Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Kufanele Ngidlale Imidlalo Ye-computer Noma Ye-video?
Bakukakile! Kodwa awupheli amandla nakancane. Udubula ngombayimbayi bakho be-laser, uqothule izitha zakho njengokolweni. Inkinga iwukuthi, lapho uqhubeka udubula, kuba yilapho kuvela izitha ezengeziwe. Ngakho-ke kunye kuphela ongakwenza ukuze usinde—bulala konke okubonayo. Njengoba udubula, izitha zishabalala empophomeni yegazi . . .
“INJABULO edabula umgogodla, edephuna inyama neqhumisa ikhanda”! Lena yindlela omunye umlobi kamagazini achaza ngayo ngentshiseko umdlalo we-computer othandwayo osanda kuthuthukiswa. Empeleni, lona umane nje ungowodwa emidlalweni ye-computer neye-video ethuthukisiwe evumela ukuba abadlali babe nengxenye emidlalweni evus’amadlingozi. Imidlalo yangaphambili ibonakala ithe ukuzotha lapho iqhathaniswa nalemidlalo egcwele ukuchithwa kwegazi, ngokuvamile enobudlova ngokweqile.
Ngisho noma kunjalo, imidlalo ye-computer neye-video enobudlova ithandwa kakhulu intsha. Futhi njengoba kucatshangwa ukuthi ingxenye eyodwa kwezintathu yawo wonke amakhaya e-United States inohlobo oluthile lwesimiso somdlalo wama-electronic, izigidi zentsha ziyayidlala. Intsha enamakhaya angenazo lezi zinto, ingahamba ibangana nje iye kubo kamngane wayo noma esikhungweni sama-video sendawo ukuze idlale lemidlalo.
Kuthiwani ngawe? Ingabe uye walingekela ekubeni uthenge—noma okungenani uzame—eminye yalemidlalo emisha? Khona-ke, ngemva kokuhlola wonke amaqiniso, ungase ube nomunye umcabango ngokuphathelene nokwenza kanjalo.
Ayifani Imidlalo!
Okokuqala, asikwenze kucace ukuthi akuyona yonke imidlalo ye-video noma ye-computer engathandeki noma enobudlova. Imidlalo eminingi iyafundisa; ifundisa izifundo ezifana nesayensi yokuma komhlaba, izibalo, nokubhala ngomshini ngendlela enhle nejabulisayo. Eminye imidlalo ishukumisa indlela yokusabela engokwemvelo ngokulingisa imidlalo efana ne-basketball ne-hockey. Kukhona neziphicaphicwano zesayensi yezobuchwepheshe obuyinkimbinkimbi ezivusa isithakazelo futhi zishukumise ingqondo.
Yiqiniso, ngisho nemidlalo emihle ukuyidlula yonke ingadla isikhathi esiningi. Futhi iBhayibheli linxusa amaKristu ukuba ‘athengisise ithuba,’ okusho ukuthi, asebenzise isikhathi ngokuhlakanipha ekuphishekeleni izinto ezingokomoya. (Efesu 5:16) Nokho, iBhayibheli alisho ukuthi umzuzwana ngamunye awuchithwe kusetshenzwa noma kufundwa. Kunalokho, lisikhumbuza ukuthi kukhona ‘isikhathi sokuhleka nesikhathi sokusina.’ (UmShumayeli 3:4) Lapho igcinwe isesilinganisweni, imidlalo ingaqabula futhi ibe eyakhayo.
Nokho, kufanele siqaphele ukuthi eminingi yalemidlalo ibonakala iklanyelwe ukwenza abadlali bachithe isikhathi esiningi ngokweqile. Kweminye yayo, kuchithwa amahora amaningi kufundwa ukudlala kahle umdlalo ezingeni elithile, ngaphambi kokuba umdlali athole ukuthi kunamanye amazinga amaningana—anzima ngokwengeziwe nangenakugwemeka futhi ayinkimbinkimbi ngokwengeziwe—okumelwe kudlulwe kuwo ngaphambi kokufika ekugcineni! Futhi kunemidlalo ebonakala inikeza inzuzo encane ngemva komzamo omkhulu. UDan noSam, amaKristu amabili andawonye, badlala ngentshiseko umdlalo othile owawuthembisa ukubasiza ukuba baxazulule izinkinga zezibalo. Nokho, ngokushesha baqaphela ukuthi kwakushesha kakhudlwana ukwenza izibalo ephepheni kunasemshinini!
Ngakho-ke, ngisho nangemidlalo ye-computer neye-video emihle, kunesidingo sokukhetha. UDan noSam bathi: “Uma uqaphelisisa lapho uthenga, ngokuvamile ungawuthola umdlalo okahle.” Nokho, kunengqondo ukugwema ukuchitha imali eningi emidlalweni ephumela ekubeni umuntu abe nesithukuthezi ngokushesha. Omunye umzali ukhuthaza amadodana akhe ukuba adlale imidlalo ezowasiza ngezifundo azifunda esikoleni.
Okungathandeki Ngayo
Ngeshwa, akuyona yonke imidlalo ye-computer neye-video ejabulisa ngendlela engalimazi—futhi mincane kakhulu efundisayo. Izinhlelo eziningi zokuzijabulisa ze-computer zanamuhla zigxila kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “imisebenzi yenyama”—imikhuba engahlanzekile elahlwa uNkulunkulu. Phakathi ‘kwemisebenzi’ enjalo elahlwayo kukhona “umkhuba wokusebenzisa imimoya.” (Galathiya 5:19-21) Yiqiniso, kuJehova uNkulunkulu umkhuba wokusebenzisa imilingo “uyisinengiso.”—Duteronomi 18:10-12.
Nokho, imidlalo eminingi yanamuhla ingene shí ekusebenziseni imimoya nemilingo! Komunye umdlalo kumelwe kusetshenziswe “iziphonso zomlingo” ukuze unqobe. Abadlali bayayalwa: “Lapho usukulungele ukuphonsa isiphonso, chofoza inkinobho enomfanekiso wombani ekhoneni elisezansi ngakwesokudla ohlwini, bese uchofoza isidalwa ofuna ukusithosa.” Ngeke yini imidlalo enjalo ihlakulele isifiso esibi sokwazi ngamabutho obudemoni?
Futhi kuthiwani ngokuzichaya ebudloveni obukhulu obushaqisayo? I-U.S.News & World Report ikhuluma ngemidlalo emibili ethandwayo ebonisa “ukudabula ukhiphe inhliziyo yophikisana naye” ‘nemikhovu ebhoboza izimbobo emantombazaneni evile eshumini nambili angagqokile kahle.’ Nakuba abanye bengase bakushaye indiva ukuchithwa kwegazi okwenziwa ngama-computer njengenjabulo engalimazi, iBhayibheli liyaxwayisa kumaHubo 11:5: “UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.”—Qhathanisa no-Isaya 2:4.
Kungase kwenzeke nokuba ungenise izithombe zobulili ezingcolile ezinyanyekayo kuyi-computer. Ubunqunu nobulili obuvezwa ngokucacile kuye kwaba into evame kangangokuba abenzi bemidlalo base-United States benze isimiso sokuhlunga ukuze baxwayise abathengi ngemidlalo enyanyekayo. Nokho, bambalwa abathengisi ababonakala bezimisele ukulawula ukuthengisela intsha. “Okuwukuphela kwesibopho esinaso ukunikeza amakhasimende lokho akufunayo,” kusho omunye umabhalane wasesitolo. Nokho zibuze, ‘Ingabe ukuzichaya emifanekisweni evusa inkanuko yobulili kuzongisiza ekubeni ngigcine ingqondo yami isezintweni “ezilungileyo, ezimsulwa, ezithandekayo, nezinhle”?’—Filipi 4:8.
Uluthekile!
Yiqiniso, ochwepheshe bayaphikisana ngokuthi umdlalo we-computer uyithinta kanjani ngempela intsha. Okunye ukuhlola, okwabikwa kumagazini i-New Scientist, kunikeza ithemba, kwaphetha ngokuthi imidlalo enjalo “ayiyona imbangela eyinhloko yokuziphatha okubi.” Noma kunjalo, amaphesenti angu-97 entsha eyahlolwa kulokho kuhlola “ayecabanga ukuthi kungenzeka ukuba ube umlutha wemidlalo.” Lentsha yathi imidlalo yasesikhungweni sama-video yayilimaza ngokukhethekile ngoba “ikhuthaza abadlali ukuba basebenzise imali eyengeziwe.”
Ingabe lemidlalo ingakulutha ngempela? Kubonakala kunjalo, kubadlali abathile. Omunye osemusha watshela i-Phaphama!: “Ukuphela kwento ocabanga ngayo ukufika ekugcineni nokunqoba.” Ngokufanayo enye insizwa iyakhumbula: “Ngachitha amahora amaningi ngizama ukuthola indlela yokubulala wonke umuntu futhi ngiye ezingeni elilandelayo lomdlalo.”
Ungase ucabange ukuthi ngeke nanini uhileleke kangako emdlalweni. Kodwa cabanga indlela imidlalo ye-TV namabhayisikobho okulawula ngayo imizwa yabantu—kubenze bakhale, bathukuthele, noma bahalalise ngenjabulo. Khona-ke, cabanga ngohlelo olungenalo nje kuphela uzungu oluthakazelisayo, abadlali abangavamile, nemifanekiso ekhazimulayo kodwa olwenza ukuba wena ube umdlali oyinhloko. Ingabe kungaba lula ukwenqaba ukuhileleka kulo? Ngakho-ke, akumangazi ukuthi abanye abadlali banobunzima bokuhlukanisa umfanekiso nento engokoqobo. Omunye osemusha uyakhumbula: “Umphumela wokudlala imidlalo enobudlova wawumubi kangangokuthi ngangize ngicabange ukuthi isandla sami siyisibhamu futhi ngangikhomba ngaso abantu.”
Khetha Ngokuhlakanipha
Lapho abazali bengakulinganiseli ukudlalwa kwemidlalo ye-computer neye-video, intsha kufanele icabangele iseluleko esikumShumayeli 2:14: “Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe.” Lokho kusho ukuthi ohlakaniphile uyaqaphela lapho ehamba khona abone okungaphambili. Ngempela, izwe lokuzijabulisa ngama-computer linokuningi kakade okuphikisana nolwazi ngoNkulunkulu. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 10:5.) Futhi ngubani owaziyo ukuthi abenzi bemilingo bama-computer bazoqhamuka nani ngokulandelayo? Ngakho-ke ngaphambi kokuba noma imuphi umuntu osemusha athenge, adlale, noma aqashe umdlalo, kufanele azibuze, ‘Ukhuluma ngani? Ingabe igama lawo lisikisela ukuthi uthambekele ekulumbeni? Ingabe umdwebo osesembozweni ubonisa ubudlova obushaqisayo?’
Ngaphansi kwezimo ezivamile imidlalo yomshini inganikeza ukuzijabulisa okuhle futhi ifundise. Kodwa ingabe iyakufanelekela ngempela ukuthatha esiningi sesikhathi sakho esiyigugu? USam oneminyaka engu-14, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uyachaza: “Ubaba akakaze asho ngokuqondile ukuthi asinakuba nemidlalo ye-video. Kodwa uye wabuza, ‘Yini ethakazelisa kangako ngokucindezela inkinobho nokubona othile egijima noma eqela ngalé kwe-TV?’” “Futhi manje ileyo indlela esicabanga ngayo,” kunezela umfowabo uDan.
Yebo, ungakhohlwa ukuthi kunezinye—mhlawumbe ezizuzisa ngokwengeziwe—izindlela zokuzijabulisa, njengokufunda, ukwenza imisebenzi yobuciko, ukuba nengxenye emidlalweni enempilo, ukucula, noma ukufunda ukudlala insimbi yomculo. Kuzuzisa ngokwengeziwe ukuchitha isikhathi ‘uziqeqesha unokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu njengomgomo wakho.’ (1 Thimothewu 4:7) Ukwenza kanjalo kuyoba inzuzo kakhulu kunokudlala noma imuphi umdlalo womshini.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
Amaphesenti angu-97 entsha eyahlolwa kokunye ukuhlola “ayecabanga ukuthi kungenzeka ukuba ube umlutha wemidlalo”
[Isithombe ekhasini 14]
Ingabe ukudlala imidlalo ye-video enobudlova kungakulimaza ngempela?