Indlela Abanye Abachaza Ngayo Ukuvumela KukaNkulunkulu Ububi
UNKULUNKULU—ingabe unecala noma akanacala lokubangela ukuhlupheka komuntu? Lombuzo uphakama kakhulu lapho kunezinhlekelele, kungakhathaliseki ukuthi zehlela umuntu ngamunye noma zingezesilinganiso esikhulu njengaseSan Ramon. Iphephabhuku laseBrithani iThe Evangelical Quarterly lithi: “Esinye seziphazamiso ezinkulu zokukholelwa kuNkulunkulu onamandla onke, onothando, kuwukuba khona kokuhlupheka okubonakala kungafanelekile emhlabeni.”
Khona-ke abanye bayosola uNkulunkulu ngokukuvumela—uma kungekhona ukukubangela ngokoqobo—ukuhlupheka. Isazi sezenkolo uJohn K. Roth wabhala: “Umlando ngokwawo uyicala likaNkulunkulu. . . . Ningakuthathi kalula lokho okuhlanganisa umthwalo wemfanelo kaNkulunkulu.”
Nokho, eziningi izazi zezenkolo kusukela kuAugustine, ziye zakulwela ngokunamandla ukungabi nacala kukaNkulunkulu. Isazi sefilosofi sekhulu leshumi nesikhombisa leminyaka uLeibniz waqamba igama lalesisenzo ngokuthi: itheodicy, noma “ukulwela uNkulunkulu.”—Bheka ikhasi 6.
Imfundiso Engokwenkolo Inikeza Ubufakazi
Imizamo yokuhlanza uNkulunkulu ekusolweni iye yaqhubeka kwaze kwaba izikhathi zanamuhla. UMary Baker Eddy, umsunguli weSonto lesayensi yobuKristu, wazama ukuxazulula lenkinga ngokuphika ukuba khona kwabo kanye ububi! KuScience and Health With Key to the Scriptures, wabhala: “uNkulunkulu . . . akazange amenze umuntu ekwazi ukwenza isono. . . . Ngakho, ububi bumane nje buyinkohliso, futhi abunaso isisekelo sangempela.”—Omalukeke sizenzele.
Abanye baye bathethelela uNkulunkulu ngesisekelo sokuba khona kobuhle obucatshangelwayo ekuhluphekeni. Umfundisi wake wathi: “Ukuhlupheka kuba khona ukuze kuphakamise umuntu, kuhlunge imicabango yakhe yokuqhosha nobuzenzisi.” Ngokuphathelene nalokhu, ezinye izazi zenkolo ziye zaveza umqondo wokuthi ukuhlupheka emhlabeni “kuyadingeka ukuze kusilungiselele ukuba nobuntu obuhle ngenxa yokuphila eMbusweni wasezulwini wesikhathi esizayo.”
Kodwa ingabe kunengqondo ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu uletha noma avumele izinhlekelele ukuze ahlunge futhi ajezise abantu? Ngokuqinisekile labo abagqibeka bephila eSan Ramon abazange babe nalo ithuba lokuthuthukisa izimfanelo zabo zokuziphatha. Ingabe uNkulunkulu wababhubhisa ukuze labo abasindayo bafunde isifundo? Uma kunjalo, sasiyini isifundo?
Khona-ke, ngokuqondakalayo incwadi kaKushner ethi When Bad Things Happen to Good People inesasasa elikhulu. Ngenxa yokuthi umlobi wayo wabuzwa ngokwakhe siqu ubuhlungu bokuhlupheka, wazama ukududuza abafundi bakhe, ebaqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu ulungile. Nokho, lapho kuziwa ekuchazeni ukuthi kungani uNkulunkulu evumela abantu abangenacala bahlupheke, isizathu sikaKushner sasingavamile. “uNkulunkulu ufuna ukuba abantu abalungile baphile ukuphila okunokuthula, okujabulisayo,” kuchaza uKushner, “kodwa ngezinye izikhathi naYe akakwazi ukukwenza lokho.”
Kanjalo-ke uKushner wazisa abantu ngoNkulunkulu ongemubi kodwa obuthakathaka, ngandlela-thile uNkulunkulu ongaphansi kukaMninimandla onke. Nakuba kunjalo, ngokumangalisayo uKushner usabakhuthaza abafundi bakhe ukuba bathandazele usizo lwaphezulu. Kodwa ngokuphathelene nokuthi loNkulunkulu ocatshangelwa njengonamandla alinganiselwe angaba kanjani usizo lwangempela, uKushner akacacisi.
Inkulumo-mpikiswano Yasendulo
Ngakho-ke izihlakaniphi zezenkolo zezwe ziye zahluleka ukulwela uNkulunkulu ngokwanelisayo nokunikeza induduzo yangempela ezisulwini zobubi. Mhlawumbe akuyena uNkulunkulu okumelwe asolwe kodwa ulwazi olungokwenkolo! Ngenxa yokuthi lezimfundiso eziphikisanayo zimane nje ziphinda imicabango eyize eyashiwo cishe eminyakeni eyizinkulungwane ezine edlule. Ngalesosikhathi kwaba khona inkulumo-mpikiswano eyayigxile ezinhluphekweni zomuntu owesaba uNkulunkulu ogama lakhe linguJobe, umuntu waseMpumalanga ocebile nodumile owaba yisisulu sezinhlekelele eziwuchungechunge. Ngokulandelana okusheshayo uJobe wabhekana nokulahlekelwa yingcebo yakhe, ukufa kwezingane zakhe, futhi ekugcineni, kwaba yisifo esenyanyekayo.—Jobe 1:3,13-19; 2:7.
Labo ababizwa ngokuthi abangane abathathu beza ukuzosiza uJobe. Kodwa kunokuba bamduduze, bamhlasela ngolwazi olungokwenkolo. Umongo wempikiswano yabo wawuwukuthi: ’uNkulunkulu okwenzile lokhu kuwe, Jobe! Ngokusobala ujeziselwa okuthile okubi okwenzile! Ngaphandle kwalokho, uNkulunkulu akazethembi neze izinceku zakhe.’ (Jobe 4:7-9, 18) UJobe wayengaqondi ukuthi kungani kwakubonakala sengathi uNkulunkulu ‘wayemmise waba yisigcibisholo.’ (Jobe 16:11,12) Ngokwenzuzo yakhe, uJobe walondoloza ubuqotho bakhe futhi akazange asho ngokuqondile ukuthi ububi buvela kuNkulunkulu.
Nokho, abaduduzi bakaJobe, empeleni, ‘babethi uNkulunkulu mubi’ ngokusho kwabo ukuthi wonke umuntu ovelelwa yinhlekelele wayejeziselwa ububi abenzile. (Jobe 32:3, NW) Kodwa ngokushesha uNkulunkulu wayilungisa imibono yabo eyiphutha.