Intsha Iyabuza . . .
Kuthiwani Uma Umzali Wami Eshiyeka?
“Sekuyiminyaka eyishumi ubaba engumKristu. Manje usepholile. Akalitadishi iBhayibheli, futhi akabikhona njalo emihlanganweni. Uhlala egxeka abafowabo abangamaKristu ebandleni. Futhi unemibono yezwe ngezinhlanga nezinye izinto eziningi. Ngicabanga ukuthi ushiyeka kakhulu.”—Intombazane ethile eneminyaka eyevé eshumini nambili.
AKEKHO umzali ophelele. IBhayibheli lithi: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Kodwa kwehluke ngokuphelele lapho unina noma uyise wothile ezenza isibonelo sobuKristu phambi kweningi kodwa lapho esekusithekeni aphendukele ebubini. “Lapho ephakathi kwabanye, ubaba ungumuntu okahle,” kusho intombazanyana ethile. “Kodwa ekusithekeni ungumuntu ohlukile—uyacasula! Ugxeka konke engikwenzayo, futhi ucunula wonke umuntu ekhaya. Ngiseqophelweni lapho ngingayitholi khona injabulo ekuphileni. Ngiyamzonda.”
Intsha exhashazwa ngasese ngezindlela ezithile ingase ithukuthele futhi icasuke kakhulu. Ngakho owesifazane okuthiwa uMary ubhala ‘ngobudlova, ukwethukwa, nokuxhashazwa okunhlobonhlobo’ okwenziwa uyise kuye—owayengumlutha wotshwala wangasese. Kamunyu uyakhumbula: “Abantu babeza kithina zingane basitshele ukuthi sinobaba omuhle kangakanani nokuthi sinenhlanhla kangakanani.”
IBhayibheli liyazilahla zonke izinhlobo zobuzenzisi. (Jakobe 3:17) Lisixwayisa ngokuthi ngisho naphakathi kwabakhulekeli beqiniso bakaNkulunkulu, kwakuyoba nabanye ‘abayizimbulu.’ (IHubo 26:4; qhathanisa noJuda 4.) Nokho, ukwazi lokhu kungase kungazenzi izinto zibe lula lapho umuntu ongumzenzisi kungumzali wakho siqu—umuntu okufanele umthande futhi umhloniphe. Enye intsha ikhungathekiswa imizwelo engqubuzanayo eba khona. “Ngidinga usizo,” kukhala intombazanyana ethile. “IBhayibheli lithi ‘dumisa uyihlo,’ kodwa angikwazi.”
Lokho Okushiwo Ukubadumisa Ngempela
Kuyiqiniso ukuthi umyalo weBhayibheli wokuba umuntu adumise abazali bakhe ‘awuyikhipheli ngaphandle’ intsha enomuzwa wokuthi abazali bayo abakufanele ukudunyiswa. (Efesu 6:1, 2) Nokho, ukudumisa umzali akusho ukuthi uyayamukela indlela yakhe yokuphila noma ukuthi uyayijabulela indlela akuphatha ngayo. EBhayibhelini, elithi “dumisa” lingasho nje ukuqaphela igunya elimiswe ngokomthetho.
Ngokwesibonelo, umphostoli uPetru wabhala ukuthi amaKristu kufanele ‘abonise udumo ngenkosi.’ (1 Petru 2:17) UPetru wayazi kahle ukuthi ngokuvamile amakhosi ayengabantu abangaziphethe kahle. Ngokwesibonelo, iNkos’ uHerode Agrippa I yayingumuntu osaphazayo futhi ongenandaba namuntu. Ngemva kokuba amaRoma eyimisé njengenkosi yasePalestina, yashushisa amaKristu. “Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane ngenkemba. Njengoba ayebona ukuthi kwakuwajabulisa amaJuda, waqhubeka wabopha noPetru.” (IzEnzo 12:1-3) Nokho, uPetru akazange akukhuthaze ukuvukela. Kunalokho, wakhuthaza ukulalela amakhosi. Futhi wayenesizathu esihle sokwenza kanjalo. Ukulalela ababusi bezwe kuyintando kaJehova. Futhi osukwini lukaPetru amanye amakhosi ayenamandla negunya eliphelele. USolomoni wathi: “Yenza konke ekuthandayo. Ngokuba izwi lenkosi liyabusa; ngubani ongasho kuyo ukuthi: Wenzani na?”—UmShumayeli 8:3, 4.
Ngendlela efanayo, umzali wakho—kungakhathaliseki ukuthi ushiyeka kangakanani—usenegunya namandla amakhulu ekuphileni kwakho. Khona-ke, kumane nje akuyona inkambo yokuhlakanipha ukumvukela noma ukumeyisa. Ukwenza kanjalo ngeke nje kuphela kwenze ukuphila kwakho kube nzima kodwa futhi kungase kwenze ukuba ulahlekelwe umusa kaNkulunkulu. (Qhathanisa nezAga 30:17; UmShumayeli 10:4.) Ngakolunye uhlangothi, ukubambisana naye ngangokunokwenzeka kungase kukusize ukuba ulondoloze izinga elithile lokuthula nokuzola ebuhlotsheni bakho nomzali.—Kolose 3:20.
Ukubhekana Nentukuthelo Nokucasuka
Nokho, ungamhlonipha kanjani umuntu oye wakulimaza futhi wakudumaza? Lokhu akulula. Kodwa ukugxila njalo emaphutheni nasekushiyekeni kwakhe kuyomane kukhulise ukucasuka. Kungenzeka yini ukuthi kudingeka umcabangele kangcono umzali wakho, umnikeze udumo olufanelekile nganoma iziphi izimfanelo okungenzeka unazo?
Phawula lokho okushiwo izAga 19:11: “Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe.” Ukuzama ukuqonda umzali wakho kungase kukunikeze umbono omusha ngezinto. Ingabe ngempela uziphatha kabi? Noma ingabe umane ubuthakathaka, udumele, futhi udinga usizo? Ingabe ukuziphatha kwakhe kubangelwa ukugula, ukucindezeleka, isizungu, noma ukucindezeleka kwasemsebenzini? Uma kunjalo, ukuqonda lezizinkinga kungase kukusize ukuba umzwele kakhudlwana umzali wakho futhi mhlawumbe ungamthukutheleli kakhulu.
Kungakhathaliseki ukuthi isimo sinjani, kuyasiza ukukhuluma nothile ngemizwa yakho. (IzAga 12:25) “Ubaba wayephuza kakhulu,” kukhumbula enye intombazane. “Ngangingenakubatshela abazali bami indlela engangizizwa ngayo, ngakho ngazithulela.” Nokho, akudingekile ukuba uhlupheke wedwa. Nakuba bengathathi isikhundla sabazali, abantu abavuthiwe ebandleni lobuKristu bangasiza kakhulu ekuvaleni igebe lokunganakekelwa ekhaya. (Qhathanisa noMarku 10:30.) IzAga 17:17 zithi: “Abangane babonisa uthando lwabo njalo. Bafezani abazalwane uma bengahlanganyeli inkathazo?”—Today’s English Version.
‘Ngingamshintsha’
Enye intsha ilimala ngokomzwelo ngenxa yomuzwa wokuzikhohlisa wokuthi inomthwalo wemfanelo. UMary ukhumbula okwenzeka kuye nasezinganeni zakubo: “Sasihlalela ovalweni lokuthi othile wayezoyithola inkinga kababa yokuphuza.” Abanye bazikhathaza ngokwenza imizamo eyize yokushintsha umzali wabo oyishinga.
Nakuba ungase umthande futhi umkhathalele umzali wakho, awunakusolwa ngamaphutha akhe. ‘Uthwele owakhe siqu umthwalo’ wemfanelo phambi kukaNkulunkulu. (Qhathanisa neyabaseGalathiya 6:5; Jakobe 5:14.) Akuwona umthwalo wakho wemfanelo ukulawula ukuziphatha komzali wakho. Ukuhlala ubelesela noma weyisa umzali wakho kuyomane kumcasule.
Lokhu akusho ukuthi akukho ongakwenza. Okungenani, ‘ungathandaza ngokungaphezi’ ukuba inhliziyo yomzali wakho ishintshe. (1 Thesalonika 5:17) Ukumbonisa uthando njalo nokumtusa ngobuqotho, lapho kufanele, kungase futhi kusize ekudambiseni isimo sakhe sengqondo. Ngaphandle kwalokhu, kungase kudingeke ukuba ubekezelele isimo ngangokusemandleni akho.a
Yiqiniso, uma wena nomzali wakho ningamaKristu futhi ehileleke ekuziphatheni okubi ngokungathi sína, njengokusebenzisa kabi utshwala noma ukuthukuthela okungalawuleki, uyozizwa unesibopho sokuqiniseka ukuthi izinto zidingidwa nabadala bebandla. (Jakobe 5:14) Lokhu ngeke kube isenzo sokungathembeki kodwa kuyoba umzamo wothando wokuqiniseka ukuthi umzali wakho uthola usizo aludinga kakhulu. Yiqiniso, abanye abazali baye basiphika ngentukuthelo isenzo esingalungile futhi bakhipha isijeziso ngasese, kodwa intsha ‘ehlupheka ngenxa yokulunga’ kulesisici ingaqiniseka ukuthi uJehova uyayamukela inkambo yayo yesibindi nokuthi ngesikhathi sakhe esifanele, uyoliveza obala iqiniso.—1 Petru 3:14; 1 Thimothewu 5:24, 25.
Ukukhandlekela Ukusindiswa Kwakho Siqu
USolomoni wathi: “Ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo.” (UmShumayeli 7:7) Ngokudabukisayo, enye intsha iye yadunyazwa isibonelo esibi sabazali bayo yase nayo iqala ukuziphatha kabi. Enye iye yathukuthelela ngisho noNkulunkulu futhi yashiya indlela yobuKristu! (IzAga 19:3) IBhayibheli liyaxwayisa: “Qaphela ukuba ulaka lungakuyengeli [ezenzweni] zonya. Ziqaphele ukuba ungaphendukeli kokulimazayo.”—Jobe 36:18-21, NW.
Kunokuba ukhathazeke ngokweqile ngokuma umzali wakho anakho noNkulunkulu, kudingeka ‘ukhandlekele ukusindiswa kwakho siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.’ (Filipi 2:12) Ezikhathini zasendulo, inkosana esencane okuthiwa uHezekiya yenza kanjalo ngaphansi kwezimo ezifanayo. Uyise, iNkosi u-Ahazi, wayethi ungumkhulekeli kaJehova. (Isaya 7:10-12) Eqinisweni wayengumkhulekeli wonkulunkulu bamaqaba, waze wanikela ngisho nangenye yamadodana akhe siqu njengomhlatshelo ongumuntu! (2 AmaKhosi 16:1-4) Cabanga ngendlela lokhukuhlubuka okudlangile okumelwe ukuba kwakucindezela ngayo kuHezekiya osemusha! IHubo 119:28, abanye abacabanga ukuthi lalotshwa yilenkosana eseyintsha, lithi: “Umphefumulo wami uyakhala ngosizi; ngivuse ngokwezwi lakho.”
UJehova wenza lokho kanye! Njengoba uHezekiya aphikelela emthandazweni nasekutadisheni iZwi likaNkulunkulu, ingokomoya lakhe lakhula naphezu kwezimo ezazimzungezile. (IHubo 119:97) Wayebaqaphela nabangane bakhe. (IHubo 119:63) Waba yini umphumela? Naphezu kwesibonelo esibi esasibekwe uyise ongumzenzisi, uHezekiya “wabambelela kuJehova.” (2 AmaKhosi 18:6) Nawe ungabambelela! Mhlawumbe umzali wakho ungumzenzisi, kodwa asikho isizathu sokuba nawe wenze kanjalo. Hlala ubambelele kuJehova, futhi mhlawumbe ngolunye usuku isibonelo sakho sokwethembeka buthule siyoshukumisela umzali wakho ekutheni ashintshe.
[Umbhalo waphansi]
a Lokhu akusho ukuthi osemusha kumelwe abekezelele ukuxhashazwa ngokomzimba noma ngokobulili. Osemusha osesimweni esinjalo kufanele afune usizo, ngisho noma lokhu kusho ukuyolufuna ngaphandle komkhaya.
[Izithombe ekhasini 25]
Akudingeki ukuba ushiyeke ngoba umzali wakho eshiyeka