Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 5/22 k. 27
  • Abefundisi Bazama Ukufinyelela Intsha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abefundisi Bazama Ukufinyelela Intsha
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kunake Njalo Ukufundisa Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Isizathu Sokuba Sidinge Ulwazi Oluqondile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Fundisa Abamnene Ukuhamba Endleleni KaNkulunkulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Singabasiza Kanjani Abanye Bagcine Imiyalo KaKristu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 5/22 k. 27

Abefundisi Bazama Ukufinyelela Intsha

“Izikhundla zabefundisi baseMcGill University . . . zathelekelwa iqembu lamaphanka anezinwele ezigcwele amafutha, namajakhethi esikhumba,” kubika i-Gazette yaseMontreal, eCanada. Nokho, “lamaphanka” ayengewona awohlobo oluvamile. Ayengabanye babefundisi—engabefundisi baseyunivesithi—futhi eyingxenye yalokho leliphepha elakubiza ngokuthi “iqembu elisha elishabashekayo lezazi zemfundiso yenkolo ezisebenzelana ngokuqondile nabafundi baseyunivesithi abafuna ukukhanyiselwa okungokomoya.”

Lababefundisi babegqoke ‘njengamaphanka’ ukuze banikeze umfanekiso oklanyelwe ukukhangisa ngezinkonzo zabo kuleyunivesithi. Omunye wabo, ongumfundisi weSonto LaseHabe obizwa ngokuthi uRoberta Clare, wachaza: “Sinqumé ukwenza umfanekiso wamaphanka ngoba sifuna ukusuka kulowombono wokuba ngcwele kunabanye, owahlulelayo abantu ngokuvamile abanawo ngathi.”

Nokho, waphawula ukuthi abafundi abaningi kakhulu kunasesikhathini esidlule banesithakazelo sokufunda ngenkolo esikoleni. Abaningi bashikashikana nemibuzo ejulile futhi babheka kubafundisi nabefundisi baseyunivesithi ukuze bathole izimpendulo. Leliphepha laxoxa nomunye umfundi owayenelukuluku lokwazi ukuthi kungani inkolo inethonya elinamandla kangaka emphakathini, kungani kunezinkolo eziningi kangaka, nokuthi kungani lezizinkolo zibonakala zibangela izingxabano eziningi kangaka emhlabeni. Wayeshikiliswa ukuthi ungubani ngempela uJesu Kristu kanye nendaba yomsuka wendawo yonke.

Ingabe lababefundisi bayalisebenzisa iBhayibheli ukuze basize abafundi bathole izimpendulo zikaNkulunkulu zemibuzo ejulile enjalo? Kubonakala sengathi akuvamile lokho. Lezizazi zemfundiso yenkolo zeNhlangano Entsha zavumelana ngokuthi ngeke ziguqule muntu, lokho ezikubheka ‘njengokweba izimvu.’

Nakuba bengase babe nezinhloso ezinhle, abefundisi abanjalo baye bachezuka kakhulu ezindleleni zokufundisa uKristu nabalandeli bakhe ababezisebenzisa. AmaKristu okuqala awazange akhathazeke ‘ngokweba izimvu,’ engazange futhi azigodle ekufundiseni iZwi likaNkulunkulu nasekusizeni abafuni beqiniso abaqotho ukuba baliqonde. (Luka 24:44, 45; IzEnzo 20:20) Ingani kudingeka ulwazi olunembile lukaJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, ukuze umuntu athole ukuphila okumi phakade. (Johane 17:3) Intando kaNkulunkulu iwukuba zonke izinhlobo zabantu “zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso” ukuze zisindiswe.—1 Thimothewu 2:3, 4.

Umsebenzi woFakazi BakaJehova uhlanganisa nokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala kanye nalabo abafisa ukuba imibuzo yabo engokweBhayibheli iphendulwe. OFakazi BakaJehova abasemphakathini wakini bayokujabulela ukukusiza.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela