Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 10/8 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imishini Yokuvimbela Ingculaza
  • Izindiza Ezinophephela Emhlane Zomuntu Siqu?
  • Ukudlwengula Kwamabutho Empi
  • Umhlaba Omuhle—Uyanyamalala
  • “Sasisizakala Ngani Nina Zingane”
  • Usizo Lokuqala Lwamazinyo Aphumile
  • Ukucindezeleka Kwamaholide
  • Ukunikela Ngegazi Okulusizi
  • Umbukiso Wemfashini Esontweni Elihlala Umbhishobhi
  • Ubugebengu Basolwandle Besimanje
  • Umqedazwe Wokuthumba
  • Ukuxhashazwa Kwabazali Ngokomzimba
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1994
  • Indlela Yokugwema I-AIDS
    I-Phaphama!—1988
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1994
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 10/8 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

Imishini Yokuvimbela Ingculaza

Umkhandlu kahulumeni waseAustralia ophathelene nengculaza wayalwa ukuba utuse izindlela zokunciphisa ukusakazeka kwalesifo. ICourier-Mail yaseBrisbane yaphawula ukuthi kwatuswa ngokunamandla ukuba intsha ikwazi ukuzithola kangcono izindlela zokuvimbela ingculaza njengoba ngokuchaza kukasihlalo, uDkt. Charles Watson, abafundi abaningi abasesikoleni esiphakeme beba nobuhlobo bobulili. Phakathi kwezinto ezatuswa ukwenziwa ukuba kutholakale amacondom ngemishini efakwa imali ezikoleni eziphakeme. UDkt. Watson akakholelwa ukuthi ukusetshenziswa okunjalo kwemishini efakwa imali ikhiphe amacondom kuyokhuthaza abafundi abancane ukuba babe nobuhlobo bobulili ngaphambi kwesikhathi. Akukho kutuswa kokuzithiba ngokokuziphatha okwahlanganiswa kulombiko.

Izindiza Ezinophephela Emhlane Zomuntu Siqu?

Ingabe wake wakhungatheka ulindile amahora amaningi ekuminyaneni kwezimoto kwasedolobheni? Ingabe wake wacabanga ngokuthi kwakuyoba kuhle kanjani ukuphakamela phezulu esibhakabhakeni futhi wehlele phansi endaweni oya kuyona? Uthini ngendiza enophephela emhlane yomuntu siqu? Ukwakhiwa kwendiza yokuqala enophephela emhlane enesisindo esincane kakhulu intuthuko yamuva nje emkhakheni wezokundiza, kubika iphephandaba laseItaly iMessaggero. Inesisindo samakhilogremu angu-230 kuphela futhi inesivinini esiphakeme samakhilomitha angu-150 ngehora. Ukuyithenga kuyokubiza amaRandi angu-165 000 nangu-1,90 ukundiza ikhilomitha elilodwa. Nakuba incane ‘kunabafowabo abadala,’ ingakwazi ukundiza iphakame ngamamitha angu-4 000 futhi ingandiza ibanga lamakhilomitha angu-320.

Ukudlwengula Kwamabutho Empi

Phakathi neMpi Yezwe II, izinkulungwane zamantombazane nabesifazane abasebasha zathunjwa ibutho laseJapane emazweni aseMpumalanga Asia ukuze zikhonze amabutho ezinkundleni zempi. Zibizwa ngenhlonipho ngokuthi “abesifazane benduduzo,” lezo ezingazange zibulawe izifo ezazithathelwana ngobulili zashiywa ukuba zife lapho amabutho ehlehla. Iminyaka engamashumi amahlanu kamuva indoda eyodwa iye yaziveza ukuze ivume obala ukuhileleka kwayo futhi ixolise. USeiji Yoshida, oneminyaka engu-78 ubudala, ‘akakwazi ukususa izinkumbulo zokukhahlela abantwana baseKorea ababebambelela nababekhala njengoba amabutho akhe ayeqhubela omama babo abasebasha emalolini ukuze bayoba izigqila zobulili zeImperial Army YaseJapane’ kusho iMainichi Daily News. Ebuzwa indlela ayezizwa ngayo ngalesosikhathi, leliphephandaba labika uYoshida ephendula: “Sasimane nje sigcina iziyalezo. Sasingacabangi lutho. Kwakumane nje kuyibhizinisi. Umbono ohlukile wawungenakwenzeka. Ngangingezwa lutho. Ngangimatasa, ngangiphelelwe ithemba, ngangidungekile.” Izikhulu zempi zamazwe amaningi ziye zaqiniseka ngokuthi amabutho azo anikezwa abesifazane, ngokuthunjwa noma njengezifebe ezikhokhelwayo.

Umhlaba Omuhle—Uyanyamalala

Ngokombiko osephephabhukwini iScience, inhlabathi yomhlaba elimekayo iyaphela, “ikhukhuleka ngokushesha noma iba uthuli emoyeni.” NgoMarch, iWRI (World Resources Institute) yaseWashington, D.C., yakhipha imiphumela yokuhlola kweminyaka emithathu lapho amakhulu ochwepheshe abukeza khona indlela izimo zenhlabathi eziye zashintsha ngayo emhlabeni wonke kusukela ngeMpi Yezwe II. Yaba yini imiphumela? Ngenxa yokusebenza kabi kwesintu izwe—ngokuyinhloko ngokuqeda amahlathi, ukuklaba ngokweqile kwemihlambi, nangemikhuba elimazayo yezolimo—izwe elake laba elivundile elinendawo elingana neChina neNdiya zihlanganisiwe manje lonakaliswe ngokungathi sína. Lokhu kuthambekela kubikezela inhlekelele, njengoba umongameli weWRI uGus Speth elinganisela, umhlaba kuyofuneka wandise ukukhiqiza kwawo ukudla ngokuphindwe kathathu eminyakeni engamashumi amahlanu ezayo ukuze wondle inani labantu elikhulayo.

“Sasisizakala Ngani Nina Zingane”

Ukuxhashazwa kwezingane? Hhayi ngomqondo ovamile. Lamazwi angenhla amazwi kaDavid Goerlitz, umdlali wasesiteji owavela ekukhangiseni kukagwayi iWinston njengomgibeli wamadwala owayokhela ugwayi kuyilapho elenga edwaleni. IBoston Globe ibika ukuthi uGoerlitz noWayne McLaren (owayekhangisa ngeMarlboro) bavela phambi kwezixuku zezingane zesikole ukuze bazikholise ukuba zingabhemi. “Sinenze nakholelwa ukuthi uma nina bafana nibhema, niyoba amaqhawe,” kuchaza uGoerlitz. “Ukuphila kwami kuye kwafushaniswa kakhulu ngoba ngakhetha ukubhema,” kuvuma uMcLaren ngokudumala, ngemva kokulahlekelwa iphaphu elilodwa ngenxa yomdlavuza.

Usizo Lokuqala Lwamazinyo Aphumile

“Amazinyo aye aphuma angabuyiselwa ngisho nasezinsukwini ezimbalwa ngemva kwengozi, uma egcinwa kahle,” kubika iphephandaba laseJalimane iFrankfurter Allgemeine Zeitung. Kuye kwenziwa ibhokisi losizo lokuqala okungabekwa kulona izinyo eliphumile. Lelibhokisi linamanzi angenawo amagciwane, kanye nenhlanganisela yezakhi nemithi ebulala amagciwane, egcinwe eceleni. Khona-ke lezinto ezimbili zingahlanganiswa ndawonye ngokucindezela nje inkinobho. Lezizinto azibizi futhi zingagcinwa ngaphandle kwesiqandisi iminyaka engaba mithathu. Ibhokisi elinjalo losizo lokuqala lingaba inzuzo ekhethekile ezindaweni lapho kuvame khona izingozi ezihilela amazinyo, njengasezindaweni zokubhukuda, ezinkundleni zemidlalo, nasezikoleni.

Ukucindezeleka Kwamaholide

Ukushintsha imikhuba ethile kungase kuzuzise umuntu ocindezelekile ngokwengeziwe kunokuthatha iholide. UDkt. Sérgio Tufik, uprofesa weSchool of Medicine yaseSão Paulo, eBrazil, wacashunwa kuyiVeja ethi: “Isimiso sethu sokuphila sihlelelwe ukuba sihambe njengewashi. Noma yiluphi ushintsho, ngisho nesonto lokunethezeka eCaribbean, lungakhathaza umzimba.” Kungakhathaliseki ukuthi umsebenzi uyinselele noma cha, ukuze ugweme ukucindezeleka okulimazayo, uyatusa: “Yaneliseka ngalokho [wena] okwenzayo.” Kunokuba njalo uzame ukwenza okuthile okuhlukile okungase kube okucindezela ngokwengeziwe kunesimiso sansuku zonke, lodokotela usikisela lokhu: “Mhlawumbe imfihlakalo ‘iwukuthatha iholide’ nsuku zonke. Okusho ukuthi, ngaphandle komsebenzi, hlanganyela emisebenzini ehlukahlukene ethuthukisa ukwaneliseka.”

Ukunikela Ngegazi Okulusizi

Abantu abangaphezu kwenkulungwane eFrance baye bathola ingculaza ekumpontshelweni igazi. Kungani benezinga eliphakeme ngokuphindwe kahlanu kuya eshumini kunamanye amazwe amaningi aseNtshonalanga Yurophu? IMonde ichaza ukuthi izikhulu zamajele zaqhubeka zamukela igazi elinikelwe yiziboshwa kwaze kwaba ngo-1985, iminyaka emithathu ngemva kokuba amazwe angomakhelwane ewuyekile lowomkhuba. Lombiko waphawula futhi ukuthi ukunikela ngegazi “kuwumkhuba onesikhathi eside obhekwa kabanzi njengosebenza ekuqondiseni izigwegwe zeziboshwa. Ukunikela ngegazi kusikisela ukuhlengwa, futhi ngaphezu kwalokho kwanikeza iziboshwa ithuba . . . lokuphuza ingilazi yewayini, futhi endabeni yemilutha yezidakamizwa ukuthola injabulo ngokujovwa ngenaliti.” Ukunikela ngegazi kungasiza iziboshwa futhi ukuba zizuze ukwehliswa kwezigwebo zazo zasejele.

Umbukiso Wemfashini Esontweni Elihlala Umbhishobhi

“Emsindweni wokuhlabelela kwamaKatolika, ukuduma nezinsimbi, endaweni ecishe ibe mnyama ngokuphelele, kuqhamuka izithunzi zezindelakazi eziyisikhombisa, ezembethe izingubo ezinde ezifihle ubuso bazo. Ngokungazelele kukhanyiswa izibani, izindelakazi zisusa izingubo, [futhi] ziba abakhangisi bezingqephu.” IJornal da Tarde iwuchaza ngalamazwi umbukiso wemfashini owaqhutshelwa egumbini elingaphansi leMetropolitan Cathedral yasePôrto Alegre, eBrazil. Kwababekhona, umbhishobhi omkhulu ucashunwa ethi: “Bengilokhu ngicabanga ukuthi lendawo kufanele ibe ihholo lezenzakalo zokuzijabulisa nezobungane.” Nakuba lombukiso waqongelela izimali zokusiza imilutha yezidakamizwa, umbhishobhi waseNovo Hamburgo akavumelani nawo wonke lomqondo. Wathi: “Nakuba lokhu kusiza, lendlela ayamukeleki.”

Ubugebengu Basolwandle Besimanje

“Ngokungefani nabaphangi basolwandle bekhulu leminyaka le-17 nele-18, abazisebenzisi izinto zokuvala amehlo noma izinkemba. Namuhla, banezinqubo ezisheshayo nezikhali ezinamandla,” kusho iphephandaba laseBrazil iEstado de S. Paulo. Kwabikwa ukuhlasela kwabaphangi basolwandle okungengaphansi kuka-185 eRio de Janeiro phakathi neminyaka emithathu edlule. Muva nje, abaphangi basolwandle abayishumi bahlasela umkhumbi othwala uwoyela ngezibhamu ezingontuluntulu, babulala amatilosi amabili, balimaza namanye amabili ngaphambi kokuphanga imali nezimpahla. Amaqembu anjalo ahleliwe asebenza emathekwini agcwala kakhulu, njengeSantos neRio de Janeiro, athola ukwaziswa ngempahla esemikhunjini nangamalungiselelo okulondeka ezifebeni zendawo. Njengoba leliphephandaba liphetha, ukuphanga kwasolwandle okwandile nokwebiwa kwamabhokisi anezimpahla “kubangela nokuthi ukuhweba kweBrazil namanye amazwe kulahlekelwe ngokwezimali.”

Umqedazwe Wokuthumba

Ukuthunjwa kwezimoto kungase kube inkinga yawo wonke amazwe, kodwa eNingizimu Afrika “ukuthunjwa kwezimoto kuye kwafinyelela izilinganiso eziwumqedazwe,” ngokweFinancial Mail yaseNingizimu Afrika. Ungayinciphisa kanjani ingozi yokuthunjwa kwemoto yakho uma uhlala lapho lokhu kuyinkinga khona? Zama ukushintshashintsha indlela ohamba ngayo nsuku zonke. Thatha izindlela ezihlukahlukene, noma uhambe ngaphambi kwesikhathi noma kamuva. Gcina iminyango ihluthulelwe namafasitela evaliwe. Ungagibelisi abantu abacela ukukhwezwa, futhi ungahambi wedwa, uma kungenzeka. Ngaphambi kokuma lapho umgwaqo uvinjwe khona, zibuze ukuthi kubonakala kuyiqiniso yini. Bheka amafulegi nezibani zabomthetho, futhi uphawule indlela izisebenzi zasemgwaqweni ezigqoke ngayo. Umphathi othile wamaphoyisa weluleka umshayeli osesimweni esiyingozi ngokuthi: “Banikeze imoto uma ukuphila kwakho kusengozini. Akunangqondo ukuba iqhawe elifile.”

Ukuxhashazwa Kwabazali Ngokomzimba

Lokho okuye kwachazwa ngokuthi “ukwesaba okufihlekile ulaka lwentsha” okufakwa kubazali kuyanda eAustralia. Amaphoyisa namaqembu ezenhlala-kahle abika ukuthi inani lentsha eshaya abazali bayo likhula ngokushesha kulelizwe. Futhi nakuba ngokuvamile izisulu kuba omama, ngisho nobaba kanye nomkhulu nogogo baye bahlaselwa ngonya. Iphephandaba laseSydney iSunday Telegraph licaphuna umqondisi wenhlangano ethile yezenhlala-kahle ethi: “Abantu bayamangala ukuzwa ukuthi abantwana abancane ngisho nabaneminyaka eyishumi bangaba nobudlova obungokomzimba—besabisa onina nabafowabo nodadewabo.” Omunye umnyango wezenhlala-kahle yomphakathi uye wathola izingcingo eziningi ezivela kubazali abaxhashazwayo kangangokuthi uhlela isimiso esikhethekile sezisulu nabahlaseli.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela