFakazi BakaJehova zazingasahlukile kakhulu kulezo zezinye iziguli eziningi.” Ngosizo lwemithi yokwelapha namasu okuhlinza athuthukile, odokotela balungisa amalunga futhi benze ukuhlinzwa kwezitho zomzimba kanye nokwenhliziyo, komdlavuza, nokunye—konke lokhu ngaphandle kokusebenzisa igazi. Ngaphezu kwalokho, ochwepheshe abaningi bezempilo manje bazivuma ngokusobala izingozi zokumpontshelwa igazi. UDkt. David Crombie, Jr., udokotela omkhulu ohlinzayo eHartford Hospital, uvuma ngobuqotho: “Ngaqeqeshwa kwezokwelapha lapho igazi lisabhekwa njengomuthi wokwelapha. Manje selibhekwa njengobuthi.” IBhayibheli ngokungaguquguquki liyakwenqabela ukumpontshelwa igazi emzimbeni.—Genesise 9:4; Levitikusi 17:14; IzEnzo 15:28, 29; 21:25.

Ingabe Ucindezelwe Izinto Zobuchwepheshe?

Izingcingo eziphathwayo, ama-pager, imishini engama-fax, ama-computer asekhaya, nama-modem kuye kwashintsha ezokuxhumana. Nokho, uDkt. Sanjay Sharma, onesithakazelo esikhethekile ekulawulweni kokucindezeleka, unomuzwa wokuthi lobu buchwepheshe obusha buye futhi bahlasela isikhathi sabantu sangasese nesokuphumula. Umphumela uba ukucindezeleka okubangelwa izinto zobuchwepheshe. Njengoba kwabikwa kuyi-Toronto Star, “ukucindezeleka kunengxenye enkulu ekubangeleni ukugula, ukwehla kwekhono lokukhiqiza nokufa ngaphambi kwesikhathi.” Imiphumela ihlanganisa umfutho wegazi ophakeme, isifo senhliziyo, imizwa eguquguqukayo, ukuphathwa ikhanda, ukuqina kwemisipha, ukuqwasha, ukucindezeleka nokuwohloka kwesimiso somzimba sokuzivikela ezifweni. Ungakugwema kanjani ukucindezelwa izinto zobuchwepheshe? Yiqiniso, kuwukuhlakanipha ngaso sonke isikhathi ukuxhumana nodokotela wakho. Ngaphezu kwalokho, lombiko utusa ukuvivinya umzimba njalo, ukuthatha iholide ngempelasonto, nokuthola ukukhanya kwelanga nsuku zonke, “okubangela ukukhishwa kwama-hormone alwa nokucindezeleka.” Ekugcineni, “vala ucingo nomshini wakho oyi-fax. Izingcingo aziphendulwe umshini wokuphendula izingcingo.”

Inhlabamkhosi Yezimoto Ye-blackbird

Ama-blackbird abangela inkinga engavamile edolobhaneni laseNgilandi iGuisborough eNorth Yorkshire—avusa abantu ekuseni ngokulingisa izinhlabamkhosi zezimoto. “Lapho abanikazi bezimoto bephuthuma phandle ukuze bayoxosha amasela ngokuvamile bathola i-blackbird isacula,” kubika i-Times yaseLondon. “Yayinomsindo nokutshiyoza okufana ncamashí,” kusho esinye isakhamuzi sendawo. “Sizophambana amakhanda sonke.” Futhi lingase lingabi bikho ithuba lokuphumula. Njengoba enye inyoni ilingisa enye, umsindo ungazwakala yonke indawo. Eqinisweni, izinhlobo zezinyoni zaseBrithani ezingaba ngu-30 ziyakwazi ukulingisa eminye imisindo. Igwinsi liyinyoni enesiphiwo kunazo zonke futhi lingakulingisa kalula ukutshiyoza kwezinye izinyoni. Elinye kuthiwa lalikwazi ukulingisa ukukhala kocingo kangangokuba kwakunzima ukuhlukanisa ukulingisa kwalo nokukhala kocingo lwangempela.

Umkhosi Wamaqaba Usathandwa

USuku lukaSanta uJohn uMbhapathizi “aluhlobene nakancane nosanta wamaKatolika njengoba umuntu engase acabange,” kubika i-Folha de S. Paulo yaseBrazil. Nakuba lomkhosi “uqondana nosuku okuthiwa losanta wazalwa ngalo, . . . eqinisweni uwumkhosi wezolimo nowobuqaba.” Lifingqa imiphumela yesazi sendabuko nokuhlalisana kwabantu uCâmara Cascudo, leli phephandaba lithi “amahlelo akhulekela ilanga amaJalimane namaCelt” ayegubha lomkhosi ngesikhathi sokuvuna “ukuze axoshe amademoni obunyumba, izishayo zokusanhlamvu nesomiso.” Eminyakeni eminingi kamuva, lomkhosi walethwa eBrazil amaPutukezi. Esinye isici salomkhosi esisenziwa kwamanye amazwe ukubaswa kwezimbuthuma zikaSanta uJohn. Wavelaphi lomkhuba? “Leli siko . . . lihlobene nokukhulekelwa kukankulunkulu welanga, ohlonishwayo ukuze angaqheli kakhulu emhlabeni bese kuba nobusika obushubis’umnkantsha,” kusho leli phephandaba.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela