Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 8/22 k. 21-k. 23 isig. 6
  • ‘Nolimi Lwezingingingi Luyakukhuluma’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Nolimi Lwezingingingi Luyakukhuluma’
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkinga Yami Yokukhuluma
  • Ukufuna Usizo
  • Ukuhlangana NoFakazi BakaJehova
  • Indlela Yokuzuza Ukuzethemba
  • Ukubhekana Nezinselele Ezikhethekile
  • Indlela Engikubekezelela Ngayo Ukungingiza
    I-Phaphama!—1998
  • Ukubuswa Ukholo KuNkulunkulu Ezweni LamaKhomanisi
    I-Phaphama!—1996
  • ‘Ngiyoqombola Njengendluzele’
    I-Phaphama!—2006
  • Okuthile Okubi Kakhulu KuneAIDS
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 8/22 k. 21-k. 23 isig. 6

‘Nolimi Lwezingingingi Luyakukhuluma’

KWAKUYISIMISO santambama somhlangano okhethekile wosuku olulodwa woFakazi BakaJehova eCzechoslovakia (manje eyiCzech Republic), futhi kwakuhlangene amakhulu abantu ukuze amukele imfundiso yeBhayibheli. Ngangimi ngemva kwesiteji ngibukeza inkulumo yami. Kwakungeyona inkulumo ende. OFakazi ababili abasebasha babezolandisa okuhlangenwe nakho, futhi ngangizoba usihlalo walenkulumo. Ekuseni ngalolo suku ngazizwa ngicindezelekile, futhi manje kwase kudlondlobala. Ngazizwa ngikhubazeke ngokoqobo, ngikhathazekile, futhi ngingakwazi ukukhuluma.

Ungase ucabange ukuthi cishe wonke umuntu angashaywa uvalo esimweni esinjalo. Kodwa lokhu kwakungaphezu nje kokushaywa uvalo. Ake ngichaze ukuthi kungani.

Inkinga Yami Yokukhuluma

Lapho ngineminyaka engu-12, ngawa futhi ngalimala ekhanda, entanyeni, nasemfunkulweni. Ngemva kwalokho, ngangivame ukungingiza noma ngibe nobunzima bokubiza amagama, ikakhulukazi amagama aqala ngezinhlamvu u-p, k, t, d, no-m. Ngezinye izikhathi ngangingakwazi ngisho nokukhuluma.

Lenkinga yayingangikhathazi kakhulu ngaleso sikhathi; kwakumane kube ukuphazamiseka nje. Kodwa njengoba kwakudlula iminyaka, ngaqala ukwesaba kakhulu noma yikuphi ukukhuluma kwasobala. Ngake ngaquleka lapho nginikeza umbiko esikoleni. Futhi ngezinye izikhathi lapho ngithenga, izisebenzi zasezitolo zingibuza ukuthi ngifunani, ngangingakwazi ukuziphendula. Njengoba ngimile ngizama ukukhuluma, zazithukuthela zithi: “Sheshisa. Anginasikhathi. Abanye abathengi balindile.” Ngenxa yalokho, ngangingakwazi ukuthenga izinto engangizidinga.

Kwakunzima kabi ngesikhathi ngisafunda esikoleni. Lapho nginikeza imibiko, engifunda nabo babengihleka lapho ngingingiza. Nokho, ngaphothula esikoleni esiphakeme futhi ngo-1979 ngayofunda eyunivesithi yasePrague, eCzechoslovakia. Njengoba ngangizithanda ezemidlalo, ngathatha izifundo zokufundisa ukuzivivinya umzimba. Kodwa ngangizowufinyelela kanjani umgomo wami? Naphezu kokungabaza, ngaphokophela phambili.

Ukufuna Usizo

Kwakumelwe kube nendlela yokuqeda ukuphazamiseka kwami ekukhulumeni. Ngakho ngemva kokuphothula eyunivesithi, nganquma ukuthola usizo lwezobuchwepheshe. Ngafuna umtholampilo ePrague ogxile ekwelapheni izinkinga zokukhuluma. Lapho ngiya okokuqala, umhlengikazi othile waphahluka: “Isifo sakho sezinzwa sihlukile!” Kwangiphatha kabi ukuthi wayengibheka njengomuntu onesifo sezinzwa, ngisho noma ochwepheshe bevuma ukuthi ukungingiza akusona isimo esibangelwa izinzwa. Akuzange kungithathe isikhathi eside ukuba ngibone ukuthi ngangibhekene nenselele eyingqayizivele: Ngangiyinsizwa eneminyaka engu-24, futhi zonke ezinye iziguli kwakuyizingane.

Ngokushesha zonke izisebenzi, kuhlanganise nesazi sokusebenza kwengqondo, bahileleka ekungisizeni. Bazama zonke izinto. Ngesinye isikhathi, banginqabela ukukhuluma nanoma ubani amasonto amahlanu. Ngesinye isikhathi, bangivumela ukuba ngikhulume ngendlela eyodwa kuphela futhi ngi-ne-nse kakhulu. Nakuba lendlela yayingisiza, yangenza ngethiwa igama eliyisifekethiso elithi uMlumbi Wezinyoka ngoba abaningi babelala lapho nginikeza imibiko.

Ukuhlangana NoFakazi BakaJehova

Ngolunye usuku ehlobo ngo-1984, lapho ngihamba edolobheni, izinsizwa ezimbili zeza kimi. Kwakungekhona ukubukeka kwazo kwangaphandle okwangimangaza kodwa yilokho ezakusho. Zathi uNkulunkulu unohulumeni, uMbuso, owawuzoqeda zonke izinkinga zesintu. Zanginikeza inombolo yazo yocingo, futhi kamuva ngazishayela ucingo.

Ngaleso sikhathi oFakazi BakaJehova babengakaqashelwa njengenhlangano yenkolo engokomthetho eCzechoslovakia. Nokho, ngokushesha isithakazelo sami sakhula kangangokuba ngaqala ukuya emihlanganweni yabo. Ngangikubona ukuthandana nokukhathalelana oFakazi ababenakho.

Indlela Yokuzuza Ukuzethemba

Okwangisiza enkingeni yami yokukhuluma yilokho okubizwa ngokuthi iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, isikole esiqhutshwa masonto onke kuwo wonke amabandla oFakazi BakaJehova. Ngakhuthazwa ukuba ngibhalise, futhi ngabhalisa. Ngokusekelwe ekusikiseleni kwenye yezincwadi zalesi sikole, ethi Incwadi Yokuchasisa Isikole Esingokwasezulwini, ngasebenzela ezimfanelweni zokukhuluma ezinjengokuqephuza, ukuphimisela, ukugcizelelwa kwengqondo, nokungafani kwezwi.a

Inkulumo yami yokuqala yomfundi, okwakuwukufundwa kweBhayibheli, yaba inhlekelele. Ngashaywa uvalo kakhulu futhi ngacishe ngangakwazi ukufika ekhaya. Yeka ukuthi ngabonga kanjani lapho ngithola ukuqabuleka ngemva kokushawa ngamanzi ashisayo!

Ngemva kwaleyo nkulumo yokuqala, umbonisi wesikole ngomusa wanginikeza ukunakekela komuntu siqu. Akazange anginikeze iseluleko esakhayo kuphela kodwa futhi wangitusa. Lokho kwanginikeza isibindi sokuba ngiqhubeke ngizama. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngo-1987, ngaba uFakazi obhapathiziwe. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, ngathutha ePrague ngaya edolobhaneni elithulile laseŽďár nad Sázavou. Iqembu elincane loFakazi bendawo langamukela ngokufudumele. Bakwamukela nokukhuluma kwami ngokungingiza, futhi lokho kwathuthukisa ukuzethemba kwami.

Ngokuhamba kwesikhathi, ngaqala ukuqhuba isifundo seBhayibheli seqembu elincane, futhi kamuva nganikeza inkulumo yeBhayibheli yasobala okokuqala ngqá. Ekugcineni, ngemva kokushintshwa kukahulumeni eCzechoslovakia, ngaqala ukunikeza izinkulumo ezinjalo emabandleni angomakhelwane. Phakathi kwabantu engingabajwayele izinkinga zami zokukhuluma zazibuya. Kodwa angizange ngidangale.

Ukubhekana Nezinselele Ezikhethekile

Ngolunye usuku umdala othile ongumKristu wangimemela lapho esebenza khona. Wathi: “Petr, ngikuphathele izindaba ezinhle! Singathanda ukuba ube nengxenye emhlanganweni wesifunda ozayo.” Ngazizwa ngiphelelwa amandla futhi kwadingeka ukuba ngihlale phansi. Lomngane wami wadumala lapho ngisenqaba lesi sabelo.

Kwangikhathaza lokho kwenqaba. Kwakungavumi ukuphuma engqondweni. Phakathi nemihlangano yobuKristu noma nini lapho kuthintwa indaba yokuthembela kuNkulunkulu, ukukhumbula lokho kwenqaba kwakungiphatha kabi. UGideyoni, ngesiqondiso sikaNkulunkulu owabhekana nalo lonke ibutho lempi yakwaMidiyani enamadoda angu-300 kuphela, ngezinye izikhathi kwakubhekiselwa kuye emihlanganweni. (AbAhluleli 7:1-25) Nangu umuntu owayethembele ngempela kuNkulunkulu wakhe, uJehova! Ingabe ngangilandelé isibonelo sikaGideyoni lapho ngenqaba leso sabelo? Eqinisweni, ngangingeke ngithi ngangenze kanjalo. Ngazizwa nginamahloni.

Nokho, abafowethu abangamaKristu abazange bayeke ukungisiza. Banginikeza elinye ithuba. Ngacelwa ukuba ngihlanganyele esimisweni somhlangano okhethekile wosuku olulodwa. Kulokhu ngavuma. Nakuba ngangilazisa leli lungelo, umcabango wokukhuluma nabantu abagcwele ihholo eqinisweni wangishayisa uvalo kakhulu. Kwakudingeka ngikulwele ngempela ukuthuthukisa ukuthembela kwami kuJehova. Kodwa kanjani?

Ngokubhekisisa ukholo nokuthembela abanye oFakazi ababenakho kuye. Ukwenza lokhu kwangiqinisa. Ngisho nencwadi eyabhalwa uVerunka oneminyaka eyisithupha ubudala, oyindodakazi yomngane wami othile, yaba isibonelo esihle kimi. Wabhala: “Ngo-September, ngiya esikoleni. Angazi ukuthi kuzohamba kanjani ngeculo lesizwe. Ngithemba ukuthi uJehova uzongilwela, njengoba alwela u-Israyeli.”

Lezo-ke kwakumane kungezinye zezenzakalo ezaholela esimisweni santambama somhlangano okhethekile wosuku olulodwa engikhulume ngawo ekuqaleni. Ngangiye ngathandaza ngokujulile. Ngangingasakhathazekile kakhulu ngokuqephuza kwami njengoba ngangizodumisa igama likaNkulunkulu elikhulu phambi kwalaba bantu abaningi.

Ngakho ngama phambi kombhobho, ngibheke amakhulu abantu. Khona-ke, ngiqaphela ukuthi isigijimi sibaluleke kakhulu kunesithunywa, ngadonsa umoya ngase ngiqala ukukhuluma. Ngemva kwalokho, ngaba nesikhathi sokuhlaziya izinto. Ingabe ngangishaywe uvalo? Ngokuqinisekile, futhi ngaze ngangingiza izikhathi ezimbalwa. Nokho, ngaphandle kokusekelwa uNkulunkulu ngangazi ukuthi ngangingeke ngikwazi ngisho nokukhuluma.

Kamuva ngaqala ukuzindla ngokuthile umfowethu othile ongumKristu ake wangitshela kona: “Kufanele ujabule ngokuthi unenkinga yokungingiza.” Ngesikhathi esho lawo mazwi, ngabamba ongezansi. Wayengayisho kanjani into enjalo? Lapho ngibheka emuva, sengiyaqonda ukuthi wayesho ukuthini. Inkinga yokukhuluma enginayo iye yangisiza ukuba ngithembele kuNkulunkulu kunokuba ngizethembe.

Sekudlule iminyaka embalwa kusukela ngaleya ntambama yomhlangano okhethekile wosuku olulodwa. Phakathi naleminyaka ngiye ngaba namanye amalungelo ahlanganisa ukukhuluma phambi kwabantu abaningi. Ngamiswa njengomdala ongumKristu eŽďár nad Sázavou nanjengephayona, njengoba zibizwa kanjalo izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova. Ake ucabange! Ngase ngichithe amahora angaphezu kwekhulu inyanga ngayinye ngikhuluma nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu, ingasaphathwa eyesikhathi engangisichitha masonto onke ngifundisa emihlanganweni yethu yobuKristu. Futhi manje ngikhonza njengombonisi wesifunda, nginikeza izinkulumo ebandleni elihlukile isonto ngalinye.

Inhliziyo yami imane ichichime ukwazisa njalo lapho ngifunda lesi siprofetho encwadini yeBhayibheli ka-Isaya: “Nolimi lwezingingingi luyakushesha lukhulume kahle.” (Isaya 32:4; Eksodusi 4:12) Ngempela uJehova uye waba nami, engisiza ukuba ‘ngikhulume kahle’ ngimnikeze udumo nenkazimulo. Nganeliseke kakhulu futhi ngiyajabula ngokukwazi ukudumisa uNkulunkulu wethu onesihe kakhulu.—Njengoba ilandiswa uPetr Kunc.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela