Liyini Ikhambi?
ISIMO sababaleki asisona esingenathemba ngokuphelele. Kuwo wonke umhlaba, izinhlangano ezinikeza usizo zizama ukusiza labo abaxoshwa impi nezinye izinkinga. Indlela evelele ezisiza ngayo iwukusiza ababaleki ukuba babuyele emazweni akubo endabuko.
Ababaleki bashiya amakhaya, umphakathi, nezwe lakubo ngoba besaba ukubulawa, ukuhlukunyezwa, ukudlwengulwa, ukuboshwa, ukugqilazwa, ukuphangwa, noma ukubulawa indlala. Ngakho ngaphambi kokuba ababaleki babuyele emakhaya ngokulondeka, kumelwe kuxazululwe izinkinga ezabenza ukuba babaleke. Ngisho nalapho ekugcineni ziphela izimpi zezikhali, ukungabi bikho komthetho nokuhleleka ngokuvamile kuvimbela abantu ekubuyeleni ekhaya. U-Agnes, umbaleki waseRwanda ongumama wezingane eziyisithupha, wathi: “Ukusibuyisela [emuva] eRwanda kuyoba njengokusiyisa emathuneni ethu.”
Noma kunjalo, kusukela ngo-1989, ababaleki abangaphezu kwezigidi ezingu-9 baye baphindela emakhaya. Abangaba izigidi ezingu-3,6 kulaba babuyela e-Afghanistan besuka e-Iran nasePakistan. Abanye ababaleki abayizigidi ezingu-1,6 emazweni ayisithupha babuyela eMozambique, izwe elashatshalaliswa impi yombango yeminyaka engu-16.
Ukuphindela ekhaya akulula. Ngokuvamile amazwe ababaleki ababuyela kuwo angamanxiwa—imizi icekelwe phansi, amabhuloho abhidlikile, futhi imigwaqo namasimu kugcwele iziqhumane ezigqitshwayo. Ngakho, ababaleki ababuyayo akumelwe baqale ukwakha kabusha ukuphila kwabo kuphela kodwa futhi namakhaya abo, izikole, imithola-mpilo, nakho konke okunye.
Nokho, ngisho noma izingxabano ziphela kwenye indawo, okuvumela ababaleki ukuba babuyele emakhaya, ziyagqashuka kwezinye izindawo, okubangela ukuthutheleka kwabanye ababaleki. Ngakho-ke, ukuqeda usizi lwababaleki kusho ukuxazulula izinkinga zempi ezihlobene nalo, ukucindezelwa, inzondo, ushushiso, nezinye izici ezenza ukuba abantu babaleke ukuze basindise ukuphila kwabo.
I-State of the World’s Refugees 1995 iyavuma: “Iqiniso elibuhlungu . . . liwukuthi amakhambi [osizi lwababaleki] ancike ngokuphelele ezicini zezombangazwe, ezempi nezomnotho ezingenakulawulwa yinoma iyiphi inhlangano enikeza usizo.” NgokweBhayibheli, amakhambi nawo angaphezu kwanoma iyiphi inhlangano yasemhlabeni, enikeza usizo noma okuthile.
Izwe Elingenababaleki
Nokho, ikhambi likhona. IBhayibheli libonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu uyabakhathalela labo abaye bahlukaniswa namakhaya nemikhaya yabo. Ngokungefani nohulumeni bomhlaba, unamandla nokuhlakanipha kokuxazulula zonke izinkinga eziyinkimbinkimbi isintu esibhekene nazo. Uyokwenza lokhu ngoMbuso wakhe—uhulumeni wasezulwini ngokushesha oyothatha izintambo ezindabeni zomhlaba.
UMbuso kaNkulunkulu uyothatha isikhundla sabo bonke ohulumeni babantu. Kunokuba kube khona ohulumeni abaningi emhlabeni, njengoba kunjalo manje, kuyoba nohulumeni oyedwa vó, oyobusa yonke iplanethi. IBhayibheli liyabikezela: “UNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.
Kungenzeka uwujwayele umthandazo oyisibonelo otholakala eBhayibhelini kuMathewu 6:9-13. Ingxenye yalowo mthandazo ithi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” Ngokuvumelana nalowo mthandazo, ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu ‘uyoza’ ukuze ufeze injongo kaNkulunkulu ngomhlaba.
Ngaphansi kokubusa kothando koMbuso kaNkulunkulu, kuyoba nokuthula nokulondeka embulungeni yonke. Inzondo nokulwa kwabantu nezizwe zomhlaba ngeke kusaba khona. (IHubo 46:9) Ngeke kusaphinde kube nezigidi zababaleki ezifuna ukusindisa ukuphila kwazo noma ezihlupheka emakamu.
IZwi likaNkulunkulu lithembisa ukuthi iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uKristu Jesu, “iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba-yigugu emehlweni ayo.”—IHubo 72:12-14.
[Isithombe ekhasini 10]
Ngokushesha bonke bayophathana njengabafowabo nodadewabo bangempela