Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 4/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 4/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Inkululeko Yokucabanga Ngangivamé ukuvumela ingqondo yami ukuba izule, igxile emicabangweni engemihle. Kungakho ngamangala lapho ngifunda isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ingabe IBhayibheli Liyayenqabela Inkululeko Yokucabanga?” (June 8, 1994) Ngangingaqapheli ukuthi uJehova uNkulunkulu angakubheka njengesono uma umuntu ecabanga ngamabomu ngenkambo engalungile. Ngiyambonga uJehova ngokunginika iseluleko esiqonde kanjalo esizongisiza ukuba ngilungise ukucabanga kwami okugwegwile!

J. P., Philippines

Izinkinga Zothando Ngiyabonga kakhulu ngezihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Uma Ngithandana Nomuntu Ongakholwa?” (May 22, 1994) nesithi “Ngingayeka Kanjani Ukuthanda Othile?” (June 8, 1994) Othile engisebenza naye waba nemizwa enamandla ngami, nami ngazithola esengikhanga. Ngangazi ukuthi lokhu kwakungalungile futhi ngacela usizo kuJehova ngomthandazo. Lapho ngibona lezizihloko, ngazifunda ngokuphindaphindiwe. Manje ngiyaqaphela ukuthi ubuhlungu benhliziyo obungaba khona ngokunqamula lobubuhlobo bungcono kakhulu kunezinkinga zokuphila konke ezingabangelwa ubuhlobo obulimazayo.

P. J., United States

Kubonakala sengathi lezizihloko zazibhalelwe mina! Ngiyazibuza ukuthi yini eyayizongehlela ukuba lezizihloko azinyatheliswanga. Ngiyabonga ngokuthi niyazazi izinkinga intsha ebhekana nazo.

S. J., Nigeria

Ngithathekile ngomfana engifunda naye. Uyabukeka impela futhi umnene kakhulu. Nokho, selokhu ngafunda lesisihloko ngilokhu ngizibuza, ‘Ingabe unemigomo nendlela yokuphila enjengeyami?’ Ngemva kokucabangela lokhu, ngiyaqaphela ukuthi ngiye ngaba yisiwula kangakanani kuze kube manje. Ngifuna ukukuqeda ngokushesha lokhu kuthatheka!

S. T., Japan

Ngathandana nomuntu ongakholwa futhi ngashada naye. Wayeba khona emihlanganweni yobuKristu ukuze nje angijabulise. Ngemva kokuba sesishadile, washintsha. Waze wazama ngisho nokungiyekisa ukukhonza uJehova. Wabe esengishaya futhi wangathembeka. Manje sengihlukanisile. Kwangathi bonke abasha bangabona ukuthi kuyingozi kangakanani ukuphola nomuntu ongakholwa! Angifisi ukuba kube nomuntu obhekana nalokho engabhekana nakho.

T. F., Puerto Rico

Ukucindezeleka Ngiyabonga kakhulu ngesihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Yini Engakusiza Ukuba Ubhekane Nokucindezeleka?” (September 8, 1994) Ngakhuliswa njengomKristu kodwa ngalishiya iqiniso lapho ngiseminyakeni eyevile eshumini nambili. Sekuyiminyaka emithathu ngibuyile manje, kodwa ngishade nomuntu ongakholwa. Ngivame ukuzindla ngamaphutha engawenza, ngingaqapheli ukuthi yisona sizathu ebesingenza ngicindezeleke kangaka. Ngiyabonga ngokungisiza ngibone ukuthi akulungile ukugxilisa ingqondo ezintweni zesikhathi esidlule. Kunalokho, kufanele ngigxile ekusaseni lami.

R. L., United States

Nabonisa ukuthi ‘bonke abantu bayacindezeleka.’ Ngineminyaka engu-21 ubudala futhi nginokucindezeleka okukhulu. Sengilaliswe esibhedlela kabili ezinyangeni ezingu-8 nginenkwantshu nezinhlungu zekhanda ezibangelwa ukucindezeleka. Isikhathi ngasinye odokotela baye bangitshela ukuthi ngimncane kakhulu ukuba ngingacindezeleka. Ngakho isihloko senu sanginikeza impumuzo ethile.

V. P., United States

Isifundo Sesayensi Yokuma Komhlaba Ngiyintombazane eneminyaka engu-11 ubudala, futhi ngasijabulela kakhulu isihloko esithi “Iziqhingi Ezintantayo ZaseLake Titicaca.” (June 22, 1994) Ekilasini lesifundo sesayensi yokuma komhlaba uthisha wasibuza ukuthi bakhona yini abantu abahlala eLake Titicaca. Balandula bonke engangifunda nabo. Njengoba ngase ngifunde le-Phaphama!, ngavuma. Uthisha wangibuza ukuthi ngikwazi kanjani lokho, okwanginikeza ithuba lokuba ngimnikeze ubufakazi obuhle.

S. B., Italy

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela