Ukukhama Injoloba—Umsebenzi Othinta Ukuphila Kwakho
Ngumlobeli we-Phaphama! eNigeria
NGEHORA lesihlanu ekuseni, ihlathi lemvula laseNigeria limnyama futhi lipholile. Endlini eyakhiwe ngezitini zodaka maphakathi naleli hlathi, uJohn uyavuka abese egqoka ngokushesha. Khona-ke ulibangisa ebumnyameni, ephethe isibani, ibhakede lepulasitiki, nommese omfushane onokudla okugobile. Emahoreni amane alandelayo, usuka esihlahleni aye kwesinye, esika amagxolo esihlahla ngasinye.
Lesi isenzakalo sokuqala ochungechungeni lwezenzakalo eziningi ekugcineni ezingase zithinte ukuphila kwakho. Kanjani? Ngoba lezi zihlahla uJohn azisikayo ezenjoloba. Futhi injoloba ingenye yezinto eziyigugu kithi futhi ezisetshenziswa kabanzi.
Imikhiqizo Eyintilibathwa
Ake ucabange ngendima injoloba enayo ekuphileni kwakho. Isoli nezithende zezicathulo zakho kungenzeka zenziwe ngenjoloba. Ingaphansi likakhaphethi nefenisha yakho kungenzeka kunenjoloba eyisiponji. Ibhande elinwebekayo ezingutsheni zakho zokugqoka kungenzeka lenziwe ngenjoloba. Uma lina, ungase uthathe ijazi lemvula namabhuzi enziwe ngenjoloba. Ingabe uyobhukuda? Izingubo zokubhukuda, izibuko zakhona, nezicathulo zenziwe ngenjoloba. Ingabe awufuni ukubhukuda? Mhlawumbe ungase ukhethe ukuntanta emanzini ngesihlenga senjoloba noma ukudlala ngebhola lenjoloba lasebhishi. Cishe kwakho kunamabhande enjoloba, izinto zokusula zenjoloba, nezinto zokunamathisela zenjoloba. Lapho ulala namuhla kusihlwa, kungenzeka ulale kumatilasi nomcamelo owenziwe ngemikhiqizo yenjoloba. Uma ugodola, ungase ulale nebhodlela lamanzi ashisayo elenziwe ngenjoloba.
Ngaphandle kwazo zonke lezo zinto, kunemikhiqizo eminingi ngokuqinisekile ebingeke isebenze kahle ngaphandle kwezingxenye zenjoloba—amawashela, amabhande, ama-gasket, amapayipi, ama-roller, noma ama-valve. Ngokwesibonelo, imoto evamile inezingxenye zenjoloba ezingaba ngu-600. Sekukonke, ngokwe-World Book Encyclopedia, kwenziwa imikhiqizo yenjoloba ephakathi kuka-40 000 no-50 000.
Yini eyenza injoloba ibe usizo kangaka? Ihlala isikhathi eside, imelana nokushisa, iyanwebeka, imelana namanzi, umoya awungeni, futhi imelana nezindawo ezinezikhisi. Cabangela isondo, kungakhathaliseki ukuthi elebhayisikili, imoto, noma indiza. Ngenxa yokuthi liyinjoloba, isondo aligugi ngokushesha ngenxa yokuhamba njalo emgwaqweni, futhi ngeke lishe ngenxa yokukhuhlana kwalo njalo nomgwaqo. Lapho ushayela emanzini, akudingekile wesabe ukuthi isondo lizoba manzi bese liyabola; futhi ngeke liguge. Injoloba ayivimbeli nje kuphela amanzi ekungeneni esondweni kodwa futhi ivimbela nomoya ofuthwe kulo ukuba ungaphumi. Ngaphezu kwalokho, njengoba uhamba, ukumelana nezikhisi kwalenjoloba esemasondweni kuyavikela ezindaweni ezinezikhisi emgwaqweni. Ngempela, ngaphandle kwenjoloba, abakhiqizi bebeyokuthola kunzima ukwenza isondo.
Ngakho ngokunokwenzeka uzovuma ukuthi abakhami benjoloba abanjengoJohn benza inkonzo eyigugu ethinta ukuphila kwethu ngendlela enhle. Yiqiniso, akuyona yonke injoloba evela ezihlahleni. Injoloba eyenziwe ngamakhemikhali iyona ekhiqizwa kakhulu ezimbonini. Zombili lezi zinhlobo zenjoloba zinezici zazo eziqinile nezibuthakathaka. Imikhiqizo eminingi ingazisebenzisa zombili, futhi ngokuvamile ukukhetha kunqunywa intengo yangaleso sikhathi. Eminye imikhiqizo isebenzisa ingxubevange yenjoloba eyenziwe ngamakhemikhali neyemvelo. Amasondo ezimoto eziningi anenjoloba eyenziwe ngamakhemikhali kunenjoloba yemvelo. Nokho, ngenxa yokuthi injoloba eyenziwe ngamakhemikhali ayikwazi ukumelana nokushisa okukhulu, kusetshenziswa injoloba yemvelo eningi emasondweni ezimoto zomjaho, amaloli, amabhasi, nezindiza.
Ukukhama Isihlahla
Izihlahla zenjoloba zikhula kahle ezimweni zezulu ezishisayo, ezinemvula eduze nenkabazwe. Ingxenye enkulu yenjoloba engokwemvelo emhlabeni ivela emahlathini aseNingizimu-mpumalanga Asia, ikakhulukazi eMalaysia nase-Indonesia. Enye ingxenye ivela eNingizimu Melika kanye naseNtshonalanga naseNkabeni ye-Afrika.
UJohn akasikhami isihlahla kuze kube yilapho sesineminyaka engaba yisithupha ubudala. Ngemva kwalokho isihlahla siyokhiqiza injoloba iminyaka engu-25 kuya kwengu-30 elandelayo futhi siyokhula sibe ngamamitha angaba ngu-20 ubude. Lapho isihlahla senjoloba “sesiyekile” ukukhiqiza injoloba, singaqhubeka sikhula, sifinyelele emamitheni angu-40 ubude, futhi singase sikhule size sibe neminyaka eyikhulu ubudala noma ngaphezulu.
Injoloba ephuma esihlahleni ifana kakhulu nobisi kunokuba ifane nesondo lemoto. Lokhu okunjengobisi, okubizwa ngokuthi i-latex, kunezinhlayiyana ezincane zenjoloba. Amaphesenti angaba ngu-35 e-latex ayinjoloba. Enye ingxenye ngokuyinhloko ingamanzi.
Ukuze akhame i-latex, uJohn usika avundle egxolweni. Usika azungeze ingxenye yesihlahla. Uyaqikelela ukuba angasiki ajule kakhulu, njengoba lokho kungasilimaza isihlahla. I-latex iqala ukugeleza ngokushesha ngemva kokuba isihlahla sesisikiwe; igeleza emseleni owenziwe lapho kusikwa bese ingena enkomishini yoqalo uJohn ayibophele esihlahleni. Lokhu kugeleza kuqhubeka amahora amabili noma amathathu; bese kunqamuka.
Osukwini olulodwa noma ezimbili kamuva, lapho uJohn esikhama futhi lesi sihlahla, uyosika ngezansi kwalapho ayesike khona ekuqaleni. Ngokulandelayo uyosika ngezansi kwalapho. Ekugcineni, kuba nemidwa elandelanayo egxolweni lesihlahla. Manje uJohn uzoqala ukukhama enye ingxenye yesihlahla, eshiya lemidwa ukuba ivaleke ngokuphelele ukuze akwazi ukukhama lesi sihlahla esikhathini esizayo.
UJohn usebenza ngokushesha, ethubeleza yedwa ehlathini elithulile, esika izihlahla ukuze kugeleze i-latex. Kamuva, uphindela esihlahleni ngasinye athathe i-latex esinqwabelene ayithele ebhakedeni lakhe. Ngokulandelayo, uJohn ufaka i-formic acid namanzi kuyi-latex. Lokhu kuyenza ishube njengobisi lushubiswa uviniga. Khona-ke uJohn uthwala ibhakede elinale-latex aye emgwaqweni omkhulu, lapho lithathwa khona iloli lesikhungo esiseduze esenza injoloba.
Manje uJohn uphindela ekhaya ukuze ayogeza, adle, abese ephumula. Ntambama, lapho ephuma futhi endlini yakhe, ugqoke kahle futhi uphethe isikhwama sezincwadi. Manje uzobe engahambeli isihlahla ngasinye kodwa uzobe ehamba indlu ngendlu. Njengesikhonzi esiyiphayona elivamile, uJohn unengxenye egcwele emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi.
Lapho uJohn eqhuba isifundo sakhe seBhayibheli sokuqala, i-latex ayiqongelele izobe isifinyelele esikhungweni esenza injoloba. Kuleso sikhungo, lenjoloba izohlukaniswa namanzi, yomiswe, bese igxushwa ithunyelwe kwamanye amazwe. Ngokushesha izolibangisa eNgilandi, eJapane, noma e-United States. Imboni yomhlaba wonke yenjoloba engokwemvelo ikhiqiza injoloba engamathani angaphezu kwezigidi ezinhlanu unyaka ngamunye. Nakuba singekho isiqinisekiso, kungenzeka ukuthi injoloba yezicathulo zakho ezilandelayo iyobe ivela esihlahleni esikhanywe uJohn.
[Isithombe ekhasini 18]
UJohn esemsebenzini wakhe wokukhama izihlahla zenjoloba
[Isithombe ekhasini 20]
UJohn uhlanganyela enkonzweni yobuKristu