Ubani Obafundisa Ngobulili?
YEKA injabulo elethwa ingane esanda kuzalwa! Abazali bayayijabulela, bayidlalise, futhi baxoxele abangane babo cishe ngakho konke ekwenzayo. Kodwa ngokushesha baqala ukuqaphela futhi ukuthi ibalethela nemithwalo yemfanelo eminingi emisha. Omunye wemithwalo yemfanelo ebaluleke kakhulu yisidingo sokuyifundisa ukuba izivikele ezweni eliqhubeka liba nokuziphatha okubi.
Abazali bangayisiza kanjani ingane yabo encane ethandekayo ukuba ikhulele ekubeni umuntu omdala ovuthiwe oyojabulela ukuphila komkhaya okufudumele nokujabulisayo futhi mhlawumbe akhulise abantwana bakhe siqu abesaba uNkulunkulu? Abanye abazali bangase babheke lokhu njengomsebenzi onzima kakhulu, ngakho ngokungangabazeki ukusikisela okuthile kuzokwaziswa kakhulu.
Ngokunokwenzeka abantwana bakho ubafundisa cishe ngendlela efanayo naleyo abazali bakho abakufundisa ngayo. Kodwa abazali abaningi bafundiswa okuncane, uma kukhona abakufundiswa, ngokuphathelene nobulili. Ngisho noma ngabe wafundiswa kahle, izwe lishintshile, futhi nezidingo zabantwana zishintshile. Ngaphezu kwalokho, abafundi abaningi balomagazini baye basebenzisa izindinganiso eziphakeme kanye nendlela engcono yokuphila. Ngakho, kufanele uzibuze: ‘Ingabe indlela engifundisa ngayo abantwana bami ihambisana nemibono enginayo njengamanje kanye nezidingo ezikhulayo zabantwana bami?’
Abanye abazali bayekela abantwana babo ukuba bazitholele bona ukwaziswa okunjalo. Kodwa ukwenza kanjalo kuphakamisa imibuzo esabisayo: Yini abazoyizwa? Nini? Kubani, futhi ngaphansi kwaziphi izimo?
Lokho Izikole Ezikufundisayo
Abazali abaningi bathi: “Hhiya, lokho bazokufunda esikoleni.” Izikole eziningi ziyafundisa ngobulili, kodwa zimbalwa kuzo ezifundisa ngokuziphatha. Ngo-1987 owayenguNobhala Wezemfundo WaseU.S. uWilliam J. Bennett wathi izikole zibonisa “ukungakunaki ngamabomu ukwenza umehluko wokuziphatha.”
UTom, onguyise wamadodakazi amahle amabili, wabuza ummeleli wesikole sawo: “Kungani ningavele nje nithi ubulili ngaphandle komshado abufanele?” Wathi ubengathanda ukusho lokho kodwa isikole asinakulokotha sicasule omama abangashadile abanabantwana kanye namasoka abo abahlala nawo. Khona-ke, izikole ziyaye zitshele abafundi ukuthi banakho ukukhetha kodwa azivamile ukusho ukuthi ikuphi ukukhetha okufanele.
‘Ngizothenga Incwadi’
Abanye abazali bangase bathi: “Ngizobathengela incwadi.” Mhlawumbe incwadi ekahle ingasiza, kodwa kufanele uqaphelisisise ukuthi uyavumelana nalokho ekushoyo. Zimbalwa izincwadi eziphathelene nalendaba eziyiphathayo eyokuziphatha okuhle noma ngisho zikhulume ngokuhle nokubi. Ezinye empeleni ziyazitusa izenzo zokuziphatha okubi. Futhi ngempela incwadi eyivela kancane eshoyo ukuthi ubulili kufanele bugcinelwe umshado kuphela.
Khona-ke, umthwalo wemfanelo wokufundisa abantwana izimiso zokuziphatha ubuyela emuva lapho uNkulunkulu awubeka khona ekuqaleni—kubazali babo ababathandayo. IBhayibheli latshela obaba: ‘Ubafundise impela [imithetho kaNkulunkulu] abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.’—Duteronomi 6:7.
Empeleni, abazali bangaba abafundisi babantwana babo abangcono kakhulu. Ayikho incwadi noma isikole okungake kuthathe indawo yamandla enkolelo yabo enamandla noma esibonelo esihle somkhaya. Njengoba uWilliam Bennett ekubeka: “Ukuhlola kubonisa ukuthi lapho abazali bewumthombo oyinhloko wemfundo yobulili, akuvamile ukuba abantwana bahlanganyele ebulilini. . . . Abazali, ngaphezu kwanoma ubani omunye, bafeza indima ebalulekile.”
Nokho, abanye abazali besaba ukuthi ulwazi lungaholela esenzweni sokuhlola. Lokhu ngokusobala kuxhomeke ngezinga elikhulu kulokho okufundiswayo nasekuthini kufundiswa kanjani. Iqiniso liwukuthi intsha izokuzwa ngobulili. Ingabe akungcono yini kakhulu ukuba bafunde ngendlela eqondile nehloniphekile kubazali abanokuziphatha okuhle nabanothando kunakothile osemgwaqweni noma egcekeni lesikole noma kubantu abadala abathambekele ekungcoleni kokuziphatha?
Kodwa umbuzo uyasala: Ungazifundisa kanjani lezizinto ngendlela kaNkulunkulu nehloniphekile? Lapho intsha izwa ukuthi “wonke umuntu uyakwenza,” ungayiqinisekisa kanjani ukuthi abantu abangcono kakhulu nabajabula kunabo bonke abakwenzi? Ungabasiza kanjani ukuba baqaphele ukuthi ukuphila ngomthetho weBhayibheli ‘wokudeda ebufebeni’ akuholeli nje kuphela ekuphileni okungcono kakhulu nokujabulisayo kodwa futhi kuwukuphela kwendlela ejabulisa uNkulunkulu? Izihloko ezilandelayo zizosikisela izimpendulo eziyinzuzo kulemibuzo ebalulekile.—1 Thesalonika 4:3.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
“Izindinganiso zokuziphatha abazali abazitshala kubantwana babo zisabonakala zingezibaluleke kakhulu.”—U.S.News & World Report