Ukubuka Okwezwe
“Abantu baseRussia abangaphezu kwengxenye bacabanga ukuthi ukufumbathisa izikhulu kuyindlela engcono kakhulu ‘yokuxazulula izinkinga.’”—I-REUTERS NEWS SERVICE, ERUSSIA.
“Ucwaningo lwembule ukuthi amaphesenti angu-17,5 abantu abadala eChina anokugula okuthile engqondweni. . . . Makhulu amathuba okuba abesifazane baphathwe ukuphazamiseka kwemizwelo nokucindezeleka kunamadoda.”—I-CHINA DAILY, ECHINA.
“Cishe amaphesenti angu-28 azo zonke izingozi zomgwaqo e-U.S.—noma izingozi eziyizigidi ezingu-1,6 unyaka ngamunye—zibangelwa abashayeli abasuke bekhuluma ngomakhalekhukhwini noma bethumela/befunda imiyalezo, ngokusho kombiko omusha we-National Safety Council.”—I-UC BERKELEY WELLNESS LETTER, E-U.S.A.
“Umlando Ongemuhle”
“Umbiko Wethimba Elihlola Ukuhlukunyezwa Kwezingane wembula umlando wase-Ireland ongemuhle neze,” kusho iphephandaba i-Irish Times. Ngokwaleli phephandaba, lo mbiko udalula umlando ongcoliswe ukuhlukunyezwa okuhleliwe kwezingane ezikhungweni zenkolo yamaKatolika, kusukela “ekushayeni izingane ezinezintwala ekhanda” kuya ekuzinukubezeni ngokobulili. Lokhu kuhlukumeza kwashalazelwa ngenxa yokwethembeka okungafanele “egunyeni leSonto lamaKatolika,” kusho leli phephandaba. “Ihlazo Kini, Hulumeni NeSonto,” kusho isihloko sephephandaba i-Times, licaphuna amazwi othile owayezwelana nezisulu.
Amanzi Enyangeni
Ososayensi abathumela isiphuphutheki esaphahlazeka enyangeni, bathi babona amanzi ngesikhathi kusuka uthuli. Balucwaninga lolu thuli ngethuluzi okuthiwa i-spectrometer—umshini ocwaninga ukwakheka kwezinto ngokuzihlukanisa ngamaza okukhanya eziwabambayo noma eziwakhiphayo. UMichael Wargo, usosayensi oyinhloko ocwaningweni oluphathelene nenyanga ekomkhulu le-NASA eWashington, D.C. wathi, “Sesiyazisombulula izinto ebeziyimpicabadala ngomakhelwane wethu oseduze kakhulu nangesimiso sikanozungezilanga.” Muva nje, lapho kuhlolwa inyanga kutholakale ukuthi kunezigidi zamathani amanzi engxenyeni yenyanga engasenyakatho.
Igolide Selitholakala Emishinini Yokuthenga
Ezindaweni eziningi emhlabeni, izigaxa zegolide seziphakathi kohlu olude lwemikhiqizo etholakala emishinini yokuthenga. Ngokwesibonelo, kwelinye ihhotela e-Abu Dhabi, e-United Arab Emirates, sekufakwe imishini ekwazi ukudayisa izinto ezingu-320, kuhlanganise nezigaxa zegolide ezinesisindo esingamagremu ayishumi nezinhlamvu zegolide eziqoshwe lokho umthengi akufunayo. Intengo yegolide ishintsha njalo ngemva kwemizuzu eyishumi, lokhu kwenziwa ngemishini yama-computer exhumene nezimakethe zomhlaba zezentengiselwano. Ekuqaleni, le mishini yayithatha imali yezwe ekulo kuphela, kodwa kwabe sekuhlelwa ukuba yamukele namakhadi okuthenga ngesikweletu. Kwakhethwa ukuba igolide lidayiswe kule ndawo “ngenxa yokuthi baningi abantu abalidingayo kuyo,” kusho umbiko we-Reuters.