INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO
Izinto Ezinyathelisiwe Kulenkathi Yezobuchwepheshe
EPHRELI 1, 2026
Uma ufuna ukufunda iBhayibheli noma ezinye zezincwadi zethu, ujwayele ukusebenzisani? Abaningi bethu abasayisebenzisi incwadi noma umagazini, kunalokho sebesebenzisa ifoni noma ithebhulethi. Empeleni, kungenzeka ukuthi kwalesi sihloko usifunda emshinini wezobuchwepheshe. Sibonga kakhulu ngokuthi manje izincwadi zethu seziyatholakala kuyi-JW Library nakuyi-jw.org!
Kungani izincwadi zethu sesizifaka emishinini yezobuchwepheshe? OFakazi abaningi bakhetha ukusebenzisa ezobuchwepheshe ngoba kulula ukuzisebenzisa futhi bakwazi nokwenza izinto abangakwazi ukuzenza ezincwadini ezinyathelisiwe. Nakuba sisaqhubeka nokuhambisa izincwadi enkonzweni, manje sesigxile kakhulu ekuqaleni izingxoxo.
Ngenxa yalokho, izinto esizinyathelisayo sezehle ngamaphesenti angu-60 uma kuqhathaniswa naseminyakeni eyishumi edlule! Ngo-2015, ngaphambi kokuba abantu abaningi badawunilode izincwadi kuyi-JW Library, imishini yethu yokunyathelisa yayisebenza amahora angu-16 usuku ngalunye. Kwase kuhlelwa nokuba eminye isebenze amahora angu-24 ngoba kwakunesidingo esikhulu sezincwadi ezinyatheliswayo. Namuhla, imishini yethu eminingi yokunyathelisa isebenza amahora angu-8.
Akuyona inhlangano yethu kuphela esinciphise izinto ezinyatheliswayo. Abacwaningi abaningi baqaphele ukuthi kule minyaka yakamuva sezinciphile izinto ezinyatheliswayo ezinjengamaphephandaba, omagazini neminye imithombo yezindaba. Njengoba izwe selithuthukele ezintweni zobuchwepheshe, sisekhona yini isidingo sokunyathelisa? Yebo, sisekhona! Ake sibone ukuthi kungani sisaqhubeka nokunyathelisa izincwadi nokuthi iminikelo yakho isetshenziswa kanjani ukuze kwenziwe lokhu.
Odade baseMalawi besebenzisa incwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade! ukuze baqhube isifundo seBhayibheli
Kungani Izincwadi Ezinyathelisiwe Zisadingeka?
Abanye abafowethu nodadewethu basathembele kuzo lezi zincwadi ezinyathelisiwe. Cabanga ngalezi zibonelo ezilandelayo:
“Ngisebenzisa izincwadi ezinyathelisiwe ngoba ayikho enye into engingayisebenzisa. Anginayo imali yokuthenga umshini wezobuchwepheshe, ngisho noma benginayo, endaweni esihlala kuyo uhamba njalo ugesi, okwenza kube nzima ukushaja imishini yezobuchwepheshe. Lokhu kwenza kungabi lula ukuthembela emishinini yezobuchwepheshe.”—U-Odete, waseMozambique.
“Anginayo imali yokuthenga umshini wezobuchwepheshe ngisho noma benginayo, eshibhile ayihlali isikhathi eside futhi idinga ukukhandwa njalo. Ngenxa yalokho bengingeke ngikwazi ukufunda izincwadi zami uma umshini usayolungiswa.”—ULinley, waseMalawi.
“Ngenxa yokuthi anginayo imali eyanele, mina namadodakazi ami amabili sisebenzisa ifoni eyodwa. Emihlanganweni yebandla siyashintshana, oyedwa uyayisebenzisa bese laba abanye ababili befunda encwadini enyathelisiwe.”—USinine, waseMicronesia.
Abanye abafowethu nodadewethu banayo imishini yezobuchwepheshe kodwa bakhetha ukusebenzisa izincwadi ezinyathelisiwe. Phawula lokhu abakushoyo:
“Ngijwayele ukusebenzisa izincwadi ezisemshinini wezobuchwepheshe kodwa lapho ngilungiselela imihlangano ngikhetha ukusebenzisa izincwadi ezinyathelisiwe. Ngiyakuthanda ukufunda izincwadi nokuzibamba nje ngezandla zami. Ngithanda ukudwebela amaphuzu ayinhloko, ngibhale namanothi eceleni. Ngingakwenza lokho nasemshinini wezobuchwepheshe kodwa lapho ngikubhale encwadini, ulwazi olusentweni engiyifundayo lugxila kakhudlwana engqondweni nasenhliziyweni.”—UMárcia, waseBrazil.
“Ngikuthola kulula ukufunda izincwadi ezinyathelisiwe, aziwakhathazi amehlo ami njengoba kwenza umshini wezobuchwepheshe. Kanti-ke angimuhle kahle kwezobuchwepheshe. Kuba nzima lapho kufanele ngibhale amaphuzu, ngidawunilode noma ngithole engikufunayo.”—USelina, waseMozambique.
“Ngisebenzisa ifoni nekhompyutha usuku lonke. Kodwa uma ngifuna ukuba nesikhathi noJehova, ngikhetha ukungazisebenzisi ezobuchwepheshe ngisebenzise okunyathelisiwe. Lapho ngenza lokhu, ngikwazi ukufunda ngaphandle kweziphazamiso.”—UGuillaume, waseCanada.
“Uma ngixoxa nothile okokuqala enkonzweni, akulula ngaso sonke isikhathi ukumcela imininingwane yakhe yokuxhumana ukuze ngimthumele okuthile. Ngokuvamile kuba lula ukumnikeza incwadi enyathelisiwe. Kanti nezindawo esishumayela kuzo ziyingozi ngakho sizama ukungazisebenzisi njalo izinto zethu zobuchwepheshe.”—Umbonisi wesigodi oseNingizimu Melika.
Abaningi bakhetha ukusebenzisa izincwadi ezinyathelisiwe lapho belungiselela imihlangano
Yini esiyenzayo ukusiza abafowethu abadinga noma abakhetha ukusebenzisa izincwadi ezinyathelisiwe?
Ukuhlangabezana Nezidingo
Emagatsheni angu-9 anyathelisayo, siyaqhubeka sikhiqiza izincwadi ezinyathelisiwe. Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2025, sinyathelise izincwadi ezingaphezu kwezigidigidi ezingu-1,5 ezihlanganisa amaBhayibheli angaphezu kwezigidi ezintathu, izincwadi ezingaphezu kwezigidi ezingu-18 kanye namapheshana nezimemo ezingaphezu kwezigidi ezingu-941. Sisebenzise imali engaphezu kuka-R573 000 000 sinyathelisa lezi zincwadi. Ngaphezu kwalokho, eminyakeni emithathu edlule, sisebenzise imali engaphezu kuka-R164 000 000 sithuthukisa imishini yethu yokunyathelisa neyokuhlanganisa izincwadi.
Ukuze siyisebenzise ngokuhlakanipha iminikelo, sinyathelisa kuphela izinto abafowethu abazozisebenzisa. Njengoba kuveziwe ekuqaleni, sisazihambisa izincwadi lapho sishumayela kodwa sesigxile kakhulu ekuqaleni izingxoxo. Ngakho eminyakeni eyishumi edlule, ngokwesilinganiso ummemezeli oyedwa ubenyatheliselwa umagazini i-Phaphama! engu-86 ngonyaka kodwa manje sesincishisiwe leso sibalo saba umagazini ongu-11 ngonyaka. Ngenxa yokuthi oFakazi abaningi sebewasebenzisa njalo amakhadi anemininingwane ye-jw.org, manje sesikhiqiza isibalo esiphindwe kathathu samakhadi anemininingwane kunesango-2020.
“UNkulunkulu Ubakhathalela Ngempela Bonke Abantu”
Abafowethu nodadewethu bakwazisa kakhulu ukuthi sisaqhubeka nokunyathelisa izincwadi zethu. URicardo, waseBrazil, uthi: “Ngiyaziqhenya ngokuba ingxenye yenhlangano enothando olungaka neqikelelayo ukuthi wonke umuntu uyazithola izincwadi ezikhuthazayo ezivela eBhayibhelini, ngisho nalabo abangenayo imishini yezobuchwepheshe. Lokhu kwenza noma ubani “owomile” ‘nothanda’ ukufunda amaqiniso asindisa ukuphila awathole. (IsAmbulo 22:17) UBernard, waseTahiti, uthi: “Ngibonga kakhulu ngokuthi sinezincwadi ezinyathelisiwe. Ziwubufakazi bothando, ukuhlakanipha, nokucabangela kwenhlangano kaJehova, okwenza wonke umuntu—omncane noma omdala, ocebile noma ompofu—akwazi ukuthola izindaba ezinhle zoMbuso. Kubonisa ukukhathalela uNkulunkulu anakho ngomuntu ngamunye.”
U-Andréia, waseBrazil, uyajabula ngokuthi iminikelo yakhe isiza ekusekeleni ukunyatheliswa kwezincwadi. Uthi: “Inhlangano yethu isebenzisa izimali, isikhathi, namakhono, futhi yenze nomzamo wokuthi labo abangakwazi ukuthola izincwadi emishinini yezobuchwepheshe bakwazi ukuzithola. Lokhu kungenza ngiqiniseke ukuthi uNkulunkulu ubakhathalela ngempela bonke abantu. Ngisho noma ngabe iminikelo yami isetshenziselwa ukunyathelisa izincwadi kuphela, bengizoqhubeka nginikela ngenjabulo.”
Siyazisa kakhulu yonke iminikelo yenu, kuhlanganise naleyo eniyenza nge-donate.jw.org. Isenza sikwazi ukuqhubeka sinyathelisa izincwadi kulabo abazidingayo noma abakhetha ukusebenzisa zona.