Kungani Izinto Ezimbi Zenzeka Kubantu Abalungile?
Ingaphansi kwentabamlilo yaseSan Salvador eEl Salvador kunedolobha laseSan Ramon, Ekuseni ngoSeptember 19,1982, kwatheleka kulo amagagasi amakhulu amathathu obishi. Lithola amandla ezimvula eziyisiphihli, igagasi lokuqala laliphakeme cishe izitezi ezimbili futhi lagingqa izimbokodwe zamatshe nezingodo. Lavula udonga olunokujula okungamamitha angama-50 nobubanzi obungamamitha angama-75, lagingqa uhlangothi Iwentaba-mlilo, nesivinini sasanda futhi landa ngobukhulu njengoba liqhubeka. Lapho lifika, ezansi, lashaya izindlu ezakhiwe ngezitini ezingashisiwe ezazisendleleni yalo.
Indlu kaAna yawa ngokushesha okusabisayo ngenxa yalelogagasi elingadambi. Amadodakazi akhe abambelela kuAna ekhala, “Sithandazele!” Khona-ke ubishi Iwabagqiba . . .
Nokho, ngokuzenzekelayo, uthayela wophahla waphonseka ebusweni buka-Ana, wamshiyela isikhala esincane sokuphefumula. Uthi, “Ngangilokhu ngimemeza ngicela usizo” Cishe emahoreni amane kamuva, omakhelwane balizwa izwi lakhe lokukhala futhi baqala ukumtakula. Watholwa egqitshwe ubishi lwaze lwafika ngaphansi kwamakhwapha akhe, kunezidumbu zamadodakazi akhe ayecindezeleke kuye obishini olucinanisayo.
ABANTU baseSan Ramon babethobekile futhi benobungane. Phakathi kwalabo abafa kwakunabaningi ababengamaKristu azinikezele, kuhlanganise nombhangqwana owawusanda kushada, uMiguel noCecilia, kanye nomkhaya owawunamalungu ayisihlanu izidumbu zawo ezatholwa zigqibeke obishini.
Nokho, inhlekelele ayibahlukanisi abantu abalungile nababi, okuyiqiniso abantu abaningi abalithola kunzima ukulamukela ngokukholelwa kuNkulunkulu onothando. Bayabuza, ’Hlobo luni lukaNkulunkulu, olungavumela ukuchitheka kokuphila okunjalo ukuba kwenzeke? Noma ngokuphathelene nalokho, kungenzeka kanjani ukuba uMuntu oPhakeme onamandla onke abukele abantu abagugi bangavikelwa, imikhaya esebenza kanzima ilahlekelwe iminotho yayo eye yayilondoloza kukho konke ukuphila, izinsizwa nezintombi ezisesikhathini sazo sokuphila esijabulisayo zinqotshwe yizifo ezibulalayo—futhi angenzi lutho?’
UHarold S. Kushner, umfundisi ongumJuda, wabuza imibuzo enjalo lapho ezwa ukuthi indodana yakhe yayizofa ngenxa yesifo esingajwayelekile. Ukuphathwa kabi okuxakayo kukaKushner owayedidekile. Uyakhumbula, “Bengingumuntu olungile. Ngangizama ukwenza okulungile emehlweni kaNkulunkulu. . . . Ngangikholelwa ukuthi ngangilandela izindlela zikaNkulunkulu futhi ngenza umsebenzi waKhe. Kungenzeka kanjani lokhu emkhayeni wami?” Ngemva kokucwaninga kwakhe izimpendulo wabhala lencwadi yakhe ethandwa kakhulu ethi When Bad Things Happen to Good People.
UKushner ungomunye nje weziningi izazi zezenkolo eziye zazama ukuphendula umbuzo wokuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi. Empeleni, umuntu uye wammangalela uNkulunkulu. Isiphi isinqumo uKushner nezinye izazi zezenkolo abaye bafinyelela kuso? Ingabe isinqumo sabo singesokulunga?