Ikhasi Lesibili
Ubuhle, ukwahlukahluka, kanye nomklamo endalweni kuholela abaningi ukuba bakholelwe ukuthi kumelwe kube noMdali ohlakaniphile. Nokho, ngabanye abaningi, isiphazamiso esikhulu ekukholelweni kwabo kuNkulunkulu ukuba khona kokuhlupheka nobubi emhlabeni. Uma ‘uNkulunkulu eluthando,’ kungani evumela izinto eziningi kangaka ezimbi ukuba zenzeke kubantu abalungile? Ingabe zikhona izizathu ezizwakalayo zokuvumela kukaNkulunkulu ububi? Ingabe sikhona isizathu sokukholelwa ukuthi ububi buyophela esikhathini esizayo esiseduze?