Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 2/8 k. 13-k. 30 isig. 9
  • Okuthile Okubi Kakhulu KuneAIDS

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuthile Okubi Kakhulu KuneAIDS
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphila Kokuziphatha Okubi, Okuguquguqukayo
  • Ukungena Shí Ebubini Futhi
  • Isifiso Sokushintsha
  • Indlela Ende Ebuyela Emuva
  • Ukwaneliseka Naphezu Kokuba Nengculaza
  • Ukusondela KuNkulunkulu Kwangisiza Ukuba Ngiphumelele
    I-Phaphama!—1993
  • Impi Yami Yesikhathi Eside, Nenzima Yokuthola Ukholo Lweqiniso
    I-Phaphama!—1995
  • Iqiniso Lasindisa Ukuphila Kwami
    I-Phaphama!—1996
  • Isifiso Sami Esivuthayo Sokukhonza UNkulunkulu
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 2/8 k. 13-k. 30 isig. 9

Okuthile Okubi Kakhulu KuneAIDS

“Ukuhlola kwakuqinisekile. Une-AIDS (Ingculaza).” Lawomazwi kadokotela wami ankeneneza engqondweni yami njengoba ngangivala ucingo ngolunye usuku ngonyaka odlule. Ukuba nje ngangilalele iseluleko sikaNkulunkulu futhi ngasisebenzisa, ngangiyokugwema lokhu!

NGAKHULISWA njengomunye woFakazi bakaJehova esifundeni saseWashington, futhi abazali bami babeqikelela ukuba ngazi ukuthi ziyini izimfuneko zikaNkulunkulu. Ngakho kwaba okumangalisa kakhulu kubantu abaningi lapho ngiqala ukuphila ngokuphambene nokuqeqeshwa kwami engangikuthole ngisengumntwana.

Inkinga yami enkulu kwakuwukufuna ukuthandwa abanye abantwana esikoleni. Ngazama ngakho konke ukuba ngamukeleke. Nokho, akukho okwaphumelela, futhi ngesikhathi sengineminyaka eyi-15, ngabona ukuthi konke akusizi. Ngazama ngisho nokuzibulala, kodwa ngahluleka.

Ngicabanga ukuthi kwakuyokwenza izinto zibe ngcono, ngaqala ukubhema ugwayi nensangu. Nokho, izinto azizange zibe ngcono. Ngemva kwesikhathi, nganquma ukushiya inhlangano kaJehova ukuze ngifune injabulo kwenye indawo. Ngazisa abangane bami basesikoleni ukuthi ngangingaseyena omunye woFakazi BakaJehova, futhi kwabonakala bekuthanda lokho.

Ukuphila Kokuziphatha Okubi, Okuguquguqukayo

Ekugcineni ngathola umsebenzi nendawo yokuhlala emjondolo, lapho zonke izidakwa nezifebe zazitholakala khona. Zaqhubeka zingitshela ukuthi kulula kanjani ukwenza ubuqili bokuthola imali. Ngosizo lwazo, akungithathanga isikhathi eside ukuba ngifunde amasu akhona. Ngashintsha ekubeni ngumuntu owayefuna ukuba yisilomo futhi ajabule ngaba umuntu owayexhashazwa yibo bonke futhi ngangingajabule neze.

Ngafuna ukushintsha, ngibuyele ekhaya futhi ngiqale kabusha. Ngakhumbula abazali bami nokuphila engangiye ngakuphila ngaphambili. Ngakho ngathandazela usizo kuJehova. Ingxenye enzima kwakuwukuya kubazali bami ngicele ukuba bangixolele. Ngokujabulisayo, kwakuyisifiso sezinhliziyo zabo ukungixolela.

Abadala abangamaKristu bahlangana nami, futhi ngabatshela ngesifiso sami sokubuyiselwa ekuhlanganyeleni. Kwakungelula ngabo nangami. Ngangingenazo nje kuphela izinkinga eziyimiphumela engalindelekile yokusebenzisa kabi izidakamizwa kodwa ngase ngingenwe nayisifo sokubhajwa esingathi sína esithathelwana ngobulili. Udokotela wami wangitshela ukuthi ukuba ngangilinde enye nje inyanga ngaphezulu, ngangizokufa. Yeka ubishi engase ngizifake kulo!

Ngesikhathi esifanele, ngabuyiselwa, futhi ngaze ngisho ngashada nowesifazane osemusha owayesebandleni elingumakhelwane. Izinto zazithembisa. Nakuba kunjalo, ngangingakalwazisi uthando lukaJehova. Ngangizama ukuzenzela izinto ngokwami kunokuba ngincike kuye ukuba angiphe amandla.

Eminyakeni engaphansi kwemibili kamuva, ngadivosa futhi ngaphinde ngasuswa ekuhlanganyeleni ngenxa yokuziphatha okubi. Ngangiye ngathandana nabantu abathile bezwe. Ekuqaleni kwakubonakale kungenangozi, kodwa isixwayiso esingokomBhalo sibonakala siqonde ngokungaguquki: “Ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.”—1 Korinte 15:33.

Ukungena Shí Ebubini Futhi

Ngokuthuthela kude, ngangicabanga ukuthi ngiyobe ngingawulimazi kangako umkhaya wakithi. Angibanga nankinga ekutholeni umsebenzi nendawo yokuhlala eSan Francisco, eCalifornia. Umshushumbisi wezidakamizwa wanginika umsebenzi wokuthengisa izidakamizwa ngomshoshaphansi. Futhi ngangiphakathi kweqembu lakhe elikhethekile elalifanele lihlole, mahhala, wonke ‘amasampula ezidakamizwa’ ezintsha ezifikayo. Ngase ngiyisilomo ngendlela entsha. Wonke umuntu owayengazi (futhi impela babebaningi) wayazi ukuthi nginezidakamizwa. Babeza kimi emigwaqweni, ezinkantini, ngisho nasemsebenzini, befuna ukuthenga okuthile kimi.

Ngaphandle kwalokho, ngamane ngahileleka ekuziphatheni okubi ngaphandle kokuchitha isikhathi; kwakuyindlela yami yokuzizwa ngithandwa. Futhi ngangithandwa kakhulu. Ngafunda ukuxhaphaza abanye abantu ngokusebenzisa ubulili ukuze ngithole izinto engangizifuna. Ngaphila ngalendlela iminyaka eminingi.

Ngikhumbula kahle ngesinye isikhathi izinga lokushisa komzimba wami liphakama kakhulu futhi ngiba buthakathaka kakhulu. Udokotela wami wayengazi ukuthi ngangiphethwe yini. Ngemva kwesikhathi kwadlula. Angizange ngazi ukuthi ngingenwe yini kwaze kwaba ngemva kweminyaka emithathu.

Phakathi nalesikhathi, ngaqala nokukhathazwa amademoni, ngesinye isikhathi engihlasela ngokoqobo. Ngezwa sengathi idemoni lalifuna ukungena emzimbeni wami. Kwakunzima ukuphimisa noma yimaphi amagama ngomlomo wami. Ngaqhubeka ngizama kwaze kwathi ekugcineni ngakwazi ukumemeza, “Jehova ngisize.” Ngokushesha idemoni lahamba.

Cabanga ukuthi ngazizwa kanjani! Ngalesosikhathi ngangiphila ukuphila kokuziphatha okubi ngokuhlazisayo futhi ngizicabangela mina ngedwa, nokho ngaba nesibindi sokucela uJehova ukuba angisize! Ngazisola kakhulu. Kungani kwakufanele ngicabange ukuthi uJehova wayengangisiza? Ngacindezeleka kakhulu. Ngafaka ukuphila kwami engozini ngamabomu, ngifuna othile angibulale.

Isifiso Sokushintsha

Ngolunye usuku, ngisembuthanweni nabangane abathile, saxoxa ngezindaba zezwe. Lapho bengibuza ukuthi ngangicabangani ngekusasa, ngazithola ngibatshela ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba nangabantu abakuwo. Bamangala. Kodwa omunye umuntu wangicasukela kakhulu futhi wangibiza ngokuthi ngingumzenzisi! Wayeqinisile ngempela. Ngangiphila ukuphila okumbaxa-mbili. Nokho, ekujuleni kwenhliziyo yami, ngangazi ukuthi uJehova wayewukuphela kwensindiso yethu nokuthi inhlangano yakhe yayiwukuphela kwendawo okumelwe sibe kuyo.

Cishe ngalesisikhathi ukuphila kwami nokwalabo abangizungezile kwaqala ukushintsha. Abaningi babangane bami babeya bephela ngenxa yengculaza. Kwakunzima ukubona abantu abake baba nempilo enhle bewohloka kancane kancane futhi befa. Ngazizwa ngingakwazi ukubaduduza. Kwakukhungathekisa ngokukhethekile ngoba ngangiyazi indlela engcono yokuphila. Ngazi ngalesosikhathi ukuthi ngangifuna ukubuyela othandweni lukaJehova. Kodwa kanjani?

Ngaqala ukuthandazela usizo kuJehova. Kwakunzima ukukwenza. Ngazizwa ngingelutho futhi ngingcolile. Ngolunye usuku ngathola ucingo. Lwaluvela ku-anti, okwase kuyiminyaka eyisishiyagalolunye ngamgcina. Wayefuna ukuzongibona. Nakuba ayengahlanganyeli ukholo olufana nolwabazali bami, ngamtshela ukuthi ngangifuna ukushintsha ukuphila kwami futhi ngiphinde ngibe ngomunye woFakazi bakaJehova. Wabubona uboqotho bami futhi wafuna ukungisiza.

Indlela Ende Ebuyela Emuva

U-anti wangimemela ukuba ngihlale naye ngize ngikwazi ukuzimela. Lapho ebuza ukuthi kwakungasiza yini lokho, ngavele ngama futhi ngakhala. Ngangazi ukuthi kwakuyindlela yokuphuma engangiyidinga, ngakho ngashiya abangane bami bangaphambili. Izinyanga zokuqala ezilandelayo zazingelula, kodwa ngangiqiniseka ukuthi uJehova uyongisiza ukuba ngiphumelele. Ngicabanga ukuthi uMalaki 3:7 uyasebenza lapha: “Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini, usho uJehova-Sebawoti.”

Ngahlangana nabadala ngokushesha ngemva kokuthutha. Ngabatshela konke ngami nokuthi ngangikufuna ngempela ukukhonza uJehova. Babazi ukuthi nami ngiyazi ukuthi ukubuyiselwa kwami kwakungenakwenzeka ngokushesha. Nganginomlando omubi. Nokho, kulokhu ngangizimisele. Njalo emini nasebusuku ngangithandaza kuJehova ngicela usizo lwakhe. Ngangivame ukucabanga ukuthi ngangiwumuntu obuthakathaka. Uma ngingedwa ngicabanga ukuthi ngibuthaka. Kodwa lapho usizwa uJehova, iyamangaza indlela oba namandla ngayo.

Ngangisebenzise izidakamizwa iminyaka eminingi ukuze ngibhekane nokuphila kwansuku zonke. Manje kwakufanele ngiphile ngaphandle kwazo. Ngangesaba. Izixuku zazingesabisa, futhi ngangigula ngokoqobo uma ngiphakathi kwazo isikhathi eside. Ngesikhathi esifanayo, ngangizama nokuyeka ukubhema ngemva kokujwayela ukubhema cishe amaphakethe amane ngosuku. Okuwukuphela kwento eyangisiza ukuba ngingqashule kukho konke lokhu kwakuwumthandazo nokuzikhumbuza njalo ukuthi izinyathelo zami zokulunga zazimjabulisa uJehova. Ngathola futhi induduzo nokuthula ngokuya njalo emihlanganweni. Ngisho nakuba ngangingenakukhulumisa muntu ngenxa yokuthi ngangisasusiwe ekuhlanganyeleni, ngangisaluzwa uthando nemfudumalo yabafowethu nodade abangokomoya besikhathi esizayo lapho.

Ekugcineni, cishe ngemva konyaka ngishintshe ukuphila kwami, uJehova wakubona kufanele ukushukumisela izinceku zakhe ukuba zingibuyisele enhlanganweni yakhe. Wayesazi isikhathi esifanele sokungemukela futhi. Akakuvumeli ukuba ulingwe ngaphezu kwalokho ongakubekezelela. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngathola lolocingo luvela kudokotela engitshela ukuthi ngiphethwe yingculaza. Ngempela, lokho abaseGalathiya 6:7 abakushoyo kuyiqiniso: “Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.”

Ekuqaleni ngakhala. Ngafikelwa yiyo yonke imicabango. Imibono yesikhathi sami esidlule yaba semehlweni ami. Ngangizibonele ngawami ukuthi lesisifo senzani kumuntu, nokuthi abanye basabela kanjani ezisulwini. Yeka ukuthi kwakuwubuwula kanjani ngami ukucabanga ukuthi izwe linokuthile elalinganginika khona! Futhi yeka ukuchithwa kwesikhathi esiyigugu!

Ukwaneliseka Naphezu Kokuba Nengculaza

Ngiyazi ukuthi kunentsha esesimweni esifana nengangikuso, efisa ukwamukelwa abangane bezwe. Sizani, ningakhohliselwa ekucabangeni ukuthi okwangehlela ezweni akusoze kwenzeka kini ngendlela efana nsé uma ningasinaki iseluleko sikaNkulunkulu.

Nokho, ngifunde nokuthi kungakhathaliseki ukuthi usumubi kangakanani wenze ububi obunjani, uJehova uNkulunkulu usazokusiza futhi akuthethelele uma ufuna ngobuqotho ukumjabulisa futhi uye kuye ngomthandazo oqotho.

Noma yini eyenzeka kimi ayisangikhathazi ngempela. Ngokuqinisekile, ngiyacindezeleka kancane ngezikhathi ezithile, kodwa ngilulama ngokushesha. Okuwukuphela kwento engikhathazeka ngayo manje ukujabulisa uJehova. Ungumthombo wami wangempela wenjabulo nenduduzo. Ngiyazi ukuthi uma ngingenza konke okusemandleni ami ukuze ngimjabulise, uyonginakekela kahle futhi angithande.

Ngibonga kakhulu ngokuthi ngibuyele kubantu bakaJehova ngoba ngisho noma ngingafa ngaphambi kokuba azilwele eArmagedoni, nginethemba lovuko. Yizwani ngami, ukuphila ngaphandle kothando nomusa kaJehova kubi kakhulu kunokuba nengculaza.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]

Ukufuna ukuthandwa abanye abantwana kwakuyinkinga enkulu kimi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela