Usuku Okungafanele Ulukhohlwe
Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu wahlanganyela isinkwa esingenamvubelo nendebe yewayini nabaphostoli bakhe futhi wathi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”—Luka 22:19.
Kulonyaka lomkhosi uzoba ngoLwesihlanu ngo-April 14 ngemva kokushona kwelanga. Ngenxa yomyalo kaJesu, izigidi zoFakazi BakaJehova nabantu abathakazelayo emhlabeni wonke bayobe behlangene ngalobubusuku obukhethekile ukuze baphinde lesiSikhumbuzo ngendlela uJesu ayala ngayo. Umenywa ngokufudumele ukuba uhlanganyele nathi. Siza ubonane noFakazi BakaJehova bangakini ukuze uthole isikhathi esiqondile nendawo yokuhlangana.